Umkhankaso Wokumemela Abantu ESikhumbuzweni Uqala Ngo-March 22
Kulo nyaka umkhankaso wokumemela abantu eSikhumbuzweni uqala ngoMgqibelo ka-March 22. Sonke sikhuthazwa ukuba sihlanganyele ngokugcwele kuwo. Ngezimpelasonto sizohambisa omagazini bakamuva uma kufaneleka. NgoMgqibelo wokuqala ku-April, sizogxila ekuhambiseni izimemo esikhundleni sokuqala izifundo zeBhayibheli. Nokho, uma sihlangana nomuntu obonisa isithakazelo esikhethekile, singazama ukuqala isifundo seBhayibheli. Umbonisi wenkonzo anganquma ukuthi ukuhambisa izimemo lapho sifakaza obala kungalisiza yini ibandla ukuba lifinyelele abantu abaningi ensimini yalo. Bhala uhlu lwezihlobo, osebenza nabo, ofunda nabo, izimpindelo nabanye ofisa ukubamema bese ubanikeza isimemo lapho umkhankaso uqala. Sinethemba lokuthi abaningi bayohlanganyela nathi njengoba sikhumbula izenzo ezimbili zokubonakaliswa okukhulu kothando.—Joh. 3:16; 15:13.