UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Ongaziqalisa Ngayo Izingxoxo Usebenzisa Ipheshana
Kusukela ngoJanuwari 2018, isembozo se-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo besilokhu sinengxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Siye sakhuthazwa ukuba sigxile ekuxoxeni nabantu kunokuba simane nje sibanikeze izincwadi. Ukuze sikwazi ukukwenza lokhu, kuye kwenziwa amavidiyo engxenyeni ethi Ongase Uxoxe Ngakho, abonisa izindlela zokuqalisa izingxoxo usebenzisa iBhayibheli kuphela. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi akumelwe sizisebenzise izincwadi lapho sishumayela endlini ngendlu? Akunjalo neze! Ngokwesibonelo, amapheshana angaba indlela ephumelelayo yokuqala ingxoxo. Nakhu esingakwenza lapho sisebenzisa noma iliphi ipheshana:
Buza umbuzo bese umkhethisa impendulo ekhasini lokuqala.
Mbonise impendulo yeBhayibheli etholakala emBhalweni (noma emiBhalweni) ongenhla ekhasini lesibili. Uma isikhathi sivuma, funda futhi uxoxe ngokunye okukuleli pheshana.
Nika umninikhaya ipheshana, bese umkhuthaza ukuba afunde lokho okusele ngesikhathi sakhe.
Ngaphambi kokuba uhambe, mbonise umbuzo engxenyeni ethi “Cabanga Ngalokhu” bese uhlela ukuxoxa ngempendulo yeBhayibheli ngesikhathi esizayo.
Lapho usubuyela, xoxani ngempendulo yombuzo bese ushiya omunye umbuzo enizoxoxa ngawo ngesikhathi esizayo. Lowo mbuzo ungawukhetha kuwebusayithi yethu noma encwadini eboniswe ekhasini elingemuva lalelo pheshana. Ngesikhathi esifanele, yethula incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma enye yezincwadi esifundisa ngazo etholakala eBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa.