IZindaba Ezingokwasezulwini
EHong Kong: Nakuba uJuly ayeyinyanga eshisayo nenomswakama kakhulu, abazalwane benza imizamo emihle kakhulu enkonzweni yasensimini. Baba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-2305, futhi kwabhapathizwa abangu-71.
EPhilippines: Kuyaqhutshekwa kunikezwa usizo ezisulwini zokuqhuma kwentaba-mlilo iMount Pinatubo. Muva nje, izimvula ezinkulu nodaka olugelezayo, kwababangela izinkinga ezinkulu abazalwane ababengathintekile ngaphambili. Abazalwane bayalwazisa usizo abalutholayo, kwazise kwezinye izindawo izimo zazizimbi kakhulu ngoSeptember kunangesikhathi intaba-mlilo iqhuma ekuqaleni.
ENingizimu Afrika: Kuye kwanikezelwa amanye amaHholo OMbuso amane phakathi no-October noNovember. Sijabula kanye nabazalwane baseMothutlung eduze naseBrits, eMgababa oseNatali Esogwini Oluseningizimu, ePaballelo eduze naseUpington, naseKnysna manje bajabulela ukuba nawabo siqu amaHholo OMbuso.
◼ AmaKomiti Okwakha Ezifunda ebelokhu esheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso eNingizimu Afrika. Eminye imisebenzi iqedwa ngenyanga eyodwa. Siyajabula ngokubika ukuthi kuye kwaqedwa amaHholo OMbuso angu-25 ngo-1991. Sibabonga ngobuqotho bonke abaye banikela ngesikhathi sabo namandla kulomsebenzi omuhle odumisa uJehova. Ingabe abanye abengeziwe kithi bangaba nengxenye ngo-1992?
◼ Siye sakwazi ukuthumela amathani angu-19 ezincwadi, ukudla, nezingubo zokugqoka eAngola ngeloli elikhulu ekupheleni kuka-August. Lezimpahla zayiswa eLubango naphezu kokuba imigwaqo isesimweni esibi kwezinye izindawo. Kuyinjabulo futhi ukubika ukuthi insimu eseningizimu Angola manje isithola omagazini njalo.