IZindaba Ezingokwasezulwini
E-Albania: Ngo-July kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-353, kanye nenani elisha eliphakeme lomagazini abahanjisiwe. Abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora angu-22,4 enkonzweni futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-1 073.
ECameroon: Kwamiswa ihhovisi elisha legatsha ngo-July, kwaqondana nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-21 323.
EGreenland: Abamemezeli ababika inkonzo yasensimini bafinyelela ingqikithi yabangu-134 ngo-July. Leli kwakuyinani elisha eliphakeme.
ENingizimu Afrika: Ngaphezu kwalawo kakade asemenyezelwe, iBandla laseSea Park nelaseMfazazane (womabili asoGwini lwaseNingizimu Natali) nawo ajabulela ukuba ngo-October anikezele amaHholo OMbuso awo amasha. Lokhu kwenza ukuba kube nengqikithi yamaHholo OMbuso ayisihlanu anikezelwa ngempelasonto ka-October 1 no-2, 1994. Siyababonga bonke labo abasiza kulomsebenzi wokwakha.
EZaire: Naphezu kwesimo esibucayi sokuthutheleka kwababaleki abangamakhulu ezinkulungwane eZaire, kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-83 442 ngo-July. Abazalwane baye benza umzamo omuhle kakhulu wokusizana, futhi bathi bazazisa kakhulu izinto zokusiza ezivela emazweni angaphandle.