Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/99 k. 7
  • Ingabe Unalo I-oda Eliqhubekayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unalo I-oda Eliqhubekayo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Omagazini Bamemezela UMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 4/99 k. 7

Ingabe Unalo I-oda Eliqhubekayo?

1 Kwake kwenzeka yini ukuba uye emhlanganweni wenkonzo yasensimini wabe usuthola ukuthi awunabo omagazini esikhwameni sakho sasensimini? Nokho, khumbula isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995 esasinesihloko esithi “Basebenzise Kahle Omagazini Bethu.” Sasitshela ukuba “sibe ne-oda likamagazini elimile,” sithi: “Faka i-oda ongakwazi ukulifinyelela likamagazini ngamunye kumzalwane osingatha omagazini. Ngalendlela, wena nomkhaya wakho niyobathola njalo omagazini futhi nibe nabanele.” Ingabe usukwenzile lokhu?

2 Kungani ungafaki i-oda lomagazini eliqhubekayo? Uyozizwa unomthwalo wemfanelo owengeziwe wokuhambisa omagazini isonto nesonto, futhi uyoba nenjabulo eyengeziwe ngokwenza kanjalo. Uma kakade usunalo i-oda eliqhubekayo, bukeza kabusha ukuthi uthola inani olidingayo yini ngenyanga evamile enkonzweni. Yiqiniso, sifuna ukukholeka ekulithatheni i-oda lethu isonto ngalinye futhi kufanele sizizwe sinesibopho sokwenza kanjalo. Uma uzoke ungabi bikho ebandleni isikhathi eside, yazisa inceku ephatha omagazini uma ungathanda ukuba omagazini bakho ibanikeze omunye uze ubuye.

3 Sona leso senezelo esicashunwe ngenhla sathi futhi kufanele “sihlele usuku lukamagazini lwasikhathi sonke.” Ingabe ungalusekela yini uSuku Lukamagazini lwamasonto onke? Njengoba kuboniswa IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1999, lolu suku lungayo yonke iMigqibelo yonyaka! Ungakweyi ukubaluleka kokusakaza INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho senza umzamo wokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini kamagazini, sisuke ‘siletha izindaba ezinhle’ komakhelwane bethu.—Isaya 52:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela