I-Kingdom News No. 38 Izosakazwa Ngo-November!
1. Yimiphi imibuzo abantu abanayo ngabafileyo, futhi izophendulwa kanjani ngo-November?
1 Ukufa kuyisitha sabo bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi yini abayikholelwayo. (1 Kor. 15:26) Abaningi bayazibuza ukuthi bakuphi abafileyo nokuthi bayophinde bababone yini. Ngenxa yalokho, amabandla emhlabeni wonke azohlanganyela emkhankasweni wenyanga yonke wokusakaza i-Kingdom News No. 38, enesihloko esithi “Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela?” Lo mkhankaso okhethekile uzoqala ngo-November 1. Ngemva kwawo, i-Kingdom News No. 38 iyosetshenziswa ensimini njengepheshana.
2. Iklanywe kanjani i-Kingdom News No. 38?
2 Indlela Eklanywe Ngayo: I-Kingdom News No. 38 iklanywe ngendlela yokuba uma uyigoqa ngobude, ngaphambili iveze isihloko esihlaba umxhwele esihambisana namagama athi “Ubungathi . . . yebo? cha? mhlawumbe?” Lapho oyifundayo eyivula, uzobona lokho iBhayibheli elikushoyo lapho liphendula lesi sihloko esiwumbuzo nalokho isithembiso seBhayibheli esingakusho kuye. Uzobona nezizathu zokuthi kungani engalikholelwa iBhayibheli. Ingemuva lale Kingdom News limbuza umbuzo othakazelisayo angacabanga ngawo, limcele nokuba afunde okwengeziwe.
3. Izosakazwa kanjani i-Kingdom News No. 38?
3 Indlela Ezosakazwa Ngayo: Lo mkhankaso uzofana nemikhankaso yokusakaza izimemo zeSikhumbuzo nezemihlangano yesigodi. Abadala bazonikeza isiqondiso sokuthi insimu yebandla izohlanganiswa kanjani ngokuvumelana nencwadi abayithola yango-April 1, 2013. Amabandla anensimu encane angacela ukusiza amabandla aseduzane anensimu enkulu. Lapho uthatha i-Kingdom News No. 38 ozoyisebenzisa, khumbula ukuba uthathe kuphela leyo ozoyidinga kulelo sonto. Phakathi nomkhankaso, uma esehlanganiswe wonke amasimu ngenkonzo yendlu ngendlu, amakhophi angase ahanjiswe lapho kufakazwa obala. Uma amakhophi esehanjiswe wonke ngaphambi kokuba kuphele inyanga, kufanele kuhanjiswe isipho senyanga. NgoMgqibelo wokuqala, sizogxila ekuhlanganyeleni kulo mkhankaso okhethekile kunasekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Ngezimpelasonto, kufanele sihambise nomagazini uma kufaneleka. Ingabe uzowenza amalungiselelo okuhlanganyela ngokugcwele kulo mkhankaso okhethekile?