Basebenzise Kahle Omagazini Abadala
Kunokuba sibagcine noma sibalahle omagazini abadala, kufanele sizame ukubahambisa. Umagazini owodwa ungenza umuntu abe nesithakazelo sokwazi iqiniso futhi umshukumisele ekutheni aqale ukubiza igama likaJehova. (Roma 10:13, 14) Nakhu ukusikisela kokusebenzisa kahle omagazini abadala.
Lapho ushumayela ensimini engasetshenzwa njalo, ungashiya owodwa endaweni efihlekile emizini engenabantu.
Lapho ushumayela obala ezindaweni ezinabantu abalindile, njengasezitobhini zamabhasi noma eziteshini zezitimela, buza abantu ukuthi bangathanda yini ukufunda okuthile, ubabonise omagazini abambalwa abadala, ubacele bazikhethele.
Lapho uya emakhaya okunakekela asebekhulile, emthola-mpilo noma ezindaweni ezifana nalezo ezisensimini yebandla lakini, shiya omagazini abadala abambalwa endaweni okufikelwa kuyo. Ngokuvamile kuhle ukucela imvume kophethe uma ekhona. Uma ubona sebekhona kakade omagazini lapho, ungabe usabashiya abanye.
Lapho ulungiselela ukuya ezimpindelweni, cabanga ngezinto ezithandwa umuntu ngamunye ohlela ukuya kuye. Unawo yini umkhaya? Uyakuthanda yini ukuvakasha? Uyakuthanda yini ukwenza ingadi? Bheka komagazini abadala ubone ukuthi asikho yini isihloko angakujabulela ukusifunda, bese umbonisa sona lapho uphindela kuye.
Lapho uphinde uthola umuntu onesithakazelo osunesikhathi ungamtholi, mbonise omagazini abadala angazange abathole.