Ukuthola Abathakazelayo Ngokufakaza Emgwaqweni Okuphumelelayo
1 UJesu wayala abafundi bakhe ukuba bafune abakufanele ukuzwa izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 10:11) Nokho, ezindaweni eziningi namuhla, kuya kuba nzima ngokwengeziwe ukuthola abantu emizini yabo. Ngakho yini engenziwa ukuze kufinyelelwe abafanele okungenzeka basalile?
2 Ukufakaza emgwaqweni kungaba indlela ephumelelayo yokuthola abantu esingazange sibathole lapho senza umsebenzi wendlu ngendlu. Umsebenzi wokufakaza emgwaqweni singawenza ezitobhini zamabhasi, eduze nezakhiwo okungangeni noma ubani kuzo, emapaki omphakathi, nakwezinye izindawo lapho abantu bephithizela khona befeza imisebenzi yabo yansuku zonke.
3 Uma kukhulunywa ngokufakaza emgwaqweni, abanye bayaye bangakhululeki. Kungenzeka baba madolo-nzima ukuhlanganyela kulowomsebenzi ngenxa yokuthi banamahloni noma bacabanga ukuthi bazokhahlanyezwa abantu abangasithandi isigijimi soMbuso. Ngokuvamile lezizizathu zokukhathazeka azisekelwe ndawo. Labo abanokuhlangenwe nakho kulomsebenzi babika ukuthi akunzima ngaphezu kokufakaza endlini ngendlu. Eqinisweni, baye bathola ukuthi abantu abaningi bakujwayele ukuba kuxoxwe nabo emgwaqweni ngezizathu ezihlukahlukene, futhi abanye bangase bathambekele kakhulu ekuxoxeni noma ekulaleleni ngaphezu kwalapho behanjelwa ekhaya. Ngakho uma siba “nesibindi,” singase simangale ngenxa yemiphumela ejabulisayo.—1 Thes. 2:2.
4 Umsebenzi wasemgwaqweni ungenziwa kanjani ngendlela ephumelela kakhulu? Kubalulekile ukulungiselela kahle. Funda omagazini kusengaphambili, bese ukhetha iphuzu lokukhulunyelwa elilodwa noma amabili onomuzwa wokuthi ayobathakazelisa abantu ohlangana nabo. Cishe ukubakhulumela ngemizuzwana engu-30 kungokufanelekile. Njengoba umgomo uwukuxoxa ngokuqondile nabantu, khetha indawo okudlula kuyo abantu abaningi njalo. Nakuba kungase kube ukuhlakanipha ukuba kube khona nomunye ummemezeli eduze, ngokuvamile kungcono kakhulu ukusebenza ngokwahlukana. Abamemezeli abama ndawonye bangase bathambekele ekuqhubeni isikhathi ngokuxoxa bese bengabaqaphelisisi abantu abadlulayo abangaba nesimo esihle sokulalela isigijimi soMbuso.
5 Ukuma nje endaweni eyodwa bese umane uveza omagazini akuphumeleli njengokuthatha isinyathelo kuqala sokuya kubantu. Zama ukubabuka emehlweni abantu. Bonisa imfudumalo, ube nobungane, futhi ungathemelezi lapho uzama ukuqala ingxoxo. Kwezinye izimo, kungase kudingeke uthi ukuhambisana nomuntu lapho usakhuluma naye. Uma esabela kahle, mnikeze omagazini. Uma omagazini benqatshwa, ungase uhambise ipheshana.
6 Ngokuvamile kungcono kakhulu ukulungiselela intshumayelo emfushane yokuhambisa omagazini ephakamisa umbuzo noma usho amazwi azokwakha isithakazelo. Uma esabela kahle, zama ukuthola igama lalowomuntu, ikheli, futhi mhlawumbe nenombolo yakhe yocingo ukuze ulandelele isithakazelo. Ungase uthi: “Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe, ngingakujabulela ukukuvakashela emzini wakho noma ngihlele ukuba omunye uFakazi enze kanjalo.”
7 Umdala othile owayefakaza emgwaqweni waxoxa nenkosikazi ethile futhi wathola ukuthi yayingakaze ibe nethuba lokuxoxa noFakazi emzini wayo. Yayamukela incwadi futhi yavuma ukuba ivakashelwe udade emzini wayo ngesikhathi esifanele. Ngokuqinisekile abaningi abafanelekayo basengatholakala futhi basizwe uma siphumelela ekufakazeni emgwaqweni.—IzE. 17:17.