Ukuqondisisa Izindaba
“Into Eyingozi Kakhulu”
Amacala avulwe iziguli eziye zathola isifo esibulalayo ngokumpontshelwa igazi aye aqalisa izinga elisha lokukhathazeka ezindaweni eziningi ezilondoloza igazi. Kubikwa ukuthi phakathi no-1989 kwavulwa amacala abalelwa ku-300 kumangalelwa izindawo ezilondoloza igazi eUnited States. UGilbert Clark, umqondisi ophethe weNhlangano yaseMelika Yezindawo Ezilondoloza Igazi, wavuma ukuthi “umphakathi ufuna igazi eliphephe ngokuphelele,” kodwa wavuma ukuthi akunakuqinisekwa.
Ngokufanayo, iParade Magazine ibika ukuthi uchwepheshe wegazi uDkt. Charles Huggins uyavuma ukuthi igazi “kumelwe licatshangelwe njengeliyingozi ngokungenakugwenywa.” Uchaza igazi ‘njengento eyingozi kakhulu esiyisebenzisayo kwezokwelapha.’ Kusukela ekuqaleni kuka-1989 inani lezifo ezithathelwanayo izindawo ezilondoloza igazi ezizihlolayo ngokwesiko njalo liye landa lafinyelela kwezinhlanu (iHTLV-I, ehlobene nomdlavuza wegazi wabantu abadala othinta iT-cell, ugcunsula, ukusha kwesibindi kwesigaba B, ingculaza nokusha kwesibindi kwesigaba C). Nokho, ngokwesikhulu senhlangano Yesiphambano Esibomvu yaseMelika uS. Gerald Sandler, “kubonakala sengathi asisingakanani isikhathi esisele ngaphambi kokuba sithole esinye isifo esingavamile esisakazwa ngokumpontshelwa kwegazi.” Naphezu kwamandla anjalo okubulala, kulindeleke ukuba abantu baseNyakatho Melika ababalelwa ezigidini ezine bampontshelwe igazi phakathi no-1990. Ngokomhleli wephephandaba uW. Gifford-Jones, inkinga iwukuthi, “ngaphandle koFakazi BakaJehova, iziguli eziningi azilokothi zixoxe ngalokho ukumpontshelwa kwegazi okungakwenza.”
Sekungamashumi eminyaka oFakazi BakaJehova ‘beliyeka’ ngokwethembeka ‘igazi’ lanoma yiluphi uhlobo njengoba iZwi likaNkulunkulu liyala kuzEnzo 15:28, 29; 21:25. Isivikelo lokhu okuye kwabanikeza sona ezifweni eziningi ezisabekayo ezidluliselwa ngokumpontshelwa kwegazi simane nje siyisibonelo sokufaneleka kokulalela kwabo imithetho kaJehova uNkulunkulu.
Ingabe Lizonyamalala Kungaboni Muntu?
UJoachim Khadinali Meisner, umuntu okwakuphikiswana ngaye lapho emiswa ngoFebruary odlule njengombhishobhi omkhulu omusha waseCologne, eJalimane, muva nje uthe into enkulu ayesabayo ukuthi ngelinye ilanga isonto lingase “linyamalale—futhi mhlawumbe umphakathi ungaboni.” Ngokwephephandaba laseJalimane iRheinische Post, uMeisner wathi: “Umphefumulo wami ukhathazekile ngokuthi umphakathi usubheka isonto njengento engasho lutho.” Waphawula ukuthi okungenzeka ukuthi kuyisizathu wukuthi “sikhuluma kakhulu ngomhlaba singakhulumi ngokwanele ngezulu, sikhuluma kakhulu ngesikhathi samanje sikhulume okuncane kakhulu ngephakade.”
Ngokuzenza abangane nabezombangazwe nabezentengiselwano bomhlaba esikhundleni sokuthembela emandleni asezulwini ukuba axazulule izinkinga zezwe, izinkolo zeLobukholwa ziye zakuphikisa ngempela ukuzisholo kwazo ukuthi zimelele izithakazelo zikaNkulunkulu. Lokhu kuyoba nemiphumela engathi sína. NgokweBhayibheli, ngokushesha yonke inkolo yamanga izonyamalala—okuyisenzakalo esingeke senzeke engaboni “amakhosi omhlaba” kanye “nabathengisi bomhlaba,” abayolila ngenxa yaso. Ngakho, abathandi bokulunga kudingeka balalele lamazwi: ‘Phumani [enkolweni yamanga] . . . ukuze ningahlanganyeli nayo izono zayo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zayo.’—IsAmbulo 18:4, 9, 11.
Ukuphela Kuseduze
“Ukubulala koMbuso” yindlela amanye amaphephandaba achaza ngayo ukubulala okwenziwa ohulumeni noma izinhlangano ezivikelwa yibo. Eqinisweni, ngo-1988, ngokusho komkhulumeli weAmnesty International uGerry O’Connel, “kwaba nokwanda kwamalungelo abantu, okuye kwaqhubeka ngo-1989.” Khona-ke uyanezela: “Ukubulala kwephulwa imithetho eqashelwa yonke indawo kuye kwaphakama kunanini ngaphambili.”
Ngokombiko wonyaka weAmnesty, amanani axhaphazelisa amathumbu: Phakathi no-1988 kwabulawa abantu abaphakathi kuka-50 000 no-100 000 ezizweni ezingu-29 uMbuso ubuka ngokunganaki. Phakathi kwalaba kwakukhona abantwana, abantu abagugile, nabesifazane, ababugebengu babo babuwukuba nje ngamalungu eqembu elincane lezombangazwe noma esizwe esincane noma abaphila ezindaweni ezibangwa amaqembu aphikisanayo. Labo abanecala lokubulala okunjalo bahlanganisa amaqembu agunyazwe ukubulala, amavukela-mbuso, abashushumbisi bezidakamizwa, namanye amaqembu asebenzisa ubudlova ngezinhloso zezombangazwe. “Ngokuvamile uMbuso ngokwawo ucashe ngamaqembu ahlomile ukuba ususe ngokoqobo abaphikisi namalungu awuhlupho,” kusho iLa Repubblica.
Ngakho, akukhona okungenasizathu ukuthi iZwi likaJehova eliphefumlelwe lifanisa uhulumeni wabantu ‘nesilo.’ (IsAmbulo 13:2) Nokho, ubudlova obunjalo obugqugquzelwe ngabezombangazwe ngeke buhlale njalo. Njengoba iHubo 92:7 lisho: “Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube-phakade.” Umbuso wasezulwini kaNkulunkulu kubusa uKristu Jesu, “iNkosi yokuthula,” uyokwenza lokhu.—Isaya 9:6; Daniyeli 2:44.