Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/98 k. 1
  • Yakhanani Ngokuphendula Emihlanganweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yakhanani Ngokuphendula Emihlanganweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Dumisa UJehova Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Khuthazanani Emihlanganweni Yebandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Dumisa UJehova “Phakathi Kwebandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ibhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 11/98 k. 1

Yakhanani Ngokuphendula Emihlanganweni

1 KumaHeberu 10:24 sikhuthazwa ukuba “sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.” Lokhu kuhlanganisa nokwakhana ngokunikeza izimpendulo eziwusizo emihlanganweni yebandla. Kungani kufanele siphendule? Singakwenza kanjani lokhu? Obani abazuzayo?

2 Cabanga ngezikhathi eziningi ozuzayo ngazo lapho uzwa abanye benikeza izimpendulo ezilula nezicacile ezenza uqonde kangcono futhi zikuqinise ngokomoya. Nawe unelungelo lokubenzela okufanayo. Uma uhlanganyela, ubonisa isifiso sakho ‘sokudlulisela isipho esithile esingokomoya’ sokukhuthaza bonke abakhona.—Roma 1:11, 12.

3 Indlela Yokunikeza Izimpendulo Ezinhle: Unganikezi izimpendulo ezinde, ezihlanganisa wonke amaphuzu asesigabeni. Izimpendulo ezinde ngokuvamile azishayi emhloleni futhi zingase ziqede abanye amandla okuphendula. Impendulo yokuqala esigabeni kufanele ibe mfushane, iphendule umbuzo osencwadini. Khona-ke, labo abanikeza izimpendulo ezinezelayo bangabonisa indlela engokoqobo indaba esebenza ngayo noma babonise ukuthi imibhalo isebenza kanjani. Bheka INcwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 90-2.

4 Uma ukuphendula kukwenza ube nexhala, lungiselela impendulo emfushane kusengaphambili, bese ucela umqhubi ukuba akukhombe kuleso sigaba. Ngemva kokukwenza lokhu emihlanganweni eminingana, ukuhlanganyela kuyoba lula. Khumbula ukuthi uMose noJeremiya babengalethembi ikhono labo lokukhuluma obala. (Eks. 4:10; Jer. 1:6, umbhalo waphansi we-NW) Kodwa uJehova wabasiza ukuba bamkhulumele, nawe uyokusiza.

5 Ubani Oyozuza Ngezimpendulo Zakho? Uyazuza wena ngokwakho ngoba izimpendulo zakho zigxilisa iqiniso kakhudlwana engqondweni nasenhliziyweni yakho, okukwenza kube lula ukuba ukhumbule leyo ndaba kamuva. Futhi, abanye bayazuza ngokuzwa izimpendulo zakho ezakhayo. Siyakhuthazeka uma sonke, kungakhathaliseka ukuthi singomakad’ebona, sibancane, sinamahloni noma sisanda kuhlanganyela, senza umzamo wokukhuluma ngokholo lwethu emihlanganweni yebandla.

6 Ngokuqinisekile siyothola ukuthi ‘amazwi ashiwo ngesikhathi sawo mahle kangakanani’ lapho esetshenziselwa ukwakhana emihlanganweni!—IzAga 15:23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela