Ukuthatha Umthwalo Wethu Wemfanelo Wokwenza Okuhle Kwabanye
1 Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana.” (Heb. 13:16) Imizamo yabo yokusiza abafowabo ngisho nangaphansi kwezimo ezimbi yayiyoqinisa uthando lwawo ngoNkulunkulu nangomunye nomunye. (Joh. 13:35) Nathi sikhuthazwa ukuba senze okuhle futhi siphane.
2 Ukuze afeze lokhu, uJehova uye wenza ilungiselelo lokuba sondleke kahle ngokomoya futhi sibe abahlome kahle. Yeka ingcebo yokwaziswa esinayo kumagazini ngamunye weNqabayokulinda nePhaphama! Yeka injabulo esiyitholayo ngokufunda umagazini ngamunye ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kokuwuthola! Njengoba sizindla ngokwaziswa okungokomBhalo, singase siphawule amaphuzu okusetshenziswa enkonzweni yasensimini kanye nasezingxoxweni zethu nabanye. Ngokufanayo, singase sithengisise isikhathi ukuze silungiselele umhlangano ngamunye futhi ikakhulukazi ukucatshangelwa kwamasonto onke kweNqabayokulinda. Isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu sisisiza ukuba sihlakulele ‘umqondo kaKristu’ futhi sisenza sikwazi ukudlulisela okuhle kulabo esihlangana nabo.—1 Kor. 2:14-16; IHu. 19:14.
3 Imithwalo Yemfanelo Efanele Ukwa- mukelwa: Bonke abafinyelela ekumthandeni uJehova banikezela ukuphila kwabo kuye. Ngokwamukela imithwalo yemfanelo ehambisana nokuzinikezela, sibonisa ukuthi simelela uJehova futhi siye sazehlukanisa ezweni likaSathane nasezindleleni zalo zonya. Ngokulandela isibonelo esashiywa uKristu Jesu, sibekela abanye isibonelo esihle. (1 Pet. 2:21) Izimiso zomhlangano wesifunda njengalowo ohlelelwe unyaka wenkonzo ka-1992, nesihloko sawo esithi “Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo,” zisikhuthaza ukuba siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu.
4 Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kusenza sikwazi ukwabelana ukwaziswa okwakhayo. Isifundo sethu somuntu siqu nokulungiselela imihlangano kusinikeza ukwaziswa okuningi okuhle esingabelana ngakho. Ukubonisa isithakazelo esinjalo somuntu siqu kwabanye kuthuthukisa umoya ofudumele, wobungane nowomkhaya. Ngokuhlanganyela emihlanganweni, sibonisa ukuthi sivumelana ngempela namazwi kaPawulu alotshwe kumaHeberu 10:24, 25 futhi samukela umthwalo wethu wemfanelo wokukhuthaza abanye.
5 Lwela Ukufanelekela Imithwalo Ye- mfanelo Eyengeziwe: Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992, singazenza yini sifanelekele imithwalo yemfanelo eyengeziwe, njengenkonzo yamaphayona asizayo noma avamile? Kunokugcizelela ngokungafanele emfunekweni yamahora, kungani ungagxilisi ukunakekela ethubeni elandayo lokuhlanganyela emsebenzini wokubutha? (Joh. 4:35, 36) Ukusebenza njalo nabanye abamemezeli abafanelekayo namaphayona kuyosisiza ukuba sithuthukise amakhono ethu enkonzweni. Inani elikhulayo lamaphayona asizayo nalo liyisikhuthazo esihle ebandleni. Uma kungenzeka, kungani ungafaki isicelo njengephayona elivamile noma uhlele ukuba iphayona elisizayo lasikhathi sonke noma kaningi ngangokunokwenzeka kulonyaka?
6 Imithwalo yemfanelo idluliselwa kalula kumalungu esilisa ebandla afanelekayo azinikezele futhi abhapathizwa. (1 Thim. 3:1-10, 12, 13) Bonke bangabonakalisa ukuzimisela kwabo ukukhonza ngezimpendulo ezicatshangelwe kahle emihlanganweni, ukuhlanganyela eSikoleni Senkonzo EsingokwaseZulwini, nokwamukela izabelo zokwenza umboniso noma ukunakekela ezinye izingxenye zoMhlangano Wenkonzo. Ngisho nabantwana bangaba isibonelo kulezindlela nasekuziphatheni kwabo eHholo LoMbuso. Bangaba usizo ekusebenzeni neqembu labo lesifundo sencwadi lapho babelwe ukuhlanza iHholo LoMbuso noma ukunakekela ezinye izidingo ezinjalo.—kmZU 4/76 kk. 1, 3.
7 UJesu wazwakalisa ukuzimisela kwakhe ukwamukela umthwalo wemfanelo wokwenza okuhle kwabanye ngalamazwi: “Ngiyathanda.” (Luka 5:12, 13) Njengoba silandela isibonelo sakhe, nathi singabakhuthaza futhi sibasize abafowethu, abantu abathakazelayo, nabantu abaqotho esihlangana nabo enkonzweni yasensimini ukuba bahlanganyele njalo nenhlangano kaJehova. Ukwamukela umthwalo wethu wemfanelo ‘wokwenza okuhle kubo bonke’ udinga umzamo wokuzimisela futhi mhlawumbe nokuzidela kwethu komuntu siqu. (Gal. 6:10) Kodwa lapho sibona okuhle okufezwayo, singavumelana noPawulu, owathi: “Iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.”—Heb. 13:16.