Lungela Umkhankaso Wesikhokhelo SeNqabayokulinda
Icabangela umkhankaso ovelele wesikhokhelo seNqabayokulinda phakathi noApril noMay, iNhlangano ilungiselela izihloko ezithakazelisa ngokukhethekile kokubili zeNqabayokulinda nePhaphama! Izihloko eziqhamile ziyokhulumela izinhlobonhlobo zezindaba ngokuyinhloko ezisezingqondweni zabantu kuyo yonke indawo.
INqabayokulinda iyokhulumela izihloko ezilandelayo: “Ingabe Sekwephuze Kakhulu Kunokuba Ucabanga?” (April 1), “Ukuthula Kuyofika Nini Ngempela?” (April 15), “Ukubhekana Nobugebengu Ezweni Elinesiyaluyalu” (May 1), nesithi “Beka UNkulunkulu Kuqala Ekuphileni Komkhaya Wakho!” (May 15). Omagazini bePhaphama! bayokhulumela lezihloko: “Lapho Umuntu Nesilo Kuhlala Ngokuthula” (April 8), “Usizo Ngezingane Zedivosi” (April 22), “Umoya Wokugembula—Ubani Owinayo? Ubani Olahlekelwayo?” (May 8), nesithi “Ithelevishini—Ibhokisi Elaguqula Izwe” (May 22).
Bonke abamemezeli, ikakhulukazi amaphayona, kumelwe bacabangele izidingo zabo zomuntu ngamunye zomsebenzi owandisiwe ekufuneni izikhokhelo nasekuhambiseni omagazini ngabanye. Qiniseka ngokuphaka omagazini abaningi kusenesikhathi esanele ukuze ube nabanele kusukela khona kanye ekuqaleni komkhankaso weNqabayokulinda.