Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-October
“Sivakashela omakhelwane bethu kafushane namuhla. Abantu abaningi esikhulume nabo bathi isimo esinzima kunazo zonke okuye kwadingeka babhekane naso ukufelwa othandekayo. Ingabe nawe uzizwa kanjalo? [Lindela impendulo.] Nakhu engikuthole kuqinisa idolo.” Mkhombise ingemuva le-Nqabayokulinda ka-October 1 bese nixoxa ngamaphuzu angaphansi kombuzo wokuqala nomBhalo okungenani owodwa okhonjiwe. Mhambisele omagazini, bese uhlela ukuba ubuye nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda October 1
“Sinivakashele kafushane ukuze sikhuthaze ukufundwa kweBhayibheli. Siyazi ukuthi abanye abantu bayathanda ukufunda iBhayibheli; kanti abanye abathandi. Ingabe wena uyathanda? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisho la mazwi ngokuqiniseka. [Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.] Ngiyaqiniseka uzovuma ukuthi uma kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu, liyakufanelekela ukuba silifunde. Lo magazini uchaza kafushane ukuthi likhuluma ngani iBhayibheli nokuthi kungani kufanele silifunde.”
Phaphama! October
“Ngicela ukuzwa umbono wakho kulo mbuzo: Singakwazi yini ukwaneliseka yize singenazo izinto eziningi ezibonakalayo? [Lindela impendulo.] Awuzwe lokho okushiwo iBhayibheli. [Funda eyoku-1 Thimothewu 6:8.] Lo magazini usinika umbono olinganiselayo okumelwe sibheke ngawo izinto ezibonakalayo futhi ukhuluma ngezinto ezintathu ezibalulekile ezingenakuthengwa ngemali.”