Basize Ukuba Babuye Balalele “Nangesinye Isikhathi”
1 “Siyobuye sikulalele nangesinye isikhathi ngalendaba.” (IzE. 17:32, NW) Basabela kanjalo abanye entshumayelweni edumile kaPawulu eMars’ Hill. Kungokufanayo nanamuhla, abanye bazimisele ukuzwa okwengeziwe ngesigijimi soMbuso esasihlanganyela nabo ekuhambeleni kwethu kokuqala.
2 Ingxenye enkulu yokufundisa kwethu siyenza lapho siphindela ukuze sihlakulele isithakazelo. Ukulungiselela kahle kuzosisiza ukuba sithole imiphumela emihle. Ikhasi 50 lencwadi ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole litusa lokhu: “Qala ngokuthola izizathu ezisekela indaba ngokukhanyayo engqondweni. Zama ukunquma ukuthi kungani into injalo. Bona noma ungayibeka imiqondo ngamazwi akho. Thola ukuqonda okuhle kobufakazi bomBhalo. Zimisele ukusebenzisa imibhalo ngokuphumelelayo.”
3 Uma wahambisa incwadi ethi “IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?,” ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Lapho sikhuluma esikhathini esidlule, saxoxa ngezizathu zokuthi kungani singathembela eBhayibhelini. Incwadi engakushiyela yona iphakamisa umbuzo othi, ‘Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?’ [Funda isethulo ekhasini 5, bese ulindela impendulo yombuzo osekugcineni.] IBhayibheli lisitshela ukuthi ngokushesha uNkulunkulu ngokwakhe uzoxazulula zonke izinkinga ezikhungathekisa isintu, futhi lisibonisa indlela okufanele sihambe ngayo ukuze sijabulele izibusiso zalesosikhathi esijabulisayo. [Funda iHubo 119:105.] Lencwadi iklanyelwe ukuba ibe usizo lwesifundo seBhayibheli somuntu siqu nesomkhaya. Ngingakujabulela ukukubonisa ukuthi ungayisebenzisa kanjani.”
4 Kubantu owabashiyela ipheshana elithi “Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli,” ungasho lokhu:
◼ “Sonke sinesithakazelo kulokho ikusasa elisiphathele khona. Ngenxa yezimo zamanje zezwe, ucabanga ukuthi kuzokwenzekani? [Lindela impendulo.] Nakuba abantu bengaqagela ukuthi kuzokwenzekani, uNkulunkulu ukwazi kahle lokho okuzokwenzeka. [Funda u-Isaya 46:10.] Kungase kumangalise ukwazi ukuthi iBhayibheli libikezela ukuthi ngokushesha sizojabulela izibusiso emhlabeni omusha oyipharadesi. [Funda isigaba sesithathu ekhasini 4.] Ake ngikutshele okunye ngalesisithembiso esimangalisayo.”
5 Uma uphindela lapho waqala khona isifundo seBhayibheli, mhlawumbe ungazama lendlela:
◼ “Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule ngakubonisa indlela esitadisha ngayo iBhayibheli sisebenzisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Saxoxa ngezigaba ezimbalwa ezisesahlukweni 13, ezibonisa indlela iBhayibheli elingashintsha ngayo ukuphila komuntu. Njengoba ngathembisa, ake siqhubeke nengxoxo yethu. Ungeza yini nencwadi yakho neBhayibheli?” Qhubeka nengxoxo lapho wayishiya khona, nixoxe ngezigaba 4-6 zesahluko 13. Yenza amalungiselelo okubuya nizoqhubeka nengxoxo.
6 Ayikho ingcebo enkulu esingayidlulisela kwabanye kunolwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu. Ulwazi olunjalo lungafundisa abantu ukuba besabe uJehova futhi lubakhuthaze ukuba bahambe endleleni yakhe, eletha izibusiso zaphakade.—IzAga 2:20, 21.