IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ Inani elisha eliphakeme laseJapane langoSeptember lalingu-148452. Kwakunamaphayona avamile amasha angu-3582 abhalisa ekuqaleni kukaSeptember. Phakathi noSeptember kwaqhutshwa amakilasi angu-165 esikole samaphayona ezifundeni ezingu-111, futhi amaphayona avamile angu-3920 ayijabulela lemfundo.
◆ IKenya ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-5610 ngoSeptember. Uchungechunge lwezinsuku zomhlangano okhethekile lwaphetha ngengqikithi yababekhona kuyo yonke abangu-11027 kwabhapathizwa abangu-172.
◆ NgoSeptember iLesotho yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1347. Isilinganiso samahora angu-13,1 sabamemezeli bebandla sibonisa ukuthi bayazikhandla enkonzweni kaJehova.
◆ IMauritius ibe nenani elisha labamemezeli abangu-907 ngoSeptember.
◆ NgoSeptember iNigeria yaba nenani elisha labamemezeli abangu-146703. Lokhu kwakuwukwanda ngabangaphezu kuka-4600 enanini eliphakeme lika-August.