Ukuqhuba Izifundo Zebhayibheli Zomkhaya Ezinenzuzo
1 Omunye wemisebenzi ebaluleke kakhulu eyenziwa abazali ukufundisa abantwana babo iqiniso. Kuyisibopho esivela kuJehova. (Dut. 6:6, 7) Abantwana badinga isiqondiso nesiyalo ukuze bahambe ngobuqotho ezweni elingamesabi uNkulunkulu. Kudingeka bafunde ukuthanda uJehova neqiniso futhi bazimisele ukunamathela kulo. INqabayokulinda ka-August 1, 1988, ikhasi 11, yathi: “Naphezu kwanoma iziphi ezinye izibopho eninazo noma izinkathazo enibhekane nazo, ukuba nesikhathi nabantwana benu kudinga ukuba kuze kuqala. Isikhathi enisisebenzisa ndawonye siyonikeza ithuba lokugxilisa izimiso ezingokomoya eziyovikela izinhliziyo zabantwana benu futhi zibabeke enkambweni efanelekile.”
2 Ukuze imikhaya ilandele iziqondiso ezinikezwa eZwini likaNkulunkulu, njalo kumelwe kubekelwe eceleni isikhathi sesifundo somkhaya. Izinhloko zemikhaya kudingeka zinikeze ukunakekela ingokomoya lomkhaya indawo yokuqala. Uma izidingo ezingokomoya zomkhaya zinganikezwa ukunakekela okufanelekile manje, ngokunokwenzeka kakhulu abazali kuyodingeka babhekane nezinkinga ezingathi sína esikhathini esizayo.
UKWAZISWA NEZINDLELA ZOKUFUNDA
3 Yini okufanele ifundwe? Inhloko yomkhaya isesimweni esihle kakhulu sokukwazi lokho okudingwa umkhaya. Ingabuza ukuthi abanye bacabanga ukuthi ikuphi okuyozuzisa futhi icabangele ukusikisela kwabo. Ukuvumelana nezimo kuyokwenza isifundo somkhaya sibe esiwusizo nesishukumisayo. Imikhaya eminingi ikhetha ukulungiselela isifundo samasonto onke kuNqabayokulinda. Nokho, kungase kudingeke ngezikhathi ezithile ukuba kuxoxwe ngezindaba eziqondile ezihlanganisa izinkinga intsha ebhekana nazo esikoleni. Ukwaziswa okukhishiwe okukhuluma ngokuqomisana, imisebenzi yangemva kwesikole, ezemidlalo, nokuthambekela kokuziphatha okubi kungacatshangelwa ngendlela eyakhayo nekhuthazayo. Kubalulekile ukuba inhloko yomkhaya ihlole njalo ukuthi ikuphi ukwaziswa umkhaya okudingayo nokuthi ingazifinyelela kanjani izinhliziyo zawo kangcono kakhulu ngakho.—Bheka INqabayokulinda, kaNovember 15, 1971, amakhasi 510-1.
4 Isifundo kumelwe siqhutshwe kanjani? Hlakulela isimo esikhululekile kodwa esihloniphekile. Gwema inqubo yokugcina icala, ebopha ngokweqile. Buza imibuzo eseceleni, futhi usebenzise imifanekiso ukuze ushukumise ukucabanga futhi ugcine bonke behlanganyela. Izinsiza-kufundisa ezibonakalayo, njengamabalazwe namashadi, zingasetshenziswa ekunandiseni ukwaziswa. Izabelo zokuthola ukwaziswa emiqulwini i-Index noma i-Insight zinganikezwa, kuye ngeminyaka yobudala namakhono abantwana. Faka abantwana abancane engxoxweni ngokushesha lapho sebengakwazi ukusabela. Bangase babuzwe imibuzo elula edinga izimpendulo zamazwi ambalwa kuphela. Ungasebenzisi izikhathi zokufunda ukuze uthethise abantwana. Kunalokho, batuse, ubonise ukwazisa ngemizamo yabo, futhi ushisekele ukuhlanganyela imibono engokomoya nabo.
5 Ungaqiniseka kanjani ukuthi uyayifinyelela inhliziyo? Bakhuthaze bonke ukuba baphendule ngamazwi abo. Sebenzisa ngamasu imibuzo yokuveza umbono ukuze ukwazi ukubona lokho okusezinhliziyweni zabo. Ungase ubuze: “Abantwana esikoleni bazizwa kanjani ngalendaba? Ingabe kukhona ukungabaza eninakho ngaleliphuzu?” Qaphela ukuba ungasabeli ngokweqile ezimpendulweni zemibuzo yokuveza umbono abantwana abangase bazinikeze, noma abantwana bakho bengase bangazizwa bekhululekile ukukhuluma iqiniso. Banikeze isikhathi sokukhuluma. Ukwazi kwabo ukuthi unesithakazelo kubo nezinkinga zabo kuyokwenza imizamo yakho yokufundisa ibe lula kakhulu.—Bheka INqabayokulinda, kaNovember 1, 1986, amakhasi 23-5.
6 Khumbula ukuthi injongo eyinhloko yesifundo somkhaya wakho iwukugxilisa imicabango kaJehova hhayi nje ukuthola impendulo yokuyisho ngekhanda emhlanganweni webandla. (Efe. 3:17-19) Lokhu kusho ukusebenzela ukufaka ukwaziswa enhliziyweni. Nikeza umkhaya izizathu zokuthi kungani kumelwe ufune ukwenza intando kaNkulunkulu nokuthi kungani lokho kuyinkambo engcono kakhulu ekuphileni.
7 Isifundo seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke sibalulekile ekwakheni ingokomoya lomkhaya. Siqeqesha futhi sihlomisele abantwana ukuba babhekane nezinkinga zokuphila. Nina bazali nisesimweni esihle kakhulu sokusiza abantwana benu. Wamukeleni lomthwalo wemfanelo eniwunikwe uNkulunkulu. Ngokuqinisekile uJehova uyonibusisa uma nenza yonke imizamo yokungaguquguquki ekuqhubeni isifundo seBhayibheli somkhaya esinenzuzo.