Ukuhanjiswa Kwezimemo ZeSi-khumbuzo Kuqala Ngo-April 2
1. Sizozihambisa nini izimemo zeSikhumbuzo kulo nyaka, futhi ubaluleke ngani lo mkhankaso waminyaka yonke?
1 Kusukela ngo-April 2 kuya ku-17, sizohambisa izimemo zesenzakalo esibaluleke kakhulu onyakeni—iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Esikhathini esidlule, abantu abaningi abanesithakazelo baye basabela kulo mkhankaso waminyaka yonke. Ngokwesibonelo, ngosuku lweSikhumbuzo, owesifazane washayela ihhovisi legatsha, wathi: “Ngisanda kufika ekhaya futhi ngithole isimemo ngaphansi komnyango. Ngifuna ukuya, kodwa angiqiniseki ukuthi kuqalwa nini.” Umzalwane wamchazela ukuthi angayitholaphi imininingwane kuso isimemo. Lona wesifazane waphetha ngokuthembisa, “Ngizoya kulesi senzakalo senu kusihlwa nje!”
2. Yini esingase siyisho lapho sihambisa lesi simemo?
2 Indlela Esizokwenza Ngayo Lokhu: Njengoba isikhathi sokuhlanganisa insimu yethu silinganiselwe, kungcono kakhulu ukuthi qaphu qaphu. Singase sithi: “Sawubona. Sifisa ukunika umndeni wakho lesi simemo sesenzakalo esibalulekile saminyaka yonke esizoba khona emhlabeni wonke ngeSonto, ngo-April 17. [Nika umninikhaya isimemo.] Lolu usuku lokukhumbula ukufa kukaJesu. Kuyoba nenkulumo yeBhayibheli yamahhala echaza indlela esingazuza ngayo esihlengweni sikaKristu. Lesi simemo sibonisa indawo nesikhathi salo mhlangano.”
3. Singabamema kanjani abaningi ngangokunokwenzeka?
3 Uma ibandla linensimu enkulu, abadala bangase bathi nishiye izimemo emakhaya angenabantu uma kunendawo esithekile. Qiniseka futhi ukuthi umema izimpindelo zakho, izihlobo, osebenza nabo, ofunda nabo nanoma ubani omjwayele. Uma nizihambisa ngezimpelasonto, hambisani nomagazini uma kufaneleka. Ungaba yini iphayona elisizayo ngo-April ukuze ube nengxenye enkudlwana kulo mkhankaso ojabulisayo?
4. Kungani sifuna ukuba abanesithakazelo babe khona eSikhumbuzweni?
4 Yeka ubufakazi obunamandla obuzotholwa abathakazelayo abazobe bekhona! Bazokuzwa ngothando lukaJehova olukhulu ngokulungiselela isihlengo. (Joh. 3:16) Bazofunda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyosizuzisa kanjani isintu. (Isaya 65:21-23) Bazocelwa nokuba bakhulume nabalindi bacele isifundo seBhayibheli ukuze bafunde okwengeziwe. Sithandazela ukuthi abaningi abanhliziyo ziqotho basabele kulo mkhankaso futhi bahlanganyele nathi eSikhumbuzweni!