Ukufakaza Kubantu Bazo Zonke Izilimi Nezinkolo
1 AmaKristu ekhulu lokuqala anikeza ubufakazi ngentshiseko kubantu ababekhuluma ezinye izilimi futhi ababenezinkolo ezihlukahlukene. Ngenxa yalokho, “ngonyaka ka-100 cishe zonke izifunda ezisemngceleni weMediterranean zase zinomphakathi wamaKristu.”—History of the Middle Ages.
2 Emasimini ethu amaningi kunezinhlobo ezihlukahlukene zabantu abakhuluma izilimi eziningi ezingafani. Abaningi baye bathutha emaphandleni nasemalokishini baya emadolobheni amancane namakhulu. Abantu abavela kulo lonke elase-Afrika baye bathuthela emadolobheni amakhulu beyofuna umsebenzi. Ngenxa yalokho, emadolobheni amaningi amancane namakhulu kunabantu bezinkolo ezihlukahlukene ezingezona ezobuKristu, kuhlanganise nezinkulungwane zamaBuddha, amaHindu, amaJuda namaSulumane. Ngenxa yalezi zilimi nezinkolo ezihlukahlukene, kuyinselele ngempela ukwazi ukuthi kufanele uxoxe kanjani futhi ubunikeze kanjani ubufakazi kubo bonke labo bantu esihlangana nabo. Empeleni, singase sibe nensimu yezithunywa zevangeli khona kanye endaweni esihlala kuyo. Singazilandela kanjani iziyalezo zikaJesu ‘zokushumayela futhi sinikeze ubufakazi obuphelele’ ngokufakaza kubantu bazo zonke izilimi nezinkolo?—IzE. 10:42.
Ukufakaza Kubantu Abakhuluma Olunye Ulimi
3 Ukwanda okukhulu kwabamemezeli abasha kuvela kubantu abakhuluma izilimi zabomdabu manje asebehlala ezindaweni ezazihlala abantu abakhuluma isiNgisi nesiBhunu. Kuye kwamiswa amabandla amaningi ezilimi zabomdabu kula masimu. Nokho, kuningi okusengenziwa.
4 Ukunqoba Isithiyo Solimi: Akungabazeki ukuthi abantu abaningi bafunda ngokushesha kakhulu futhi baqonde ngokujulile uma befundiswa ngolimi abaluncela. Abazalwane nodade abaningi baye bafunda olunye ulimi “ngenxa yezindaba ezinhle” nokuba ‘babe abahlanganyeli bazo nabanye.’ ((1 Kor. 9:23) Nakuba kwase kuphele iminyaka eminingi owesifazane othile okhuluma isiShayina engumzila kamagazini kadade othile okhuluma isiNgisi, lona wesifazane wasenqaba isifundo seBhayibheli kwaze kwaba yilapho omunye udade, owayefunda isiShayina emhambisela incwadi ngolimi lwakhe. Leyo ncwadi yamukelwa ngokushesha kanye nesifundo. Okwenza kwaba nalolu shintsho umzamo kadade wesibili wokukhuluma amazwi ambalwa ngolimi lwalona wesifazane.—Qhathanisa nezEnzo 22:2.
5 INqabayokulinda ka-November 1, 1992, yasho lawa mazwi ngesizathu esihle: “Ukufunda ulimi lwakwelinye izwe ngeke nje kuthuthukise ikhono lokucabanga labantu abasha kodwa futhi kuyobenza babe usizo ngokwengeziwe enhlanganweni kaJehova.” Amalungu amaningi omkhaya waseBethel aye enza umzamo wokufunda ulimi olusha. Ngaleyo ndlela, abazalwane ngokukhethekile baye baba usizo emabandleni okudingeka bahole kuwo. Uma wazi olunye ulimi noma uzimisele ukulufunda, nawe ungase ukwazi ukusiza ibandla noma iqembu elikhuluma ulimi lwakwelinye izwe.—Math. 9:37, 38.
6 Umzalwane waseFlorida, e-U.S.A., owafunda ulimi lwaseVietnam ngaphambi kokuba angene eqinisweni manje uyajabula kakhulu ngokuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu abakhuluma ulimi lwaseVietnam. Ukuze azenze atholakalele ukusebenzisa ulwazi lwakhe lwalolo limi ekufakazeni, wathutha umkhaya wakhe wanqamula izwe waya lapho kunendingeko enkulu khona ensimini yabantu baseVietnam. Selokhu athutha, uthola impumelelo enhle ekutadisheni iBhayibheli nabantu abaningi baseVietnam.
7 Udade oyiphayona waseCalifornia, e-U.S.A., wahlangana nabantu abaningi abayizithulu ensimini yakhe. Wathandaza ecela ukuba uJehova amsize athole othile owayengamfundisa ulimi lokukhuluma ngezandla ukuze akwazi ukubafundisa iqiniso. Ngolunye usuku lapho ethenga esitolo sendawo, kweza kuye intokazi ethile eyisithulu eyabhala phansi imcela ukuba ayisize ithole umkhiqizo othile eyayiwufuna. Ngemva kokuyisiza ukuba iwuthole, iphayona labhala phansi liyazisa ngesifiso salo sokufunda ulimi lwezandla ukuze likwazi ukusiza abantu abayizithulu endaweni yakubo. Lona wesifazane oyisithulu wabe esebhala, ebuza, “Kungani ufuna ukusiza abantu abayizithulu?” Udade waphendula: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngifuna ukusiza abantu abayizithulu ukuba baqonde iBhayibheli. Ngingakujabulela ukukufundisa iBhayibheli uma ungangifundisa ulimi lwezandla.” Udade uthi: “Awazi ukuthi ngajabula kanjani lapho ethi ‘Kulungile.’” Udade wayeya njalo kusihlwa emzini walona wesifazane amasonto ayisithupha. Wafunda ulimi lwezandla, futhi lona wesifazane oyisithulu wafunda iqiniso futhi wabhapathizwa! Lokho kwenzeka eminyakeni engaphezu kwengu-30 edlule, futhi udade oyiphayona usafakaza kubantu abayizithulu futhi manje uhlanganyela ebandleni elisebenzisa ulimi lwezandla.
8 Uma ulukhuluma kahle olunye ulimi, unesifiso futhi ungase ukwazi ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona kuleyo nsimu, kungani ungaxoxi ngale ndaba nabadala bebandla. Uma benomuzwa wokuthi uyakufanelekela ukuthutha, buza umbonisi wesifunda ukuthi ikhona yini indawo ongase ukwazi ukukhonza kuyo eseduzane. Uma ingekho, ungabhalela iNhlangano, abadala bathumele nencwadi evela kubo eveza umbono wabo ngokuthi uyakufanelekela yini futhi ichaze nangekhono lakho lokukhuluma lolo limi.—Bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1988, amakhasi 21-3.
9 Ukusebenzisa Amathuluzi Esiwalungiselelwe: Izincwadi zethu zitholakala ngezilimi eziningi ezikhulunywa ensimini yethu. Kungakuhle ukuhlala uphethe amapheshana nencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngezilimi ezikhulunywa ensimini yenu. Uma kusobala ukuthi umuntu akasazi kahle isiZulu, mbuze ukuthi iziphi izilimi akwazi ukuzifunda. Lokhu kungase kukwenze ukwazi ukukhetha ukuthi ungamhambisela incwadi yaluphi ulimi kwazifundayo. Ngokwesibonelo, umuntu okhuluma isiSwazi angase akwazi futhi nokufunda isiZulu.
10 Ngisho noma ungakwazi ukulukhuluma ulimi lomuntu ohlangana naye emsebenzini wokufakaza, usengakwazi ukuxoxa naye ngezindaba ezinhle. Kanjani? Ngokusebenzisa incwajana ethi Good News for All Nations. Inesigijimi esifushane esibhalwe ngezilimi ezingu-59. Njengoba iziyalezo ezisekhasini 2 lale ncwajana zichaza, lapho usutholile ukuthi umninikhaya ukhuluma luphi ulimi, mcele afunde indaba ebhalwe kule ncwajana ekhasini elifanele. Lapho esefundile, mbonise incwadi ngolimi lwakhe. Uma ungenayo, mbonise incwadi yesiNgisi. Mtshele ukuthi uzozama ukumlethela incwadi ngolimi lwakhe. Mbuze igama lakhe, bese ulibhala phansi kanye nekheli lakhe. Mhlawumbe le mininingwane ungayidlulisela ebandleni eliseduze noma eqenjini elisebenzisa lolo limi. Ukuze uthole iziqondiso ezengeziwe ngokuthi ungakudlulisela kanjani lokho kwaziswa kubazalwane abafanelekayo, bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1993 ikhasi 11. Uma kungekho muntu okhuluma lolo limi ongase alandelele lowo muntu, ungase ukwazi ukubhekana naleyo nselele, mhlawumbe ufunde ngisho nalowo muntu ulandela encwadini yesiZulu.—1 Kor. 9:19-23.
Ukufakaza Kubantu Bezinkolo Ezingezona EzobuKristu
11 Ukuba nolwazi oluthile ngesizinda esingokwenkolo somuntu kuyasisiza ukuba sinikeze ubufakazi obuphumelelayo ngoMbuso kaNkulunkulu. Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu isenza sibe nolwazi ngezinkolo ezinkulu zezwe okusenza siziqonde kahle izinkolelo zabantu ukuze sibasize bafinyelele ulwazi lweqiniso.
12 Ibhokisi elisekhasini lokugcina lalesi senezelo lisinikeza uhlu lwezincwadi esinazo manje eziye zalungiselelwa inhlangano kaJehova ukuba sizisebenzisele ukufakaza kubantu abangewona amaKristu. Ngokufunda lezi zincwadi, siyaqonda ukuthi singaxoxa kanjani nabantu ngezindaba ezinhle. Ithuluzi eliwusizo okungamelwe sililibale incwadi Ukubonisana. Amakhasi 21-4 aleyo ncwadi anokusikisela okuwusizo okumayelana nokuthi ungabaphendula kanjani abantu abangamaBuddha, amaHindu, amaJuda namaSulumane.
13 Khetha Amazwi Akho: Kufanele siqaphele ukuba singacabangi ukuthi abantu benkolo ethile bayafana ngokuphetha ngokuthi izinkolelo zabo ziyafana nezabo bonke abanye baleyo nkolo. Kunalokho, zama ukuqonda ukuthi umuntu ngamunye okhuluma naye ucabangani. (IzE. 10:24-35) Njengoba uSalimoon ayengumSulumane, wafundiswa ukuba akholelwe ukuthi iKoran iyizwi likaNkulunkulu. Kodwa wayengakwazi ukuyamukela ngokuphelele imfundiso yamaSulumane yokuthi uNkulunkulu onesihe angahlupha abantu esihogweni esivuthayo. Ngolunye usuku oFakazi BakaJehova bammemela emhlanganweni. Wavele nje wabona zisuka ukuthi leli yiqiniso, futhi manje ukhonza ngenjabulo njengomdala ebandleni lobuKristu.
14 Lapho sifakaza kubantu abanezinkolelo ezingezona ezobuKristu, kufanele siqaphele ukuthi indlela esikhuluma ngayo ayisilahlekiseli yini ithuba lokuxoxa nabo ngezindaba ezinhle. (IzE. 24:16) Abalandeli bezinye izinkolo abayithandi neze imizamo yokubakhipha enkolweni yabo. Ngakho phaphamela ukuthola amaphuzu enivumelana ngawo ukuze ubahehele eqinisweni eliphelele leZwi likaNkulunkulu. Abantu abanjengezimvu bayosabela lapho kuxoxwa nabo ngomusa futhi iqiniso belichazelwa ngokucacile.
15 Amagama esiwakhethayo nawo abalulekile ukuba siwacabangele, ngaphandle kwalokho singenza abantu bangawulaleli umyalezo wethu. Ngokwesibonelo, uma usheshe uzichaze ngokuthi ungumKristu, isilaleli sakho singase sivele sikuhlanganise namasonto eLobukholwa, okungase kube isithiyo. Kungase futhi kube usizo ukubiza iBhayibheli ngokuthi “imiBhalo” noma “imibhalo engcwele.”—Math. 21:42; 2 Thim. 3:15.
16 Uma uhlangana nomuntu wenkolo engeyona eyobuKristu futhi uzizwa ungakulungele ukunikeza ubufakazi ngaleso sikhathi, sebenzisa ithuba lokumane nje wakhe ubungane, umshiyele ipheshana, bese nazana amagama enu. Yibe usubuya ngemva kosuku noma ezimbili, lapho usukuhlomele kahle ukunikeza ubufakazi.—1 Thim. 4:16; 2 Thim. 3:17.
17 Ukufakaza KumaBuddha: (Bheka isahluko 6 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.) Izinkolelo zamaBuddha ziyahluka kakhulu kumBuddha ngamunye. Kunokusekela ukuthi kunomuntu onguMdali, ubuBuddha bugcizelela ukuthi indoda ethile eyiNdiya uBuddha Gautama, yekhulu lesithupha B.C.E., iyona okufanele ilandelwe. Lapho uGautama eqala ukubona umuntu ogulayo, umuntu ogugile nomuntu ofile, wakhathazeka ngokuthi iyini injongo yokuphila. ‘Ingabe abantu bazalelwa nje ukuba bahlupheke, baguge bese beyafa?’ ecabanga. Singakwazi ukuphendula leyo mibuzo yamaBuddha aqotho afuna ukwazi izimpendulo.
18 Lapho ukhuluma namaBuddha, gxila engxoxweni eyakhayo nasemaqinisweni acacile atholakala encwadini engcwele kunazo zonke, iBhayibheli. Njengabanye abantu abaningi, amaBuddha anesithakazelo esijulile ekuthuleni, ekuziphatheni okuhle nasekuphileni komkhaya, futhi ngokuvamile ayazijabulela lezo zingxoxo. Lokhu kungaholela ekuqokomiseni uMbuso njengekhambi langempela ezinkingeni zesintu.
19 Emadolobheni amaningi amakhulu, kunamaShayina anamathele enkolweni yamaBuddha nakwamanye amafilosofi asemazweni aseMpumalanga. Lapho udade othile eMontana, e-U.S.A., ebona indoda engumShayina esitolo, wayinikeza ipheshana ngolimi lwayo futhi wasikisela isifundo seBhayibheli. Yathi: “Usho iBhayibheli Elingcwele? Bengilokhu ngilifuna konke ukuphila kwami!” Yaqala ukufunda ngalo lelo sonto futhi yaqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano.
20 Sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi, udade oyiphayona eNevada, e-U.S.A, efundisa abafundi abangamaShayina iqiniso. Lapho esebenza esakhiweni esithile esinamagumbi angu-8 okuhlala kuwo laba bafundi, wathandaza kuJehova ukuba amsize aqale isifundo egumbini ngalinye. Kungakapheli ngisho namasonto amabili wayesefunda okungenani nomfundi oyedwa egumbini ngalinye. Indlela emsebenzela kahle iwukuba athi uthole ukuthi kunento ekhathaza bonke abafundi—bonke bafuna ukuthula nenjabulo. Ube esebuza ukuthi yilokho yini nabo okubakhathazayo. Njalo bayavuma. Udonsela ukunaka kwabo encwajaneni engangomagazini ethi Lasting Peace and Happiness—How to Find Them, eklanyelwe abantu abangamaShayina. Ngemva nje kokufunda izikhathi eziyisihlanu, omunye umfundi wamtshela ukuthi sekuphele isikhathi eside efuna iqiniso futhi manje uselitholile.
21 Ukufakaza KumaHindu: (Bheka isahluko 5 kwethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.) UbuHindu abunaso isivumo sokholo esiqondile. Ifilosofi yabo iyinkimbinkimbi kakhulu. AmaHindu akholelwa kunkulunkulu wawo omkhulu onguziqu-zintathu uBrahman (uBrahma uMdali, uVishnu uMlondolozi noSiva uMbhubhisi). Inkolelo yokungafi komphefumulo ibalulekile emfundisweni yabo yokuphindukuzalwa, evame ukwenza amaHindu onakalise ukuphila. (Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 319-23, kanye ne-Nqabayokulinda ka-May 15, 1997, amakhasi 3-8.) UbuHindu bufundisa ukuba uvumazonke, ukuthi zonke izinkolo ziholela eqinisweni elifanayo.
22 Indlela yokunikeza ubufakazi kumuntu ongumHindu iwukuchaza ithemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lokuphila phakade emhlabeni njengabantu abaphelele kanye nezimpendulo ezanelisayo ezinikezwa iBhayibheli emibuzweni ebalulekile sonke isintu esibhekene nayo.
23 Ukufakaza KumaJuda: (Bheka isahluko 9 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.) Ngokungafani nezinye izinkolo ezingezona ezobuKristu, ubuJuda bugxile emlandweni, hhayi ezinganekwaneni. NgemiBhalo YesiHeberu ephefumulelwe, bunikeza umzila obalulekile ekufuneni kwesintu uNkulunkulu weqiniso. Nokho, ngokuphambene neZwi likaNkulunkulu, imfundiso eyisisekelo yobuJuda banamuhla iyinkolelo yomphefumulo womuntu ongafi. Ukuvuma ukuthi sikhulekela uNkulunkulu ka-Abrahama nanokuthi sibhekana nezinkinga ezifanayo kuleli lizwe lanamuhla kungase kusetshenziswe njengesisekelo okuvunyelwana ngaso.
24 Uma uhlangana nomJuda ongakholelwa kuNkulunkulu, ukumbuza ukuthi ubelokhu ezizwa ngaleyo ndlela yini kungakusiza ukuba ubone ukuthi yini engamkhanga kangcono. Ngokwesibonelo, kungenzeka akakaze ayizwe impendulo eyanelisayo yokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. AmaJuda aqotho angase akhuthazwe ukuba aphinde ahlole ukuthi uJesu wayenguMesiya ngempela yini, hhayi ngendlela emchaza kabi yeLobukholwa, kodwa ngendlela abalobi bamaJuda bemiBhalo YesiGreki abamchaza ngayo.
25 Ukufakaza KumaSulumane: (Bheka isahluko 12 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.) AmaSulumane (noma, amaMoslem) akholelwa enkolweni yobu-Islam (noma, kaMuhammad), ehlanganisa ukukholelwa ku-Allah njengokuwukuphela kukankulunkulu wabo nakuMuhammad (570-632 C.E.) njengomprofethi wakhe wokugcina nobaluleke kunabo bonke. Ngenxa yokuthi awakholelwa ukuthi uNkulunkulu wayenendodana, amaSulumane abheka uJesu Kristu njengongeyilutho ngaphandle kokuba umprofethi kaNkulunkulu ophansi. IKoran, eneminyaka engaphansi kwengu-1400 ikhona, icaphuna kokubili emiBhalweni YesiHeberu neyesiGreki. Kunokufana okukhulu phakathi kobu-Islam nobuKatolika. Zombili lezi zinkolo zifundisa ngokungafi komphefumulo womuntu, isimo sokuhlushwa isikhashana nokuba khona kwesihogo esivuthayo.
26 Iphuzu elisobala esivumelana ngalo nabo inkolelo yethu yokuthi kunoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso nokuthi iBhayibheli laphefumulelwa nguye. Umfundi ocophelelayo weKoran uye wabona izikhombo ezibonisa ukuthi iTorah, amaHubo namaVangeli ziyizincwadi eziyiZwi likaNkulunkulu futhi uye wafunda ukuthi kufanele zibhekwe kanjalo futhi zihlonishwe. Ngakho, ungasikisela ukuba lezi zincwadi uzitadishe naye.
27 Le ntshumayelo ingase isebenze kothile ozichaza ngokuthi ungumSulumane: “Angikaze ngixoxe namaSulumane kangako, kodwa ngiye ngafunda kule ncwadi ngezimfundiso ezimbalwa zenkolo yakho. [Vula ikhasi 23-4 encwadini ethi Ukubonisana.] Ithi nikholelwa ukuthi uJesu wayengumprofethi kodwa uMuhammad waba ngumprofethi wokugcina futhi obaluleke kakhulu. Ingabe nawe uyakholelwa ukuthi uMose wayengumprofethi weqiniso? [Lindela impendulo.] Ingabe ngingakubonisa ukuthi yini uMose ayifunda kuNkulunkulu ngegama laKhe siqu?” Yibe usufunda u-Eksodusi 6:2, 3. Lapho ubuya, ningaxoxa ngesihlokwana esithi “One God, One Religion,” esisekhasini 13 lencwajana ethi The Time for True Submission to God.
28 Namuhla, abaningi benza ngokuvumelana namazwi ka-Isaya 55:6, afundeka kanje: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.” Lokhu kwenziwa yibo bonke abantu abanhliziyo ziqotho, kungakhathaliseki ulimi abalukhulumayo noma isizinda sabo esingokwenkolo. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu njengoba sizama ukuhamba ‘siyokwenza abantu bazo zonke izizwe abafundi.’—Math. 28:19.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izincwadi Eziklanyelwe Abantu Abangewona AmaKristu
AmaBuddha
“Bheka, Ngenza Konke Kube-kusha” (Incwajana engangomagazini)
In Search of a Father (Incwajana)
AmaHindu
From Kurukshetra to Armageddon—And Your Survival (Incwajana)
Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? (Incwajana engangomagazini)
The Path of Divine Truth Leading to Liberation (Incwajana)
Victory Over Death—Is It Possible for You? (Incwajana)
Why Should We Worship God in Love and Truth? (Incwajana engangomagazini)
AmaJuda
A Peaceful New World—Will It Come? (Ipheshana No. 17)
OFakazi BakaJehova—Yini Abayikholelwayo? (Ipheshana No. 18)
Will There Ever Be a World Without War? (Incwajana engangomagazini)
AmaShayina
Lasting Peace and Happiness—How to Find Them (Incwajana engangomagazini)
AmaSulumane
How to Find the Road to Paradise (Ipheshana)
The Time for True Submission to God (Incwajana)