Umkhankaso Wokumemezela ISikhumbuzo Uqala Ngo-March 1
1. Uqala nini umkhankaso wokumemezela iSikhumbuzo, futhi kungani uzothatha isikhathi esijana kulo nyaka?
1 NgoLwesihlanu, March 1, siyoqala umkhankaso wethu waminyaka yonke wokumema abanye ukuba babe kanye nathi eSikhumbuzweni. ISikhumbuzo siyoba ngo-March 26, okusho ukuthi isikhathi somkhankaso siyoba sijana kunaseminyakeni edlule. Lokhu kuyonikeza abantu abengeziwe ithuba lokuthola isimemo, ikakhulukazi uma kuwukuthi bahlala endaweni lapho ibandla linensimu enkulu khona.
2. Ayini amalungiselelo okuthola izimemo nawokuhlanganisa insimu?
2 Ukwenza Izinhlelo: Abadala bayosiqondisa ngokuthi insimu izohlanganiswa kanjani nangokuthi izimemo zingashiywa yini emizini engenamuntu. Uma kuba nezimemo ezisalayo ngemva kokuhlanganisa insimu endlini ngendlu, zingahanjiswa enkonzweni yasobala. Umbonisi wenkonzo uyoqiniseka ukuthi izimemo ezinesigxivizo zibekwa ekhawunteni yezincwadi noma kamagazini ukuze abamemezeli bazithathe, kodwa izimemo ngeke zikhishwe zonke kanye kanye. Kufanele sithathe inani esiyolidinga phakathi nalelo sonto kuphela.
3. Yini okufanele sihlale siyikhumbula lapho sihambisa izimemo?
3 Siyothini? Kungcono kakhulu ukufushanisa, ngoba lokho kuyosenza sifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Ikhasi lesine linentshumayelo eyisibonelo esingayenza ivumelane nensimu yethu. Kuyiqiniso ukuthi akudingeki sijahe ukuhamba uma umninikhaya enobungane noma enemibuzo. Uma izimemo sizihambisa ngezimpelasonto, kufanele sizihambise nomagazini uma kufaneleka. U-March 2, uwuSuku Lukamagazini olukhethekile, ngakho siyogxila ekuhambiseni omagazini kanye nezimemo kunasekuqaleni izifundo zeBhayibheli, njengoba sivame ukwenza ngoMgqibelo wokuqala enyangeni.
4. Kungani kufanele sihlanganyele ngentshiseko kulo mkhankaso?
4 Sithemba ukuthi baningi abayoba kanye nathi eSikhumbuzweni. Inkulumo iyochaza ukuthi uJesu ungubani ngempela. (1 Kor. 11:26) Iyochaza ukuthi ukufa kwakhe kusisiza kanjani. (Roma 6:23) Kanti iyoqokomisa nokubaluleka kokuba simkhumbule. (Joh. 17:3) Sengathi singahlanganyela ngentshiseko kulo mkhankaso!