Ukushumayela Emgwaqweni Ngendlela Ephumelelayo
1. Iyiphi indlela esingamlingisa ngayo uJesu?
1 Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wayengangabazi ukukhuluma nabantu ayehlangana nabo emgwaqweni nakwezinye izindawo zomphakathi. (Luka 9:57-61; Joh. 4:7) Wayefuna ukuhlanganyela isigijimi sakhe esibalulekile nabantu abaningi ngangokunokwenzeka. Namuhla, ukufakaza emgwaqweni kuyindlela enhle kakhulu yokusiza abantu bazuze ukuhlakanipha kwaphezulu. (IzAga 1:20) Impumelelo yethu iyothuthuka uma siya kubantu futhi sisebenzisa ukuqonda.
2. Kuhileleke kanjani ukuthatha isinyathelo sokuya kubantu uma usenkonzweni kamagazini?
2 Thatha Isinyathelo: Ngokuvamile kungcono ukuya kubantu kunokuma noma ukuhlala endaweni ethile ulinde abantu abadlulayo ukuba beze kuwe. Mamatheka, ubabheke emehlweni futhi ubonise isizotha nobungane. Uma nisebenza nabanye abamemezeli, ngokuvamile kungcono ukukhuluma nabantu ngokwahlukana. Kuyadingeka nokuthatha isinyathelo ukuze ulandelele labo abanesithakazelo. Uma kufaneleka, lapho niphetha ingxoxo, mbuze ngomusa lowo okhuluma naye ukuthi ungaxhumana kanjani naye. Abanye abamemezeli bahlale benza inkonzo kamagazini endaweni eyodwa, okubenza bakwazi ukukhuluma nabantu abafanayo ngokuphindaphindiwe futhi bakwazi ukulandelela isithakazelo.
3. Singakubonisa kanjani ukuqonda lapho sifakaza emgwaqweni?
3 Sebenzisa Ukuqonda: Yikhethe ngokuhlakanipha indawo ozokuma kuyo emgwaqweni nokuthi ubani ozokhuluma naye. Akudingeki ukuba ufakaze kuwo wonke umuntu odlulayo. Qapha. Ngokwesibonelo, uma umuntu ejahile, kungangcono umyeke adlule. Uma ufakaza phambi kwendawo yebhizinisi, sebenzisa ukuqonda ukuze ugweme ukubangela ukukhathazeka okungadingekile kumnikazi walo. Ngokuvamile kungcono ukukhuluma nabantu lapho bephuma kuleyo ndawo yebhizinisi kunalapho besayongena. Yiya kubantu ngendlela engeke ibethuse noma ibamangaze. Sebenzisa ukuqonda nalapho unika umuntu izincwadi. Uma umuntu engabonisi sithakazelo esitheni, ungase umnike ipheshana esikhundleni sikamagazini.
4. Kungani ukufakaza emgwaqweni kuwuhlobo lokufakaza oluzuzisayo nokujabulisayo?
4 Ukufakaza emgwaqweni kusisiza ukuba sisakaze inqwaba yembewu yeqiniso ngesikhashana nje. (UmSh. 11:6) Singase sihlangane ngisho nabantu esingabatholi emakhaya lapho senza umsebenzi wendlu ngendlu. Kungani ungahleli ukushumayela emgwaqweni, uhlobo lwenkonzo olujabulisayo noluphumelelayo?