Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-October
“Sivakashela omakhelwane bethu kafushane ukuze sixoxe nabo ngohulumeni omuhle. Ucabanga ukuthi ukhona yini uhulumeni onamandla okuqeda izinkinga ezinkulu, njengobudlova nokungabi nabulungisa?” Lindela impendulo. Khumbuza umninikhaya ukuthi eMthandazweni WeNkosi, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele umbuso onjalo ukuba ufike, uMbuso kaNkulunkulu. Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-October 1 bese nixoxa ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini bese uhlela ukuphindela ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda October 1
“Sixoxa nomakhelwane bethu kafushane ngala mazwi omthandazo odumile uJesu awufundisa abalandeli bakhe. [Funda uMathewu 6:9, 10.] Wake wachazelwa kahle ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nokuthi kungani uJesu awugcizelela kangaka ezimfundisweni zakhe? [Lindela impendulo.] Lo magazini ubonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngoMbuso kaNkulunkulu nezinye zezinzuzo ezimangalisayo oyoziletha emhlabeni.”
Phaphama! October
“Sinivakashele kafushane ukuze sisize abantu bathole impendulo yalo mbuzo. [Mbonise isembozo somagazini.] Ucabanga ukuthi umuntu kumelwe abe nemali eningi ukuze aphumelele ngempela? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisinikeza umbono olinganiselayo ngokuba nezinto. [Funda uLuka 12:15.] NgokweBhayibheli, impumelelo yangempela ingatholwa yinoma ubani. Lo magazini uyachaza ukuthi kanjani.”