IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Siyajabula ukunazisa ukuthi kuye kwanikezelwa amanye amaHholo OMbuso angu-8 phakathi nenyanga ka-November: Jericho (eBrits), Lower Xongora (Emtata), Mantšebo, Masoeling, Mohale’s Hoek (eLesotho), Newlands (eThekwini), Rusthof (eStrand) neQutubeni. IRusthof iyiHholo LoMbuso lokuqala elakhiwe ngokushesha eCape Town, ngakho izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kwekhulu zeKomiti Yokwakha Yesifunda yaseWitwatersrand zahamba ngezindleko zazo ukuze ziyosiza abafowabo. Umoya wazo wokuzidela uyatuseka ngempela futhi uyaziswa kakhulu.
SIZANI NIPHAWULE: Kunesidingo esikhulu samaHholo OMbuso engeziwe ezindaweni zasemaphandleni eNingizimu Afrika, kanye naseBotswana, eLesotho, eSwaziland nasendaweni eyayiyiTranskei. Khona-ke, sininxusa nonke nina eninamakhono okwakha futhi enizimisele ukusiza ukuba nisize nithintane neNhlangano ngokushesha ngangokunokwenzeka. Isizathu salokho ukuthi iNhlangano ihlela ukuba ngo-May 1998 ibe nomhlangano nawo wonke amaKomiti Okwakha Esifunda ukuze yethule indlela entsha yokwakha ebiza kancane. Uma uzimisele ukwakha lapho kunendingeko enkulu khona, nawe uyamenywa ukuba ube khona kulo mhlangano. Umgomo weNhlangano uwukusiza abafowethu ukuba bahlangabezane nenselele yokwakha amaHholo OMbuso, ngoba iNdikimba Ebusayo ifuna ukuba ngokushesha ibandla ngalinye libe neHholo lalo LoMbuso. Ngakho sicela ukuba lesi sicelo esingenhla nisicabangele ngomthandazo.