Umkhankaso Wokumemezela ISikhumbuzo Uqala Ngo-March 17
1. Imuphi umkhankaso ozoqala ngo-March 17?
1 Unyaka ngamunye iSikhumbuzo simemezela ukufa kukaJesu. (1 Kor. 11:26) Ngakho-ke, sifuna nabanye babe nathi futhi bezwe ngesipho sothando sikaJehova sesihlengo. (Joh. 3:16) Kulo nyaka umkhankaso wethu wokumema abantu ukuba babe khona eSikhumbuzweni uyoqala ngoMgqibelo, ngo-March 17. Ingabe ubheke phambili ekubeni nengxenye egcwele?
2. Yini esingayisho lapho sihambisa isimemo?
2 Nakhu Esingase Sikusho: Kungcono ukuba nentshumayelo emfushane. Singase sithi: “Sawubona. Sizomemela umkhaya wakho esenzakalweni esibalulekile saminyaka yonke esiyokwenzeka emhlabeni wonke ngo-April 5. Kuyonikezwa inkulumo yeBhayibheli yamahhala echaza ngalokho okwafezwa ukufa kukaJesu nalokho akwenzayo manje. Lesi simemo sibonisa indawo nesikhathi oyoqhutshwa ngaso lo mhlangano endaweni yakithi.” Uma sihlanganyela ekuhambiseni isimemo ngezimpelasonto, kufanele sihambise nomagazini uma kufaneleka.
3. Singabamema kanjani abaningi ngangokunokwenzeka?
3 Mema Abaningi Ngangokunokwenzeka: Umgomo wethu ukumema abaningi ngangokunokwenzeka. Qiniseka ukuthi umema ofunda nabo iBhayibheli, izimpindelo, izihlobo, osebenza nabo, ofunda nabo, omakhelwane nabanye obajwayele. Abadala bebandla bayonikeza isiqondiso sendlela yokuhlanganisa insimu yenu. Umkhankaso wethu waminyaka yonke weSikhumbuzo uba nemiphumela emihle. Lapho owesifazane othile engena endaweni okwakuqhutshelwa kuyo lo mhlangano ngonyaka odlule, umlindi wacela ukumsiza amfunise ummemezeli owayemmemile. Kodwa, lona wesifazane wathi akazi muntu, uthole isimemo kothile owayengena endlini ngendlu ngalolo suku ekuseni.
4. Iziphi izizathu esinazo zokuhlanganyela ngentshiseko emkhankasweni?
4 Mhlawumbe othile oyoba khona eSikhumbuzweni uyobe ekhona ngenxa yesimemo esashiywa nguwe. Kungakhathaliseki ukuthi ukhona osabelayo noma cha, imizamo yakho yokuzimisela iyobunikeza ubufakazi. Izimemo oyozisakaza ziyofakazela ukuthi njengamanje uJesu useyiNkosi enamandla. Ukuhlanganyela kwakho ngentshiseko kuyobonisa kubo bonke ababukele—abasensimini yakini, abanye abamemezeli, ngaphezu kwakho konke, kuJehova—ukuthi usazisa ngokujulile isipho sesihlengo.—Kol. 3:15.