IBhayibheli—Umthombo Wenduduzo Nethemba Ezweni Elinezinkathazo
1 Lelizwe ligcina abantu becindezeleke ngendlela emangalisayo futhi bedinga induduzo nethemba. IBhayibheli yilona kuphela eliwumthombo wenduduzo yangempela. Linikeza ithemba lezwe elisha lokulunga. (Roma 15:4; 2 Pet. 3:13) Incwadi i-Insight, Umqulu 1, ikhasi 311, iyaphawula: “Ngaphandle kweBhayibheli besingeke simazi uJehova, sizazi izinzuzo ezimangalisayo eziwumphumela womhlatshelo oyisihlengo kaKristu, futhi besingeke siqonde izimfuneko okufanele kuhlangatshezwane nazo ukuze sithole ukuphila okuphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wokulunga.”
2 Ngo-November sizodonsela ukunakekela okukhethekile endimeni efezwa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ekusizeni abantu ukuba babhekane nokucindezela kwezwe. Sizohambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Yini esingayisho eyosiza abantu abathambekele ekulungeni baqaphele ukuba yinzuzo kweBhayibheli?
3 Ngemva kokuzethula, ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Ngokunokwenzeka uyavuma ukuthi sizungezwe izinkinga ezingasiniki ukuthula kwengqondo. Singasitholaphi iseluleko esiwusizo esingasibonisa indlela yokubhekana nalezizinkinga? [Lindela impendulo.] Ngiye ngathola iBhayibheli linikeza ithemba ngoba lisifundisa indlela esingathola ngayo injabulo. [Funda uLuka 11:28.] Injongo yomsebenzi wethu iwukukhuthaza abantu ukuba bafunde iBhayibheli futhi bazuze ekufundiseni kwalo. Lensiza-kufundisa yeBhayibheli, ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, ingakusiza ukuba ukwazi ukukwenza lokho. Phawula lokho ekushoyo ngembangela yezinkinga eziningi zezwe. [Funda umusho wesibili wesigaba 9 ekhasini 187.] Uma ungathanda ukuyifunda lencwadi, ngingakujabulela ukukushiyela yona ngomnikelo ka-R3,50.”
4 Ungase ukhethe ukusebenzisa indlela elula enjengalena:
◼ “Sinesithakazelo ekukhuthazeni ukuba kube nenhlonipho enkudlwana ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngingathanda ukukunikeza lelipheshana, elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli. Lichaza ukuthi kungani singabheka eBhayibhelini ukuze sithole ithemba eliqinisekile lezwe elingcono. [Vula ekhasini 6, bese ufunda iHubo 37:29 kanye nesigaba sokuphetha.] Zifundele wena lelipheshana, kuyothi uma ngiphinda ngibuya, ungitshele ukuthi ucabangani ngethemba elinikezwa iBhayibheli.”
5 Abanye abamemezeli bangase bafune ukusebenzisa lendlela eqondile yokuqala isifundo seBhayibheli:
◼ “Ngikuhambele ukuba ngizokupha imfundo yamahhala etholakala ngesifundo seBhayibheli sasekhaya. IBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, futhi imfundo yalo ingasisiza ukuba siqondise izinto. Ngalensiza-kufundisa yeBhayibheli, ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngingathanda ukukubonisa ukuthi ungalifunda kanjani iBhayibheli. [Vula ikhasi 175, bese nixoxa ngezigaba 1-3 nomninikhaya. Kuye ngokwesithakazelo esiboniswayo, funda umbhalo owodwa noma emibili bese nixoxa ngephuzu elikuwo. Chaza ukuthi ukufunda imibhalo ekhonjiwe kuzomsiza kanjani umninikhaya ukuba azi imiqondo kaNkulunkulu ngezinto.] Ngingathanda ukubuya sizoxoxa ngalendaba ngokuqhubekayo. Wamukelekile ukuyithatha lencwadi ngomnikelo ka-R3,50 kuphela.”
6 IBhayibheli liwumthombo wenduduzo nethemba kanye neqiniso elingasiholela ekuphileni okuphakade. (Joh. 17:3, 17) Ukuhlanganyela ulwazi lweBhayibheli nabanye kuyamjabulisa uJehova, “othanda ukuba abantu bonke basindiswe.”—1 Thim. 2:4.