Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke
Ingxenye 3—Yibani Nengxenye Ekuthuthukeni Kwabanye
1 Ubuhlobo phakathi komzalwane osekhulile uPawulu nensizwa ezinikele uThimothewu buye bacashunwa ngokuvamile njengesibonelo esihle sokuqeqeshela inkonzo. (1 Kor. 4:17) UThimothewu waqondiswa uPawulu ukuba afake kwabanye ulwazi nokuqeqesha okufanayo ayekutholile. (2 Thim. 2:1, 2) Senza kahle ngokulandela inqubo efanayo ebandleni namuhla.
2 Qeqesha Abanye: Isidingo sokuqeqe- sha siba sobala lapho siqaphela ukuthi eNingizimu Afrika namuhla kunabamemezeli abengeziwe abangu-8000 kunababekhona eminyakeni emithathu edlule. Ngokunokwenzeka kakhulu abaningi balaba bayozuza ekuqeqesheni okunganikezwa ngabamemezeli abanokuhlangenwe nakho. Omunye udade ngokuvamile owayesebenza ihora elilodwa noma amabili kuphela ngenyanga enkonzweni yasensimini wafunda ukukhuluma ngokuphumelelayo emakhaya lapho enikezwa usizo ummemezeli onokuhlangenwe nakho. Ukuba manqikanqika kwakhe kwangaphambili ukuhlanganyela enkonzweni kwaphela, futhi waba ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle. Manje njengephayona elinekhono, uyakhumbula abese ethi: “Engangikudinga nje kwakuwukufundiswa ukuthi ngithini, khona-ke ngaqala ukujabulela inkonzo.”
3 Uma ungumdala, inceku ekhonzayo, iphayona, noma ummemezeli onokuhlangenwe nakho, ungaba kanjani nengxenye ekuthuthukeni kwabanye? Isinyathelo sokuqala siyoba ukwazisa umqhubi wenu weSifundo Sencwadi Sebandla ukuthi ungathanda ukusiza omunye ummemezeli.
4 Hleleka Futhi Ulungiselele: Kuyasiza ukuba nesivumelwano esiqondile sokusebenza ndawonye. Ohambisana naye angase abe novalo noma azinyeze ekuqaleni, kodwa uyokwazisa ukuthi othile usebenza naye ukuze asize uma isidingo siphakama. (UmSh. 4:9) Uma kungenzeka, khetha insimu lapho kungenzeka khona ngokwengeziwe ukuba nithole abantu abazimisele ukuxoxa ngezihloko zeBhayibheli. Lokhu kuyosiza lona osanda kuhlanganyela ukuba ahileleke futhi ngaleyondlela azuze ukuzethemba.
5 Ukuze kuqhutshekwe nokuqeqesha okuthuthukayo, kuyoba okuzuzisayo ukuxoxa ngendlela yokwenza impindelo esithakazelweni esitholakele. Lokho kuhilela ukubeka isisekelo ekuhambeleni kokuqala ngokushiya umnini-khaya nombuzo oyowuphendula lapho uphindela. Qikelela ukusiza ummemezeli ongenakho okuhlangenwe nakho kangako ukuba alungiselele, bese umphelezela kulokho kuhambela. Uma isifundo siqaliswa futhi ummemezeli osanda kuhlanganyela esalokhu elingabaza ngandlela-thile ikhono lakhe siqu, ummemezeli onokuhlangenwe nakho ngokwengeziwe angafisa ukuqhuba isifundo izikhathi ezimbalwa kuze kube yilapho lona osanda kuhlanganyela efanelekela ukusiqhuba.
6 Njengoba kunokwanda okusheshayo kwabasanda kuhlanganyela enhlanganweni, ukuhlakanipha kokunikeza imfundo enkulu enkonzweni yasensimini kuvele kube sobala. Usizo luyadingeka kulabo abaye bahlakulela amakhono abo emsebenzini wokushumayela. Uma ungasiza othile, ngesikhathi esifanele naye “uyokufanelekela ngokuphelele ukuba afundise abanye.”—2 Thim. 2:2, qhathanisa neNW.