Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izohlela uMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye phakathi noDecember. Amabandla angenza ukulungisa okudingekile ukuze avumele isikhathi sokuya emhlanganweni wesigodi bese kuba nemizuzu engu-30 yokubukeza amaphuzu asemqoka esimiso eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukeza kosuku ngalunye kungabelwa abazalwane ababili noma abathathu abafanelekayo kusengaphambili abayokwazi ukugxila emaphuzwini ayisihluthulelo. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza abazalwane ukuba bakhumbule amaphuzu ayisihluthulelo abayowasebenzisa ngokomuntu siqu nasenkonzweni yasensimini. Okuhlangenwe nakho nokukhulumela okuvela ezilalelini kumelwe kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 3
INgoma 80
12 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Xoxa ngaphuzu aqondile avela ezihlokweni zomagazini okusetshenziswa ngempela-sonto.
18 imiz: “Ingabe Uzoba Umdumisi KaJehova KuloDecember?” Inkulumo nokuhlanganyela kwezilaleli. Lapho nixoxa ngezigaba 4 no-5, yiba nomboniso ngendlela ummemezeli osemusha angahambisa ngayo INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli emsebenzini wokuhambela kokuqala. Ungase futhi uhlanganise nomboniso omfushane esigabeni 6, obonisa indlela lencwadi ehanjiswa ngayo lapho umuntu eseholidini. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni futhi babike imisebenzi yabo ngesikhathi.
15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngamaholide.” Imibuzo nezimpendulo. Yazisa ngamalungiselelo akhethekile enkonzo ngesikhathi samaholide.
INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 10
INgoma 76
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nokubongwa kweminikelo. Tusa abazalwane ngokuyisebenzisa kahle ‘ingcebo engalungile.’ (Luka 16:9; it-2, k. 806)
20 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Zomkhaya Ezinenzuzo.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, yiba nomzali oyedwa noma ababili belandisa ukuthi yini abaye bayenza ukuze benze isifundo sabo seBhayibheli somkhaya sibe esifundisayo nesijabulisayo.
15 imiz: Ingabe Ugcina Imizila Yokukhulumisana Ivulekile? Umdala uxoxa ngezimiso ezimbili noma ezintathu ezitholakala esahlukweni 11 sencwadi ethi Ukuphila Komkhaya. Hlanganisa nemiboniso emifushane esekelwe ekwazisweni okusezigabeni 5-8, ebonisa indlela abazali abangakhuthaza noma banqamule ngayo ukukhuluma komntwana.
INgoma 221 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 17
INgoma 126
15 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo. Hlanganisa ukwaziswa kwesithi iZindaba EzingokwaseZulwini uma isikhathi sivuma.
15 imiz: Ukwazisa Izinceku Zethu Ezikhonzayo. Xoxa nabazalwane abanakekela isiteji nemibhobho, izimali, izincwadi, omagazini, neminye imisebenzi njengokuba umlindi. Chaza imisebenzi yabo eqondile nendlela abamemezeli abangasekela ngayo ekwenzeni umsebenzi wabo ube ojabulisa ngokwengeziwe. Kwenze kuvumelane nezidingo zebandla.
15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo ngesithi “Nikhulekelane” esisekelwe kuNqabayokulinda kaNovember 15, 1990.
INgoma 93 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 24
INgoma 91
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza ukufakaza phakathi namaholide. Sikisela izihloko zokusetshenziswa ngosuku lukamagazini.
20 imiz: “Ukufundiswa UJehova.” Umbonisi wesikole uxoxa nezilaleli. Xoxa nomfundi oyisibonelo, eqokomisa izinzuzo azitholayo ngokulungiselela kusengaphambili nangokusebenzela emaphuzwini eseluleko senkulumo.
15 imiz: Sebenzisa Ngokunenzuzo Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1991. Inkulumo esekelwe esanduleleni esikulencwajana. Bonisa ukubaluleka ngamaphuzu asetekisini losuku. Yenza umboniso ngamaphuzu avezwa ingxoxo yomkhaya ngetekisi lanamuhla
INgoma 55 nomthandazo wokuphetha.