Ukuzinikela Ngokuzithandela
1 Umhubi uDavide waprofetha ukuthi abantu bakaJehova “bayozinikela ngokuzithandela”; okungukuthi, ‘njengezisebenzi zokuzithandela ezisukumela phezulu.’ (IHu. 110:3, umbhalo waphansi we-NW) Lokhu kuyagcwaliseka ngempela enhlanganweni yobuzalwane bomhlaba wonke. Phakathi nonyaka wenkonzo ngamunye kwemine edlule, abantu bakaJehova baye banikela amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso. Futhi kunezindlela eziningi, ngaphandle komsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi, esingazinikela ngazo ngokuzithandela ekusizeni abanye.
2 Izindlela Esingabonisa Ngazo Ukuzinikela Kwethu: Abanye ebandleni bangase badinge usizo lokuya emihlanganweni. Kungani ungasizi ngokuzithandela ngokuhamba nabo? Kungenzeka abanye bayagula, baxhwalile, noma basesibhedlela. Ingabe ungasithatha isinyathelo sokubavakashela noma ubasize ngandlela-thile? Kungenzeka kunomuntu noma umkhaya odinga isikhuthazo. Uke wacabanga yini ukubamema abantu abanjalo ukuba ngezikhathi ezithile beze esifundweni somkhaya wenu? Iphayona noma ummemezeli angase adinge umuntu angahambisana naye enkonzweni. Kungani ungasikiseli ukuba usebenze naye enkonzweni? Lezi ezinye zezindlela esingenza ngazo okuhle ngokuzithandela kulabo abahlobene nathi okholweni.—Gal. 6:10.
3 Abazalwane bangabonisa ukuthi bayafuna ukusetshenziswa enhlanganweni kaJehova ngokulwela ukufinyelela izimfanelo zokuba abadala nezinceku ezikhonzayo. (1 Thim. 3:2-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Njengoba siqhubeka sanda ngenani, kunesidingo sabazalwane abafanelekayo abazimisele ukuhola ekushumayeleni nasekufundiseni kanye nasekwaluseni amabandla.—1 Thim. 3:1.
4 Mhlawumbe abanye bethu bangazenza batholakalele inkonzo kaJehova ngezinga elithé xaxa ngokubhalisa njengamaphayona asizayo njalo ngezikhathi ezithile. Kanti ngokulungisa nje okuncane esimisweni sethu, singakwazi ukuba amaphayona asizayo aqhubekayo noma size ngisho singenele nenkonzo yamaphayona avamile. Ingabe izimo zethu zingasivumela ukuba sithuthele endaweni edinga usizo kakhudlwana? Ingabe singazenza sitholakalele ukukhonza eBethel futhi kanjalo sihlanganyele ngokuqondile entuthukweni yomsebenzi womhlaba wonke? Kuningi okwenziwayo nasekwakhiweni kwamaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano nezakhiwo zamagatsha emhlabeni wonke, lapho ukusebenza ngokuzithandela kudingeka khona kakhulu. Labo abaye bazinikelela lemisebenzi emihle bayaziswa kakhulu, futhi baye babusiswa ngokucebile!—Luka 6:38.
5 Lezi izikhathi ezivusa amadlingozi. UJehova, ngomoya wakhe, ufeza umsebenzi omangalisayo emhlabeni ngabantu bakhe abazinikela ngokuzithandela! Noma nini lapho uJehova, ngenhlangano yakhe, esimema ukuba sihlanganyele emsebenzini woMbuso owandisiwe, senza kahle ukuzibuza, ‘Ingabe ngisazinikela ngokuzithandela?’ Khona-ke kufanele ngomthandazo sihlole izinhliziyo zethu nezimo zethu. Ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kuyosishukumisela ukuba senze konke okusemandleni enkonzweni engcwele, ngaleyo ndlela senze inhliziyo kaJehova ijabule kakhulu!—Zef. 3:17.