Khetha Izihloko Ezizovusa Isithakazelo Esikhethekile Kubantu
1 Njengabacibi abaciba ngokucophelela ngemicibisholo yabo, abamemezeli abaningi namaphayona emabandleni bayaphumelela kakhulu ngokusebenzisa izihloko ezithile ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ukuze bavuse isithakazelo esikhethekile sabantu abasensimini yabo. Bayacabangela ukuthi obani okungenzeka bathande ukufunda izihloko ezithile zomagazini. Bakwenza kanjani lokhu?
2 Okokuqala bawufunda wonke umagazini ngamunye. Bese bezibuza, Umuntu onjani oyokhangwa isihloko ngasinye? Kube sekwenziwa umzamo wokuhambela abantu abangase babe nesithakazelo sokufunda leso sihloko. Uma bebona sengathi umagazini othile uyokwamukelwa kakhulu ensimini yabo, ba-oda abengeziwe.
3 Omagazini Bethu Bahlonishwa Kakhulu: Othile owenza isikhokhelo somagazini bethu osebenzela inkampani kamagazini waseNigeria ofundwa kakhulu emhlabeni wonke wathi nge-Phaphama!: “Ngiyanihalalisela ngomagazini ongcono kakhulu wezithakazelo zomphakathi emhlabeni wonke.” Umfundi okhuthele womagazini bethu waphawula: “Yeka amagugu amangalisayo okuhlakanipha okungenakulinganiswa! Ayikho indaba enginesithakazelo kuyo engingatholi kukhulunywa ngayo emakhasini athile omunye [walab’omagazini].”
4 Lab’omagazini bakhuluma ngezinto eziningi ezihlukahlukene, kuhlanganise neBhayibheli, izenzakalo zezwe, izindaba zomkhaya, izinkinga zomphakathi, umlando, isayensi, ukuphila kwezilwane nezitshalo, uma sibala ezimbalwa nje. Ngokungangabazeki, umuntu uthambekele ekufundeni okuthile uma kuphathelene nezidingo, izimo nomsebenzi wakhe. Njengoba sikhuluma nabantu abaningi, ngamunye onezinto azithanda ngokukhethekile kanye nezinkinga zakhe, kuyaphumelela kakhulu ukukhetha izihloko ezizobakhanga ngokukhethekile abantu esihlangana nabo.
5 Phawula lokho okwenzeka lapho oFakazi ababili behambisela umlobi wephephandaba i-Phaphama! ka-September 8, 1996. Wabhala: “Ngaphambi kokuba ngithole ithuba lokuthi anginasithakazelo, omunye wabo wenezela: ‘Kunesihloko esikhuluma ngamaNdiya aseMelika. Siyazi ukuthi uye wabhala okuningi ngale ndaba.’” Wawuthatha umagazini, futhi ngesikhathi sokudla kwasekuseni, wayifunda le ndaba ekhuluma ngamaNdiya, kamuva wavuma ukuthi “yayibhalwe kahle kakhulu” futhi “yayiyiqiniso elimsulwa.”
6 Yini Ekhanga Abantu Ensimini Yenu? Yini oyibone komagazini ezinyangeni zamuva nje engakhanga abanini-zitolo nezifundiswa ezisensimini yenu noma omakhelwane bakho, osebenza nabo nofunda nabo? Yini engabakhanga ngokukhethekile abameli, othisha, abeluleki bemikhaya nabasezikoleni, abeluleki bentsha, abanikeza izinkonzo zomphakathi nabezokwelapha? Ukucabanga ngabantu oshumayela kubo lapho ucubungula umagazini ngamunye kuyokwenza ube nezindlela ezinhle kakhulu zokusakaza izwi leqiniso.
7 Lapho uthola umuntu obonisa isithakazelo esikhethekile kuyi-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! ethile futhi ebamukela omagazini, ungase uthi: “Uma kunesihloko komagazini bangesikhathi esizayo enginomuzwa wokuthi ungase ube nesithakazelo kuso, ngiyokujabulela ukukulethela ikhophi yawo.” Ungase ukwazi ukwenezela omunye umuntu emzileni wakho kamagazini, ubuyele njalo nomagazini bamuva. Lokhu kuyafana nalokho obekulokhu kwenziwa ukuze kutholwe isimemo sokubuyela kothile okungenzeka unesithakazelo ngokukhethekile ezihlokweni ezithile ezivela komagazini bethu.
8 Yiba Nomgomo Ongokomoya: Eminyakeni embalwa edlule, indoda egxile emsebenzini wokuziphilisa yathola i-Phaphama! eyayinesihloko esayikhanga. Nokho, le ndoda ethanda inkolo yafunda ne-Nqabayokulinda eyayihambisana nayo, eyayinesihloko esayishukumisela ukuba ihlolisise inkolelo kaZiqu-zintathu eyayisinesikhathi eside ikholelwa kuyo. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha yabhapathizwa! Ngakho, unganqikazi ukuhilela abafundi bomagazini bethu ezingxoxweni ezingokomBhalo. Ungase umbonise incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? bese uthembisa ukuxoxa naye ngesihloko esisodwa ngemizuzu embalwa nje njalo lapho ubuya nomagazini abasha.
9 Cabangisisa ukuthi obani ezimpindelweni zakho nakubantu osebenzelana nabo ngezebhizinisi abangase bakwazise ukuthola omagazini bamuva be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Yibe sewenza umzamo oqotho wokubafinyelela. Hambisela abantu abaningi ngangokunokwenzeka lab’omagazini abawusizo. Futhi ungakhohlwa nanini ukuthi njengoba ulwela ukusiza abantu abengeziwe ukuba bafunde omagazini bethu, ‘uthuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi.’ Ngokuhamba kwesikhathi, ungase uphumelele ekutholeni abafundi abazoba kanye nawe ngesikhathi esizayo.—UmSh. 11:1, 6.