Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/90 k. 6
  • IZindaba Ezingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZindaba Ezingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindaba Ezingokwasezulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izindaba EzingokwaseZulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • IZindaba Ezingokwasezulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • IZindaba Ezingokwasezulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 12/90 k. 6

IZindaba Ezingokwasezulwini

◆ IAlaska yafinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-2053 ngoJuly, okuwukwanda kwamaphesenti angu-12 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Inani eliphakeme lababekhona eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” ngoJuly lalingu-2929 kwabhapathizwa abangu-50.

◆ NgoJuly, iBrazil yafinyelela inani eliphakeme kunawo wonke labamemezeli abangu-293 466, okuyinani layo eliphakeme lesishiyagalolunye lonyaka wenkonzo. Kwabikwa futhi nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-369 999.

◆ IFiji yaba nenani layo eliphakeme lama-67 ngokulandelana ngoJuly ngabangu-1534 ababika. Izifundo zeBhayibheli zanda zafinyelela ku-2605.

◆ Kusukela ngoSeptember 1990, izwe laseFrench Guiana engxenyeni esenyakatho yeNingizimu Melika laba nehhovisi legatsha leWatch Tower Society. Libe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-660 ngoJuly, futhi emhlanganweni walo wesigodi kwakunabangu-1479 kwabhapathizwa abangu-41.

◆ Emihlanganweni yesigodi emine yaseGuadeloupe kwakunabangu-13 021 kwabhapathizwa abangu-259. Inani eliphakeme labamemezeli bakhona lalingu-6233.

◆ INew Caledonia yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1134 ngoJuly, okuwukwanda kwamaphesenti angu-12.

◆ IPapua New Guinea yabika ngokulandelana inani layo eliphakeme lesithupha ngabangu-2471 abahlanganyela enkonzweni ngoJuly, okumelela ukwanda kwamaphesenti angu-18.

◆ ITahiti ibe nokwanda kwamaphesenti angu-17 ngoJuly ngenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1133, okuyinani layo elisha lama-33 ngokulandelana.

◆ NgoJuly, iThailand ibe nenani layo eliphakeme lesithupha labamemezeli lonyaka wenkonzo ngokubika kwabangu-1142, okuwukwanda kwamaphesenti ayishumi ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.

◆ IVanuatu ibe nokwanda kwamaphesenti angu-36 ngoJuly ngenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-140. Baqhuba izifundo ezingu-360, nalo okuyinani elisha eliphakeme.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela