IZindaba Ezingokwasezulwini
EAngola: Ukwanda okuhle kakhulu kuyaqhubeka kubikwa. Kwakunenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-18 911 ngoJuly, futhi kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-56 075.
EMyanmar: Kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1958 ngoJuly.
ENdiya: Ingqikithi yabamemezeli ababika ngoJuly yayingu-12 169, noma amaphesenti angu-14 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Izifundo zeBhayibheli zasekhaya zafinyelela inani elisha eliphakeme lika-10 153.
ENingizimu Afrika: Kukhuthaza kakhulu ukubika ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso ayisishiyagalolunye engeziwe. Amabandla ahilelekile yilawa: iEllisras, iLorraine (ePort Elizabeth), iMaclear, iMakhamangeni (ePort Alfred), iMaseru South, iPalapye (eBotswana), iPhuthaditjhaba (eQwa-Qwa), iTshatshu (eduze neKing William’s Town) neTurfspruit (ePotgietersrus).
ESão Tomé NasePríncipe: Inani eliphakeme elikhulu kunawo wonke labamemezeli abangu-80 lahlanganyela enkonzweni yasensimini ngoJuly. Inani lezifundo zeBhayibheli eziqhutshwayo—elaba ngu-382 ngoJuly—libonisa ukuthi lensimu isivuthiwe ngempela ukuba ikhiqize isivuno esicebile.