Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke
Ingxenye 2—Ukwakha Intshiseko
1 Kulula ukuba sishisekele umsebenzi othile lapho siwujabulela. Futhi kuvame ukuba yiqiniso ukuthi umuntu uyakujabulela ukwenza okuthile akulungele. Lokho ngokuqinisekile kunjalo nasekufezeni inkonzo yethu ngokugcwele.—2 Thim. 4:5.
UKULUNGISELELA KUBALULEKILE
2 Intshiseko yethu enkonzweni yasensimini ihlobene ngokuqondile nendlela esilungiselele ngayo kahle nokuthi siya kaningi kangakanani enkonzweni. Ngokwesibonelo, uma umuntu esimthola enkonzweni yendlu ngendlu ethi ungu-mMuslim, yini esingayisho? Ummemezeli olungiselele kahle angaphendula ngokuthi: “Lokho kuyathakazelisa. Angikaze ngixoxe namaMuslim amaningi. Kodwa ngiye ngafunda okuthile ngezimfundiso ezimbalwa zenkolo yenu kulencwadi. [Vula ikhasi 23 lencwadi ethi Ukubonisana.] Ithi nikholelwa ukuthi uJesu wayengumprofethi kodwa uMu?ammad wayengumprofethi wokugcina nobaluleke kunabo bonke. Akunjalo? [Lindela impendulo.] Ingabe futhi niyakukholelwa ukuthi uMose wayengumprofethi weqiniso? [Lindela impendulo, cishe uzovuma.] Ngingakubonisa yini emiBhalweni eNgcwele lokho uMose akufunda kuNkulunkulu ngegama likaNkulunkulu siqu?” Khona-ke ungafunda uEksodusi 6:3. Ngalendlela, ungaqalisa ingxoxo ethakazelisayo.
3 Kunzima ngabaningi bethu ukukhumbula izinombolo zamakhasi athile. Kodwa ngokulungiselela nangokuprakthiza, singakwazi ukusebenzisa ingxenye ethi “Abafuna Ukuvimba Ingxoxo” engasekuqaleni kwencwadi ethi Ukubonisana. Kuleyongxenye kuhlanganiswe amakhasi amaningi anokwaziswa okungasisiza ukuba siphendule abantu abathi bangabenkolo ethile.
4 Incwadi ethi Ukubonisana futhi inengxenye ekahle ekhuluma ngezingeniso. Kungani ungafanelanisi izingeniso zakho nalezi? Kungase kudingeke sivumelanise intshumayelo yethu nesimo. Ekupheleni kwezihloko eziningi encwadini ethi Ukubonisana, kunengxenye ethi “Uma Umuntu Ethi,” enikeza ukwaziswa okuqondile kokuphendula imibuzo ethile noma ukuphikisa okuhlobene nendaba. Nokho, konke lokhu kwaziswa okuhle kuzosisiza kuphela ngokwezinga esikusebenzisa ngalo ekulungiseleleni kwethu.
INDLELA YOKULUNGISELELA
5 Qaphela ukuthi yiziphi izincwadi okuzoxoxwa ngazo eMhlanganweni Wenkonzo futhi uze nazo ukuze uzibheke phakathi nezingxoxo nemiboniso. Ngalendlela, ungazuza ngokugcwele ngokwengeziwe ekulungiseleleni kwabanye.
6 Kunenzuzo ukusebenzisa isikhathi esithile ulungiselela inkonzo. Qiniseka ngokuthi uzitholile izincwadi ozidingayo. Sebenzisa imizuzu embalwa ubheka iSihloko Sengxoxo. Bukeza imibhalo esetshenzisiwe, futhi bheka amaphuzu athile ongawakhulumela encwadini ehanjiswayo. Ukwenza lokhu ndawonye njengomkhaya kungaba wusizo.
7 Yibani nezikhathi zokuprakthiza. Ningaprakthiza ngezikhathi ezihlukahlukene—ngemva kweSifundo Sencwadi Sebandla, emibuthanweni yobungane, njengeqembu elihamba ngemoto, lapho nisuka kwenye indlu niya kwenye. Ukunikeza izintshumayelo nokuxoxa kanye nokubonisa indlela yokusingatha ukuphikisa kungaba okuthakazelisayo futhi kube izikhathi ezinhle zokulolonga amakhono ethu.
8 Ukulungiselela ngenkuthalo kuyobangela ukuba siyishisekele inkonzo ukuze sibe izisebenzi ezinekhono futhi sivune ukwaneliseka okuletha injabulo—Joh. 2:17.