Imihlangano Yenkonzo KaSeptember
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso iyohlela uMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye phakathi nezinyanga zomhlangano. Amabandla angenza ukulungisa uma kudingeka ukuze avumele ukuya emhlanganweni wesigodi kanye nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso kwemizuzu engu-30 eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kosuku nosuku kungabelwa kusengaphambili abazalwane abafanelekayo ababili noma abathathu abayokwazi ukugxila emaphuzwini ayisihluthulelo. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza abazalwane ukuba bakhumbule amaphuzu ayisihluthulelo okusetshenziswa ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela okuvela ezilalelini nokuhlangenwe nakho okulandiswayo kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala NgoSeptember 2
INgoma 17
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa amaphuzu okukhulunyelwa akomagazini bamuva.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kuqaliswa Izifundo Ngendlela Eqondile.” Ukuhlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokucabangela izigaba 3 no-4, yenza umboniso wendlela eqondile usebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade nepheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Indlela eqondile iyokusiza ukuba uthole izinga lesithakazelo somnini-khaya. Gcizelela isidingo sokulandelela sonke isithakazelo kungakhathaliseki ukuthi izincwadi ziyahanjiswa ekuqaleni noma cha. Khuthaza bonke ukuba bazame ukuqalisa izifundo zeBhayibheli ngokusebenzisa indlela eqondile enkonzweni yasensimini kulempela-sonto.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo, “INkonzo Yethu YoMbuso Ithola Ukuhlelwa Okusha,” neZindaba EzingokwaseZulwini. Landisa ngentuthuko eyenziwayo ekusebenzeni insimu engabelwe bese uxoxa ngokuhlela kwesikhathi esizayo kokusebenza leyonsimu. Khuthaza bonke ukuba bawusekele ngokugcwele lomkhankaso. Khuthaza ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kulempela-sonto.
INgoma 157 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 9
INgoma 214
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amaphuzu akomagazini okusetshenziswa enkonzweni yasensimini kulempela-sonto. Yenza umboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili uma isikhathi sivuma.
20 imiz: Beka Imigomo Yomuntu Siqu Yonyaka Wenkonzo Omusha. Umbonisi wenkonzo ubukeza umsebenzi webandla wonyaka wenkonzo odlule. Tusa ngokufudumele lapho kuphawuleka khona intuthuko. Qokomisa izindawo ezidinga ukunakekela okwengeziwe kwebandla phakathi nonyaka wenkonzo omusha, futhi unikeze ukusikisela okuwusizo. Yini eye yenziwa ukuze kusizwe abafundi abasanda kuhlanganyela ukuba babe abamemezeli abaphuma njalo? Bukeza incwadi evela eNhlanganweni kaJune 10, 1991, eyayiya ezindikimbeni zabadala, futhi ugcizelele ukuqeda ukungaphumi njalo. Khumbula, umgomo wethu wayo yonke insimu uyoqhubeka uwukuba bonke abamemezeli baphume njalo enkonzweni inyanga ngayinye, nokusiza abafundi abasanda kuhlanganyela abakufanelekelayo ukuphuma enkonzweni. Sebenzisa i-Index ukuze uthole ukwaziswa ngesidingo nangendlela yokusebenzisa iseluleko esinikezwayo. Labo abakhuthazelayo enkonzweni yokwethembeka bakhuthaza abanye. (Heb. 6:10) Xoxa nabamemezeli ababili noma amaphayona enze intuthuko enhle phakathi nonyaka wenkonzo odlule. Yimiphi imigomo aye ayibekela u-1992? Futhi, xoxa nommemezeli noma iphayona eliye lakhonza ngokwethembeka iminyaka eminingi, ulenze liqokomise ubunzima elabhekana nabo nendlela elabunqoba ngayo ngosizo oluvela kuJehova nasenhlanganweni yakhe. Khuthaza bonke ukuba babeke imigomo emihle yokuthuthukisa inkonzo yabo phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992.
15 imiz: “Ukuthatha Umthwalo Wethu Wemfanelo Wokwenza Okuhle Kwabanye.” Inkulumo yemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 4, yenza umboniso ngendlela umdala eHholo LoMbuso angatusa ngayo ummemezeli ngesibonelo sakhe sokwethembeka eminyakeni edlule. Kungase kubuzwe ukuthi yini engenziwa ukuze kusizwe. Nokho, ukugcizelela kufanele kugxiliswe ekutuseni.
INgoma 94 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 16
INgoma 44
10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Funda ukubonga kweNhlangano ngeminikelo futhi uzwakalise ukwazisa ngokusekela kwabamemezeli ngokwezimali imisebenzi yeNhlangano kanye naleyo yebandla.
20 imiz: “Ilungiselelo LeSifundo Sencwadi Sebandla—Ingxenye 3.” Abaqhubi ababili beSifundo Sencwadi Sebandla baxoxa ngalokhu kwaziswa, bekwenza kusebenze ebandleni. Gcizelelani izinzuzo eziza kini nakubamemezeli lapho bebambisana namalungiselelo enkonzo. Khulumani ngesidingo sokubonisa inhlonipho ngamakhaya asetshenziswayo lapho kuhlanganwa ngenjongo yenkonzo yasensimini, futhi nituse labo abavula amakhaya abo ngomoya omuhle. (kmZU 3/86 k. 3) Njengoba ezinye izindawo zidingeka ngezikhathi ezithile, noma ubani ofisa ukwenza ikhaya lakhe litholakale angazisa umbonisi owengamele noma umbonisi wenkonzo. Hlanganisani amaphuzu engxoxo yesonto elidlule ngokubeka imigomo yenkonzo. Umbonisi wenkonzo angasiza futhi akhuthaze abamemezeli ukuba bafinyelele imigomo enkonzweni.
15 imiz: “Basha—Ingabe Niyophumelela Ekuvivinyweni Kokwethembeka KobuKristu?” Inkulumo esekelwe esihlokweni esikuNqabayokulinda kaJune 15, 1991. Gcizelela ubuwula bokuphila ukuphila okumbaxa-mbili.
INgoma 171 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoSeptember 23
INgoma 187
10 imiz: Izaziso zebandla. Qokomisa iphuzu elilodwa noma amabili avela komagazini bamuva. Khuthaza abamemezeli ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini kulempela-sonto.
20 imiz: “Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke—Ingxenye 3.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Esigabeni 4, yiba nommemezeli onokuhlangenwe nakho ebonisa indlela yokusiza osanda kuhlanganyela lapho esenkonzweni. Bonisa indlela yokuprakthiza nosanda kuhlanganyela esebenzisa ukusikisela kommemezeli onokuhlangenwe nakho kokunqoba ukuphikiswa okungokoqobo.
15 imiz: Unobhala ubukeza kanye nebandla iziyalezo ezibukeziwe zeNdlela Yokuphatha Izikhokhelo Ngokufanelekile (S-AB-11) ezithunyelwe kuwo wonke amabandla. Ngaphambi kokusingatha lengxenye qiniseka ukuthi leziyalezo zifakiwe ebhodini lezaziso. Qokomisa amaphuzu aqondile avela encwadini yeNhlangano kaMay 15, 1991, ikakhulukazi ukubaluleka kokugcwalisa izigqebhezana zezikhokhelo ngendlela ecacile nokusingatha izigqebhezana Zokulandelela Isikhokhelo Esingafiki Kumnikazi (M-210) ngokushesha. Gcizelela isidingo sokuthumela izikhokhelo eNhlanganweni masonto onke, ngisho noma kuye kwatholwa isikhokhelo esisodwa.
INgoma 70 nomthandazo wokuphetha.