Ngeke Kusaxoxwa Ngetekisi Losuku Emihlanganweni Yenkonzo Yasensimini
Esikhathini esidlule, imihlangano yenkonzo yasensimini yayingahlanganisa nengxoxo emfushane yetekisi losuku uma lihlobene nenkonzo. Lokhu sekuyashintshwa. Incwadi ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke akusafanele isetshenziswe njengesisekelo sengxoxo emhlanganweni wenkonzo yasensimini. Njengoba bekwenzeka ngaphambili, abaqhuba lo mhlangano bangasebenzisa iBhayibheli, INkonzo Yethu YoMbuso, ethi ISikole Senkonzo, Ukubonisana nokunye ukwaziswa okunyathelisiwe okuhlobene nenkonzo. Ababelwe ukuqhuba lo mhlangano kufanele balungiselele okuthile okusebenzisekayo okuyosiza labo abaya ensimini ngalolo suku. Njengasesikhathini esidlule, umhlangano akumelwe uthathe isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-10 kuya kwengu-15 futhi kumelwe ube mfushane kunalokhu uma ungemva komhlangano webandla.