Ukulungiselela—Isihluthulelo Sempumelelo
1 Ukulungiselela inkonzo kusengaphambili kuyokusiza ukuba unqobe noma ikuphi ukunqikaza ongase ube nakho ngokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Lapho ufika ezindlini, uyokwazi ukuthi yini ofuna ukuyisho kubaninikhaya. Ngeke ube nexhala ngezinselele ongase uhlangabezane nazo. Lapho ufika ekhaya ubuya enkonzweni, uyozizwa ukhuthazekile, wazi ukuthi wenze umzamo omuhle enkonzweni. Yebo, ukulungiselela kahle kuyisihluthulelo sokulola amakhono ethu okushumayela nokufundisa.
2 UPawulu wagcizelela ukulungiselela ngokusikhuthaza ukuba ‘izinyawo zethu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula.’ (Efe. 6:15) Lokhu kuhlanganisa ukulungiselela izingqondo zethu nezinhliziyo kanye nokuba nombono oqondile nesimo sengqondo esivumayo. Lapho sikulungele ukuhlanganyela iqiniso nabanye, ukuzikhandla kwethu kuyovuzwa ngesithelo soMbuso, kusenze sijabule.—IzE. 20:35.
3 Indlela Yokulungiselela Umsebenzi Wokushumayela: Kufanele sikhethe intshumayelo esizizwa sikhululekile ukuyisebenzisa, mhlawumbe kulezo ezisikiselwe encwadini ethi Ukubonisana noma lezo ezitholakala ekhasini lokugcina le-Nkonzo Yethu YoMbuso. Wucabangisise kahle umbhalo ohlela ukuwusebenzisa, unqume ukuthi yimaphi amazwi noma imisho ozoyigcizelela ukuze wenze iphuzu lakho eliyinhloko ligqame. Asikho isidingo sokuyisho ngekhanda intshumayelo; kunalokho, kungcono kakhulu ukuthola umqondo, uwubeke ngamazwi akho, bese uwusho ngendlela ocabanga ukuthi izokhanga okulalele.
4 Hlolisisa incwadi ohlela ukuyihambisa, bese ukhetha amaphuzu athile athakazelisayo angakhulunyelwa. Khetha okuthile ocabanga ukuthi kungathakazelisa abantu abasensimini yenu. Cabanga ngokuthi ungayishintsha kanjani intshumayelo yakho kubaninikhaya abahlukahlukene—indoda, owesifazane, umuntu omdala, noma osemusha.
5 Uke wazama ukuba nezikhathi zokuprakthiza? Hlanganani namalungu omkhaya noma abanye abamemezeli ukuze nixoxe ngokuthi iziphi izintshumayelo ezingaphumelela, bese niziprakthiza ngokuphumisela ukuze wonke umuntu zimcacele kahle engqondweni. Zamani ukusebenzisa izimo ezingokoqobo nezimpikiswano okungase kuhlangatshezwane nazo ensimini. Lokho kuprakthiza kuyothuthukisa ukuqephuza kwakho lapho ukhuluma, kuthuthukise ikhono lakho lokushumayela, futhi kwakhe ukuzethemba.
6 Ngalé kokulungiselela nokuprakthiza intshumayelo yakho, kufanele futhi uzibuze, ‘Ingabe izingubo engihlela ukuzigqoka ziyayifanelekela inkonzo? Ingabe esikhwameni sami nginakho engikudingayo, kuhlanganise nezincwadi engihlela ukuzisebenzisa? Ingabe zisesimweni esihle? Ingabe nginayo incwadi ethi Ukubonisana, amapheshana, umbhalo wendlu ngendlu, nepensela?’ Ukuhlela kahle kusengaphambili kuyokwenza ube nosuku olukhiqiza ngokwengeziwe enkonzweni.
7 Lapho sesenze konke esingakwenza ukuze sizilungiselele, kufanele sithandazele umoya kaJehova ukuba usisize siphumelele. (1 Joh. 5:14, 15) Ukuqaphelisisa ukulungiselela kuyosenza sithole injabulo enkulu emsebenzini wethu, njengoba ‘siyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.’—2 Thim. 4:5.