Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 5
INgoma 165
10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Sikisela intshumayelo yokuhambisa umagazini eyodwa noma ezimbili engafanelekela insimu yebandla, futhi khuthaza bonke abamemezeli ukuba baye enkonzweni yasensimini ngalempela-sonto. Wozani nencwadi ethi Ukubonisana eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.
20 imiz: “Dumisa Igama LikaNkulunkulu Ngokugcwele.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Phetha ngomboniso olungiselelwe kahle obonisa indlela iSihloko Sengxoxo samuva esingasetshenziswa ngayo. Wuvumelanise nezimo zensimu yenu. Ngemva kokuzethula noma ukuzichaza ngokufanelekile, ummemezeli angase athi: “Namuhla sixoxa nomakhelwane bethu ngesidingo sokuba nombono wethemba ngesikhathi esizayo. Abaholi bezwe bavame ukukhuluma ngezinhlelo zabo zomhlaba ongcono. Asekelwephi amathemba abo? Ingabe ukholwa ukuthi abantu bangakwazi ukuletha umhlaba ongcono? [Lindela impendulo.] Umprofethi uJeremiya washo okuthile ngalokhu njengoba kulotshwe kuJeremiya 10:23. [Funda.] Singaba nethemba ngesikhathi esizayo ngenxa nje yokuthi sifunde ngesithembiso esenziwe uNkulunkulu ngokwakhe. Futhi isithembiso sakhe siyogcwaliseka nakanjani. Nakhu umphostoli uPetru akubhala. [Funda eyesi-2 Petru 3:13.] Phawula indlela lesithembiso esiqinisekile esivela kuNkulunkulu esiqokonyiswa ngayo kulencwajana.” Khona-ke ummemezeli uyaqhubeka ubonisa umninikhaya ukwaziswa okufanelekile okusencwajaneni ehanjiswayo.
15 imiz: “Ukutshala Nokunisela—Izinyathelo Zokwenza Abafundi.” Xoxa nezilaleli ngezigaba 1-9 zesenezelo, ikhasi 3. Lapho nixoxa ngezigaba 7-9, bonisa indlela lokhu kwaziswa okungasebenza ngayo ngokusebenzisa izingxoxo ezimfushane kakhulu nabamemezeli abaye bakwazi ukwenza lokho okukhulunywa ngakho noma okuhlangenwe nakho kwebandla okuveza lamaphuzu. Qiniseka ukuthi lokho okuhlangenwe nakho noma izingxoxo kufushane futhi kushaya emhloleni.
INgoma 130 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 12
INgoma 72
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Fundela ibandla incwadi evela eNhlanganweni yokubonga namazwi okwazisa ngeminikelo ethunyelwe. Futhi, tusa ibandla ngokusekela izidingo zebandla lenu. Khuthaza bonke abasebandleni ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngalempela-sonto nangezinye izikhathi lapho kwenziwe amalungiselelo okufakaza njengeqembu.
15 imiz: “Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke—Ingxenye 2.” Inkulumo ekhuthazayo nefundisayo ehlanganisa ukwaziswa okusesihlokweni futhi ebonisa indlela yokusebenzisa incwadi ethi Ukubonisana. Akudingekile ukuba nabantu ababonisa amaphuzu okukhulunywe ngawo, kodwa isikhulumi singabonisa kalula nje indlela yokuthola nokusebenzisa ukwaziswa okukulelithuluzi elihle lenkonzo yasensimini. Bonisa kafushane ukubaluleka kwezikhathi zokuprakthiza ekulungiseleleni inkonzo yasensimini. Uma isikhathi sivuma, ungamema ummemezeli ukuba achaze ukuthi ukwenza kanjani lokhu.
20 imiz: “Ukutshala Nokunisela—Izinyathelo Zokwenza Abafundi.” Ngemva kwesethulo esifushane esixhuma ukwaziswa okwahlanganiswa ngesonto elidlule, bukezani izigaba 10-20 zesenezelo ngemibuzo nezimpendulo, amakhasi 3 no-4. Abanye abamemezeli bangase bakwazi ukulandisa indlela abaye bayithuthukisa ngayo inkonzo yabo futhi baqalisa izifundo zeBhayibheli ngokusebenzisa ukusikisela okwanikezwa kuNkonzo Yethu YoMbuso yezikhathi zangaphambili.
INgoma 48 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 19
INgoma 174
10 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. “Ukuzikhandla Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu.” Khuthaza abazalwane ukuba bahlele kusengaphambili ukuba babe khona esimisweni somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wango-1992. Memezela usuku nendawo oyoqhutshelwa kuyo uma sekwaziwa. Uma isikhathi sivuma, sikisela ukuthi yiziphi izihloko komagazini bamuva ezingaba ezifaneleka kakhulu ukuba zikhulunyelwe endlini ngendlu ngalempela-sonto.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ensimini Esetshenzwa Njalo.” Imibuzo nezimpendulo. Bonisa indlela lokhu kwaziswa okungasetshenziswa ngayo ensimini yebandla noma ukuvumelanise nezidingo zebandla.
15 imiz: “Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla—Ingxenye 2.” Inkulumo ekhuthazayo esingethwe umqhubi wesifundo sencwadi ophumelelayo.
INgoma 25 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 26
INgoma 134
15 imiz: Izaziso zebandla. Ingxoxo eningiliziwe ephathelene namalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini nalokho okwenziwayo ukuze kunikezwe isikhuthazo nosizo kubamemezeli abangamaphayona. Nikeza ukunakekela okukhethekile ezidingweni zalabo abangase baqalise inkonzo yabo yamaphayona ngoSeptember 1. Nikeza umbiko ngentuthuko yomkhankaso wensimu engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo kaSeptember futhi ukhuthaze bonke ukuba basebenze ensimini engabelwe okungenani impela-sonto eyodwa enyangeni. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngalempela-sonto, futhi khumbuza abamemezeli ukuba baphake incwadi ethi Ungaphila Phakade ukuze bayisebenzise enkonzweni yasensimini kusukela ngeSonto, ngoSeptember 1.
15 imiz: Izidingo zebandla. Ningasebenzisa ukwaziswa okusezihlokweni ezisekuqaleni kwePhaphama! kaJune 8, 1991 njengesisekelo senkulumo noma ingxoxo ephathelene nendaba yokuhleba.
15 imiz: Ibhokisi Lemibuzo. Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Gcizelela izibusiso ezitholakala ngokulalela ukusikisela okungokwaseZulwini.
INgoma 16 nomthandazo wokuphetha.