IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ IAustralia yabika inani eliphakeme labamemezeli abangu-54 306 ngoMarch, inani labo eliphakeme lesithathu izinyanga zilandelana.
◆ IBolivia isiye yaba namanani aphakeme amahlanu abamemezeli phakathi nezinyanga eziyisikhombisa zokuqala zalonyaka wenkonzo. Inani elisha eliphakeme lafinyelelwa ngoMarch, kwabika abamemezeli abangu-8031. Abamemezeli emabandleni baba nesilinganiso samahora angu-14,4 enkonzweni. Ababekhona eSikhumbuzweni babengu-33 377, inani eliphindwe izikhathi ezingaphezu kwezine kwelabamemezeli.
◆ Ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye kunemithetho evimbelayo, iNicaragua iye yaphinda futhi yasebenza njengegatsha ngoMay 1, 1991. Izithunywa zevangeli ezinhlanu ngaphambili ezazabelwe eNicaragua zikwazile ukuphindela khona ukuze ziqhubeke nenkonzo yezithunywa zevangeli lapho.
◆ Ibandla laseMadadeni North nelaseNewcastle Central ngalinye liye lanikezela iHholo LoMbuso ngoJune. Lamahholo azosetshenziswa amabandla amane asendaweni yaseNewcastle. Kwakukhona abantu abangu-615 lapho enikezelwa. Ibandla laseMantobela, nalo eliseNatali, linikezele iHholo LoMbuso lalo elisha ngoJuly.