Izimemo ZeSikhumbuzo Kufanele Zisakazwe Emhlabeni Wonke!
1. Kuhlelwe muphi umkhankaso okhethekile womhlaba wonke ngaphambi kweSikhumbuzo?
1 “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ekulaleleni lo myalo kaJesu, abakhulekeli bakaJehova bayohlangana ndawonye nabathakazelayo ngo-March 30, 2010, ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu. Isimemo esikhethekile seSikhumbuzo siyosakazwa emhlabeni wonke kusukela ngo-March 13 kuya ku-March 30.
2. Singasihambisa kanjani isimemo?
2 Indlela Esizohanjiswa Ngayo: Ungase unikeze umninikhaya isimemo ukuze abone umfanekiso ongaphandle, bese uthi: “Kusihlwa ngo-March 30, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizobe zihlangene ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu. Ngilapha ukuzonika wena nomkhaya wakho isimemo sokuba nibe khona. Nabangane benu bamukelekile.” Kuye ngezimo, ungase ukhethe ukumbonisa umyalo ongokomBhalo, isikhathi nendawo lapho lo mkhosi uyoqhutshelwa khona. Nokho, khumbula ukuthi njengoba sinesikhathi esilinganiselwe sokuhlanganisa insimu, kungcono kakhulu ukufushanisa.
3. Obani esingabamema?
3 Uma ibandla lenu linensimu enkulu, abadala bangase bathi nisishiye isimemo emizini engenamuntu ngokuhambela kokuqala. Uma kufaneleka, hambisa isimemo kanye nomagazini. Qiniseka ukuthi umema izimpindelo zakho, izifundo zeBhayibheli, osebenza nabo, ofunda nabo, izihlobo, omakhelwane nalabo obajwayele.
4. Ukwazisa ngothando lukaJehova lwelungiselelo lesihlengo kuyosishukumisela ukuba senzeni?
4 Kulungele Ukuhlanganyela Ngokugcwele: Inkathi yeSikhumbuzo iyithuba elihle kakhulu lokwandisa inkonzo yethu. Ingabe ungahlela izimo zakho ukuze ube iphayona elisizayo? Ingabe unazo izingane noma izifundo zeBhayibheli ezithuthuka kahle ngokomoya? Uma kunjalo, thintana nabadala ukuze babone ukuthi abekho yini abantu abasha abangafaneleka ukuhlanganyela kulo mkhankaso okhethekile njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Ukuba nokwazisa ngothando lukaJehova lwelungiselelo lesihlengo kuyosishukumisela ukuba singagcini nje ngokuba khona eSikhumbuzweni kodwa futhi simeme abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bahlanganyele nathi.—Joh. 3:16.