Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/92 kk. 3-6
  • Ukuhlangabezana Ngenjabulo Nezidingo Zesivuno

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlangabezana Ngenjabulo Nezidingo Zesivuno
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indima Yakho Ekwakheleni Ikusasa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso ENingizimu Afrika Nasemazweni Angomakhelwane
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukubonakalisa Ukholo Ngemisebenzi Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 2/92 kk. 3-6

Ukuhlangabezana Ngenjabulo Nezidingo Zesivuno

1 Yebo, lesi isikhathi sokuvuna. Manje sisesiphelweni sesimiso sezinto, futhi njengoba uJesu asho komunye wemifanekiso yakhe, “Ukuvuna kungukuphela kwezwe.” (Math. 13:39) KuJohane 5:17, uJesu wathi: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.” Kulomsebenzi wesikhathi sokuvuna, abantu bakaJehova abamatasa nje kuphela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kodwa futhi nasekulungiseleleni izindawo zokukhulekela. Manje kunanini ngaphambili, amaHholo OMbuso ayadingeka. Ngokujabulisayo, uJehova uye washukumisela izinceku zakhe ezithembekile ukuba zinikele ngokuzithandela ngamakhono azo ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Azizikhandli nje kuphela kodwa futhi zibonakalisa umoya wenjabulo.

2 Manje kunjengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaNehemiya lapho amaIsrayeli ayematasa akha udonga lwaseJerusalema. UNehemiya 4:6 uthi “abantu babenenhliziyo yokusebenza.” Yini eyayibangela lesosimo esihle senhliziyo? Ishiwo kamuva kuNehemiya 8:10: “Ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” Ngokuqinisekile sinazo zonke izizathu zokuba izisebenzi ezijabulayo. Sinesibusiso sikaJehova. Sinomoya kaJehova, futhi injabulo iyingxenye yezithelo zalowomoya.—Gal. 5:22.

3 AmaKomiti Okwakha Esifunda: Imibiko evela ensimini yomhlaba wonke ibonisa ukuthi ‘amasimu aselungele ukuvunwa.’ (Joh. 4:35) Icabanga ngalesidingo, ngo-1984 iNhlangano yaqala ukumisa amaKomiti Okwakha Esifunda ukuze asize amabandla akha amaHholo OMbuso, kungakhathaliseki ukuthi akha izakhiwo ezintsha noma avuselela ezikhona. Abadala abamiswe ukuba bakhonze kulamakomiti bangamadoda angokomoya ngokuvamile anokuhlangenwe nakho okuphawulekayo emkhakheni wokwakha nowezamabhizinisi. Iseluleko sabo siye sabonakala siyinzuzo, ikakhulukazi lapho kunomoya wokubambisana phakathi kwabo nabazalwane abakhonza ekomitini yokwakha yebandla.

4 Amabandla amathathu athola usizo ezisebenzini zokuzithandela ezisebenza neKomiti Yokwakha Yesifunda kamuva abhalela lekomiti ezwakalisa ukwazisa. Aphawula ngokunengqondo: “Sicela nidlulisele uthando lwethu nokubonga komkenu, abantwana benu, nasemabandleni enikuwo. Sikwazisa kakhulu ukuzidela abakwenzayo ngokunivumela ukuba nihlanganyele nabantu bakaJehova abaningi kangaka.”

5 Enye ikomiti yesifunda yabika: “Sathola ukubambisana okuhle ekomitini yokwakha yebandla. Siqhubeka sinomuzwa wokuthi . . . lesi ngesinye sezici ezivuza kakhulu zendima esinayo, ubuhlobo obuba khona ekomitini yokwakha yebandla.” Ikomiti yokwakha yebandla eyayimelele amabandla amabili yabhala muva nje: “Lelilungiselelo liletha izibusiso ezimangalisayo ebandleni. Ake sisho ezinye zazo: ukunikeza isiqondiso sobuciko sokwakha ngekomiti yokwakha, ukulungiselela amakhulukhulu abazalwane abafanelekayo nabangokomoya abazosiza, ukwenza ukuba kube nokwakha okusheshayo okungehlisi ingokomoya lebandla kodwa okuqinisa uthando lwabazalwane ngomunye nomunye, ukunikeza ubufakazi obuhle emphakathini, futhi okuhle ukwedlula konke, ukwenza kube nendawo enhle yokudumisa uJehova.”

6 Thintani IKomiti Yokwakha Yesifunda Kusaqala: Uma amabandla ecabangela ukuqalisa umsebenzi wokuvuselela noma ukuqalisa phansi ukwakha, abadala bebandla kufanele bathintane nosihlalo wekomiti yesifunda ekuqaleni kokwakha. AmaKomiti Okwakha Esifunda aye anikezwa iziqondiso yiNhlangano, futhi labazalwane banokuhlangenwe nakho okuningi okuzosiza ekugwemeni izihibe lapho kuthengwa indawo futhi kuhlelwa umsebenzi wokwakha. Uma yaziswa ngokugcwele ngayo yonke imisebenzi yokwakha endaweni eyabelwe, ikomiti yesifunda ingahlela ukuba kube nezisebenzi zokuzithandela ukuze zonke izakhiwo ziqedwe ngaphandle kokukhandla ngokweqile izisebenzi ezinekhono. Ngayinye iKomiti Yokwakha Yesifunda igcina izinhlu zezisebenzi bese yabela ngokwesimiso izisebenzi zokuzithandela ngaphakathi esifundeni eyabelwe ukuba isebenze kuso.

7 Iziqondiso ezinikezwe amakomiti esifunda zihlanganisa izici okumelwe zicatshangelwe ngokucophelela ngaphambi kokuthola indawo, njengeziyalezo zesifunda, zikamasipala nezomkhandlu wedolobha ezibusa izimo ezihlukahlukene ezithinta ukwakhiwa kweHholo LoMbuso. Amabandla angazuza ngokuhlakanipha kulokho okusikiselwa abadala abamiselwe ukukhonza eKomitini Yokwakha Yesifunda ngokuba athintane nabo zisuka nje, kusengaphambili kakhulu kokuba kuthengwe noma iyiphi indawo.—IzAga 15:22.

8 Abadala bangathinta iKomiti Yokwakha Yesifunda ngombonisi wesifunda. Unegama, ikheli, nenombolo yocingo kasihlalo wekomiti eyabelwe ukusiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso endaweni ibandla elikuyo.

9 Ukuthenga Ngokuhlakanipha: Ngokwengxenye enkulu, amabandla aye athenga izinto zokwakha ngokuhlakanipha. INhlangano ayinaso isimiso sezwe lonke sokuthenga izinto zokwakha. Nokho, ngezikhathi ezithile, abanye abakhiqizi banikeza ngokuqondile amabandla amanani akhethekile. Lapho lokhu kwenzeka, iNhlangano iyokwazisa amaKomiti Okwakha Esifunda ngalabathengisi. Kulesisimo iNhlangano nekomiti yesifunda isuke ingatusi noma ingakhethi lowomthengisi. Lokhu kumane nje kuyindaba yokudlulisela ukwaziswa emabandleni akulezondawo ukuze izinto zokwakha namanani anikezwayo aziwe futhi aqhathaniswe namanye.

10 Abadala bebandla kufanele baqikelele ukuthi izinto zokwakha zitholwa ngokuthenga lapho sekwenziwe ukuqhathanisa okuhle. Ikomiti yesifunda ingasiza ekwenzeni uhlu lwezinto okumelwe zithengwe, kuhlanganise nezinto zokuhlobisa ngaphakathi. Cishe ikomiti ngayinye iyazazi izisebenzi zokuzithandela ezinokuhlangenwe nakho kulemikhakha ezingakujabulela ukwenza izinkonzo zazo zitholakalele ukusiza amabandla ekwenzeni uhlu lwezinto okumelwe zithengwe. Abanye abazalwane abanolwazi ezindabeni zamabhizinisi bangase basetshenziswe ekutholeni amanani angcono ezinto zokwakha. Kufanele kuthintwane nabathengisi abaningana ukuze kunqunywe inani elingcono kakhulu kuyilapho kubhekwa nezinga elifanele. Nakuba ngezinye izikhathi kuthiwa kunikezwa izinto zokwakha noma izinkonzo “ngenani okwathengwa ngalo,” abadala kumelwe bayihlolisise kahle imininingwane, njengoba ngezinye izikhathi kuhlanganiswa namanani acashile. Njengoba kusetshenziswa izimali ezinikezelwe, ukubambisana kwebandla neKomiti Yokwakha Yesifunda kuyosiza ekuqinisekiseni ukuthi lezimali zisetshenziswa ngokuhlakanipha.

11 Gcinani Umklamo WeHholo LoMbuso Ulula: Ngisho nakuba ibandla kungenzeka liye laqongelela izimali ezanele ukuba lihlanganise izici ezengeziwe ngaphandle kokufuna imali ebolekisayo, kufanele kucatshangelwe ukusebenzisa imiklamo evamile nokwakha okunesizotha. Lokhu kwenza ukuba noma yiziphi izimali ezengeziwe zitholakalele ukusetshenziselwa eminye imisebenzi engokwasezulwini. (omZU k. 61; 2 Kor. 8:14) Njengoba abaningi benikela ngokuzithandela ngamandla abo ekwakheni amaHholo OMbuso, izisebenzi zingase zizizwe zithweswe kanzima uma zicelwa ukuba zakhe noma zifakele okokuhlobisa okudinga umsebenzi omkhulu. Nakuba isimiso sesikhulisa-zwi esikahle sidingekile, izimiso ezinemicikilisho ezinezici ezengeziwe ngokuvamile ziyabiza noma azidingekile. Izinto ezinjalo kufanele zicatshangelwe kahle ngaphambi kokuba zihlanganiswe esakhiweni. IKomiti Yokwakha Yesifunda inganikeza umbono obalulekile ekusizeni ukuba kwenziwe izinqumo ezinokulinganisela ngokuphathelene nomklamo.

12 Amabandla amaningi aye akha amaHholo OMbuso amasha ngokusebenzisa izimali ezibolekwe ebandleni kulabo abahlanganyela nebandla. Ngezinye izikhathi iHholo LoMbuso liye lathengiswa, futhi imali etholwe lapho lithengiswa yaba ngeyanele ukuba isingathe izindleko zokwakha isakhiwo esisha, esikhudlwana. Nokho, amanye amabandla kumelwe athole usizo olwengeziwe olungokwezimali. Angase athintane neNhlangano ukuze athole ukuthi angayithola yini imali ebolekisayo, elandela isiqondiso esanikezwa abadala encwadini yangomhla kaDecember 23, 1991. Ngaphambi kokucela imali ebolekisayo eNhlanganweni, abadala kufanele benze ukuhlola ebandleni ukuze bathole ukuthi (1) yimalini ezonikelwa zisuka nje yokusiza ekuthengeni indawo nasezindlekweni zokwakha, (2) yimalini engase ibolekwe ebandleni kulabo abahlanganyela nebandla (namabandla) elihilelekile, futhi (3) yimalini ezonikelwa nyanga zonke ukuze kuhlangatshezwane nezindleko zemisebenzi yebandla kanye nezokukhokha noma iyiphi imali ebolekisayo etholwe eNhlanganweni. Akufanele kuboniswe amagama emapheshaneni abuyiswayo lapho kwenziwa lokhu kuhlola. Kubalulekile ukuba bonke banikeze amanani aqondile, bayihlolisise kahle iminikelo yabo siqu kanye nemali ebolekisayo abanethemba lokuyithola, njengoba abadala bezosebenzisa lamanani ekwenzeleni ibandla izinqumo ezisindayo.

13 Lapho umsebenzi wokwakhiwa kweHholo LoMbuso usuqediwe, ngezinye izikhathi kuba nezimali ezisalayo. Uma kwakutholwe imali ebolekisayo ngeNhlangano, noma iyiphi imali esele kufanele ibuyiselwe eNhlanganweni ngokushesha. Khona-ke iNhlangano inganikeza lezimali kwabanye abanesidingo. Izimali ezengeziwe akufanele zigcinwe ebandleni noma zibolekiswe yibandla (amabandla) elihilelekile kwamanye amabandla.

14 Ukulinganisa Izindleko Nezinqubo Zokuphatha Izimali: Ngaphambi kokuba kuqalwe umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso, izindleko zokwakha kufanele zilinganiswe kahle ngaphambi kokuba kuthunyelwe isicelo sokugcina semali ebolekisayo. Lokhu kuvimbela ukuthwesa abamemezeli isimiso sokukhokha esisinda ngokungadingekile. Futhi, kwenza ukuba kusale izimali eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso ezingatholakalela amanye amabandla anesidingo esicindezelayo seHholo LoMbuso elithuthukisiwe. (Fil. 4:5) Njengoba labo abakhonza ekomitini yesifunda benokuhlangenwe nakho okuningi kulokhu, ukulinganisela okunjalo kufanele kucishe kunembe kahle. Nakuba izindleko ezingenakubonwa kusengaphambili zingabangela ukuba imali ishode, ukulinganisela okunembile ngokunengqondo kungenziwa ngokuhlela okuhle nokuhlaziya izinto ezidla izindleko ezinkulu, kanjalo kugwenywe isidingo sokuba kuhlanganiswe imali eningi engadingekile ezindlekweni ezilinganiselwayo.

15 Umsebenzi wokwakhiwa kweHholo LoMbuso uhilela ukuba ibandla lisebenzise izimali ezinkulu. Abadala kumelwe baqikelele ukuthi izimali zisingathwa ngendlela enokwethenjelwa. Kudingeka kugcinwe amarekhodi ezimali anembile, futhi ibandla (amabandla) elihilelekile kufanele linikezwe imibiko ecacile nyanga zonke. Umbonisi owengamele kufanele aqikelele ukuthi imali yokwakha kanye nazo zonke ezinye izimali ezihambisana nayo ziyabalwa njalo ngemva kwezinyanga ezintathu ngezinyanga okubalwa ngazo izimali zebandla ezivamile. Cishe lonke ibandla kumelwe livume lesihlongozo ngemva kokuba selitshelwe ngokugcwele ngemininingwane nangezindleko ezicatshangelwayo. (kmZU 8/84 k. 2) Ngemva kwalokho, ukuvunywa kwazo zonke izimali ezikhokhwayo kufanele kwenziwe ngendlela efanele ngaphambi kokuba kusetshenziswe noma yiziphi izimali. Lapho isakhiwo siphela, kufanele kube nokubalwa okucacile kwazo zonke izimali ezisetshenzisiwe. Lapho amaKomiti Okwakha Esifunda enganakekeli khona izimali, ikhophi yalemininingwane kufanele ihlanganyelwe neKomiti Yokwakha Yesifunda njengoba lokhu kuzosiza labazalwane ukuba balondoloze ukunemba ekulinganiseni kwabo njengoba besiza amanye amabandla acabangela umsebenzi wokwakha.

16 Lokho Okuye Kwafezwa: Manje kunamaKomiti Okwakha Esifunda angu-24 anakekelwa yigatsha laseNingizimu Afrika. Abika ukuthi unyaka ngamunye kwakhiwa amaHholo OMbuso amasha acishe abe ngu-24 futhi kwenziwe neminye imisebenzi yokuvuselela izakhiwo. AmaKomiti Okwakha Esifunda ebesiza futhi iNhlangano ngemisebenzi ethile yokwakha emakhaya ezithunywa zevangeli, idepho eseThekwini, kanye nendawo yokugcina impahla eHholo Lomhlangano Lase-Eikenhof. Lokho kuwubufakazi bobunye nomoya wokuzithandela oboniswa yilabo abathanda uJehova nabafowabo.—Joh. 13:34, 35.

17 Okuphawulwa Abanye: Umphostoli uPawulu wathi: “Senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.” (1 Kor. 4:9) AmaKristu namuhla awumbukwane, futhi lokhu kuba njalo ikakhulukazi phakathi nesikhathi sokwakha iHholo LoMbuso. Umsebenzi owenziwayo kanye nomoya wenjabulo wezisebenzi uyaphawuleka. Ngenxa yalokho, amaphephandaba anyathelisa izihloko ezigqamile ezinjengesithi “OFakazi BakaJehova: Umsebenzi Wabo Wafinyezwa,” “Ngomoya Wangempela Wokusiza,” nesithi “Ngosuku Lwesithathu, Baphumula.”

18 Ubunye bezisebenzi zokuzithandela ngaso sonke isikhathi buye bamangalisa ababukelayo. Komakhelwane abaseningizimu yeGoli kwabonakala sengathi “abesifazane nabantwana” babakha iHholo LoMbuso elisha endaweni abakuyona. Babekungabaza ukuthi oFakazi bazowuqeda lomsebenzi. Kodwa ngokushesha bashintsha imiqondo yabo lapho bebona iHholo LoMbuso elihle liphakama ngesikhathi esifushane kakhulu.

19 Iphephandaba eNatali lasho lokhu ngomsebenzi wokwakha owawenziwa yibandla lakuleyondawo: ‘IHholo LoMbuso elihle elakhiwe ngeface-brick, ngaphandle kwezindleko! Yebo, kunjengoba kushiwo, ukusebenza kanzima nokuzinikezela kokungazigodli kwebandla laseToti loFakazi BakaJehova kwabonakaliswa ngezimpela-sonto eziyishumi lapho lizakhela ihholo elisha ukuze libhekane nokwanda kwalo okusheshayo.’

20 Elinye ibandla oLundi lazwakalisa ukwazisa kwalo eKomitini Yokwakha Yesifunda futhi lathi: “Asikwazi ukuyiloba indlela esizizwa ngayo ngalokho enisenzele khona. . . . Kwamane kwaba sobala kithi ukuthi amaqembu ezisebenzi nabasizi bawo bebengakheli nje iBandla LasoLundi iHholo. Kodwa ngokuyinhloko bebelakhela uJehova. Izinga nomsebenzi owenziwe walelihholo elihle kakhulu kungamane nje kuthiwe kubangelwe yilawomandla ashukumisayo.”

21 Umlobeli wezindaba waphawula: “IRoma ayizange yakhiwe ngosuku olulodwa, njengoba kusho isaga sakudala, kodwa ibandla lasendaweni loFakazi BakaJehova selizowuqeda lowombono ngokwakha iHholo lalo LoMbuso elisha.” Omunye umlobi wahlanganisa umsebenzi wokwakhiwa kweHholo LoMbuso endaweni futhi wathi: “Lokhu kungase kubonakale njengokuthile ozwayo nje ngakho, kodwa kwenzekile khona lapha. . . . Lokho abaningi abakubheka njengesimangaliso ngempela, oFakazi BakaJehova bakubheka njengenqubo yabo. . . . Nakuba bengase bangathandi ukugabisa ngempumelelo yabo, umoya wabo nokubambisana kubekela abaningi izibonelo zokuba bazilandele.”

22 ETexas, eU.S.A. umuntu ongeyena uFakazi wabhalela iphephandaba ngemva kokubukela omunye wemisebenzi yokwakha eyenziwa ngokushesha: “Bengibukele ngokumangala njengoba lesisakhiwo siphakama phambi kwamehlo ami. Bonke abantu babesihlanganyela, ngaphakathi nangaphandle. . . . Kwakungekho ukumemezana, ukuthukana, noma okubonakala kuwubushiqela. Uma ukude kwakubonakala sengathi kunesandla esingabonakali esasiqondisa wonke umuntu. Mhlawumbe kunjalo. Namanje ngisamangele ngokuba ngokoqobo kwalokhu.” Waphetha incwadi yakhe ngokuthi: “Lapho befika ekhaya lakho, abaqondile ukukukhathaza. Bafuna nje ukuhlanganyela uthando lwabo nenjabulo nawo wonke umuntu. Mhlawumbe kufanele okungenani sibalalele. Ngiyazi ukuthi mina ngizokwenza. Ngoba lokho engikubone ngempela-sonto edlule bekufana nokukhanya okukhazimulayo ezweni elimnyama, futhi namuhla, bafowethu, sidinga okunye kwalokho kukhanya nothando.”

23 Usizo Lothando Lwezisebenzi Zokuzithandela: Izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela, kuhlanganise nezisebenzi ezinekhono ezisiza ekwakheni amaHholo OMbuso, ngokuqinisekile kumelwe zituswe. Ukwenza kwazo lokhu ngaphandle kokuthola imali eyimbuyiselo ngomzamo wazo kuwubufakazi bokuthi umoya kaJehova usebenza ngazo. (IzE. 20:35; 1 Joh. 4:12, 13, 21) Kuningi kakhulu okufezwa yilezisebenzi ezijabulayo endaweni yokwakha.

24 Izisebenzi eziningi ezifanelekayo zinikela ngesikhathi sazo namakhono ukuze zisize ngokuthenga indawo, umklamo wokwakha, umsebenzi wokwakha nobunjiniyela, ukuhlobisa, ukulungisa amagceke, ukulungisa isiza, ukuthenga, inkonzo yezokudla, ukunakekela izithuthi, ukulondeka, nokunye. Abazalwane banikela ngezinto zabo siqu kulemisebenzi yokwakha. Yeka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kumjabulisa kanjani uBaba wethu, uJehova, lapho ebabona besebenzisa impahla yabo namakhono ngalendlela yothando!—Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 2:6-9 neyesi-2 Thesalonika 3:8b.

25 Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe: AmaKomiti Okwakha Esifunda abika ukuthi kudingeka izisebenzi zokuzithandela eziningi ngokwengeziwe. Lena inkonzo edingekayo ekusekeleni izithakazelo zoMbuso. (1 Kor. 15:58) Kudingeka izisebenzi ezinekhono, njengoba kudingeka nabanye abazalwane abavuthiwe abanezimfanelo ezingokomoya nakuba bengenamakhono emisebenzini yokwakha. Uma ukufanelekela lokho, ingabe ungakwenza ukuhlela okuthile ukuze ukwazi ukuba sesimweni sokusiza ngokuzithandela? (Isaya 6:8) Ngokwesibonelo, abanye abadala noma izinceku ezikhonzayo bangase bakwazi ukusiza ekwakhiweni kweHholo LoMbuso ngempela-sonto eyodwa inyanga ngayinye noma ezimbili. Bangase baqeqeshwe ukuze bakwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo eyengeziwe, ngokuvamile eminyangweni engahileli ukwakha. Lokhu kuzonikeza usizo kubazalwane abasebenza kanzima abaqondisa lemisebenzi.

26 AmaKomiti Okwakha Esifunda namakomiti okwakha amabandla ahlela izisebenzi zokuzithandela ngendlela yokuba zibe sendaweni yokwakha lapho usizo lwazo ludingeka. Lezisebenzi njalo zifuna ukuhlonipha izwi lawo futhi zizigcine ngokwethembeka izikhathi ezinjalo ezimisiwe, zenze ukuba ‘uYebo’ wazo abe ‘uyebo.’ (Math. 5:37) Uma kuba khona into ethile ebingenakubonakala kusengaphambili ezivimbela ukwenza lokhu, zazisa umbonisi onomthwalo wemfanelo ngokushesha. Izisebenzi zokuzithandela ziphindela emabandleni ezikuwo nasemakhaya ngokushesha ngangokunokwenzeka futhi aziphuthi ngokungadingekile ekuhlanganyeleni emihlanganweni nasemsebenzini wenkonzo yasensimini. Labo ababa sendaweni yokwakha iHholo LoMbuso kuyoba yilabo (1) abayizisebenzi zokuzithandela ezigunyaziwe ababelwe ngokukhethekile yizinhloko zeminyango ukuba babe khona kanye (2) nalabo abavela emabandleni asendaweni okwakhiwa kuyo iHholo LoMbuso ukuze bakhe iqembu lezisebenzi ezenza umsebenzi ovamile ongadingi amakhono. Abanye bakhuthazwa ukuba basekele umsebenzi wenkonzo yasensimini nemihlangano emabandleni abakuwo.

27 Inqubo Yezisebenzi Zokuzithandela: Umuntu uba kanjani isisebenzi sokuzithandela? NgoDecember 1991 indikimba ngayinye yabadala yathunyelelwa amafomu athi Kingdom Hall Construction Worker Questionnaire. Lamafomu angatholwa yizisebenzi ezifanelekayo lapho ziwacela. Uma kudingeka amafomu engeziwe, abadala bangawathola kumbonisi wesifunda. Abadala baneziyalezo eziningiliziwe eziphathelene nezisebenzi zokuzithandela ezidingekayo kanye nezimfanelo okumelwe kuhlangatshezwane nazo.

28 Uma ufisa ukusiza ngokuzithandela ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso endaweni yakini futhi uyinceku ekhonzayo noma umdala noma ungumKristu oyisibonelo oyisisebenzi esinekhono, ungase ucele elinye lamafomu kubadala ebandleni lakini. Phindisela ifomu eligcwalisiwe kubadala. Bayonezela ukukhulumela kwabo bese belidlulisela kumbonisi wesifunda, naye, ozoligcwalisa lelifomu bese elithumela eKomitini Yokwakha Yesifunda. Uma izimo zakho siqu zikuvumela futhi ukufanelekela ukuba isisebenzi sokuzithandela, uyothola izibusiso ezinkulu njengoba ubona injabulo yabafowenu nodadewenu lapho kuqedwa umsebenzi wabo wokwakha iHholo LoMbuso, kube udumo kuJehova.

29 Bonke Bangasiza: Labo abangekho esimweni sokuba izisebenzi zokuzithandela nabo bangenza inkonzo ebalulekile. Basiza ngokunakekela izidingo zebandla ngenkathi abanye bekhonza emsebenzini wokwakhiwa kweHholo LoMbuso. Ngenxa yesidingo ezinye izisebenzi zokuzithandela kumelwe ngezikhathi ezithile zingabibikho emihlanganweni ebandleni ezikulo njengoba zisiza ngothando amanye amabandla ngokwakhiwa kweHholo LoMbuso.

30 Futhi, lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso eduzane, abamemezeli abasebandleni okulo abangenawo amakhono okwakha bangase babe nethuba lokuyosiza njengengxenye yeqembu lezisebenzi ezenza imisebenzi evamile. Lezisebenzi aziwagcwalisi amafomu emibuzo yezisebenzi zokuzithandela. Kuyaziswa ngesidingo, bese kwenziwa amalungiselelo ngabadala abase(ma)bandleni elihilelekile emsebenzini wokwakha kanye nabadala abasemabandleni angomakhelwane ngesisekelo sokuba kusetshenzwe kanye kanye ngesikhathi esithile.

31 Sonke sinethuba lokunikela ngokwezimali eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso uma izimo zethu zivuma. Selokhu iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso sasungulwa ngoJanuary 1990, izimali ziye zenziwa zatholakala, zivela nakwamanye amazwe, ukuze zisize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso amasha angu-33 asensimini yegatsha laseNingizimu Afrika. Lezimali zingasingatha amabandla angu-44. Amabandla amaningi ngabe awazitholanga izindawo ezinhle kanjalo zokuhlanganyela uma belungekho uthando lobuzalwane oluye lwabonakaliswa ekusekeleni kwenu kokuphana iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso.

32 ISikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso sibolekisa imali ebolekisayo ukuze sisize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso amasha. Njengoba izimali zikhokhwa kanye nenzalo, lezimali zibolekwa amanye amabandla anesidingo. Kunezinzuzo ekuthintaneni neNhlangano ngokuphathelene nesicelo semali ebolekisayo ngaphambi kokufuna ukuxhaswa ngezimali ifemu elithile lezentengiselwano.

33 Amazwi Okuzwakalisa Ukwazisa: Lapho iHholo lalo LoMbuso elisha seliqediwe, ibandla laseNewcastle lasho lokhu encwadini elayibhalela iNhlangano: “Sibonga kakhulu kuJehova futhi sithanda ukunibonga kakhulu ngokusinikeza imali ebolekisayo yeHholo lethu LoMbuso kanye nalo lonke usizo esinikezwe lona.”

34 Elinye ibandla lazwakalisa ukwazisa ngosizo lothando elaluthola, lithi: “Sithanda ukuzwakalisa kinina ukubonga kwethu okujulile ngosizo lweSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso. Ngaphandle kwaso ukwakhiwa kwehholo [lethu] bekuyoba nzima kakhulu futhi kwephuze isikhathi esithile. Ukuhlakanipha kukaJehova ngokuqinisekile kuyabonakala kulelilungiselelo.”

35 Ibandla laseKnysna labhala: “Siyajabula ukubika ukuthi ekugcineni iHholo lethu LoMbuso seliphelile. Sinokukhulumela okuningi kakhulu okukhuthazayo namazwi okuhalalisela ngalelihholo elisha futhi kakade sesiye saba nemihlangano embalwa kulo. Siyaqaphela ukuthi ngaphandle komoya kaJehova kanye nosizo [lweNhlangano] olungokwezimali lokhu bekungeke kwenzeke, futhi sibonga ngempela.”

36 ELebowa-Kgomo sithole lokhu kukhulumela ngomoya omuhle oboniswa ngabazalwane nodade: “Ekuqaleni izimali ezahlanganiswa zazincane kakhulu. Umzalwane uT— wayesebeka inkulumo ebandleni agcizelela kuyo ukuthi babengeke bakwazi ukwakha iHholo LoMbuso ngamasenti ayishumi. Ngemva kwalokhu iminikelo yangena kangcono kakhulu kwaze kwaba seqophelweni lokuba ekugcineni [si]qongelele isikhwama semali engu-R15000,00. Khona-ke iNhlangano yasisiza ngemali ebolekisayo eyenza [sa]kwazi ukwakha leliHholo LoMbuso. — Omakhelwane bamangala ngokubona bonke abantu besebenza ndawonye kuhlanganise nazo zonke izizwe. — Njengoba iHholo LoMbuso seliqediwe, limi livelele njengendawo enhle yokukhulekela yoFakazi BakaJehova lapha eLebowa-Kgomo.”

37 Umsebenzi Osengaphambili: Yebo, sonke sinesizathu zokujabula njengoba sihlangabezana nezidingo zesivuno. Kufanele sibe nomoya wokubambisana—sisebenze ndawonye futhi siwusekele ngokugcwele lomsebenzi odingekile. (IHu. 133:1) Yeka indlela esijabula ngayo ngokuba namadoda amiswe yinhlangano kaJehova ukuba ahole kokubili ezindabeni ezingokomoya kanye nasekwakhiweni kwezakhiwo ezidingekayo! UPawulu wanxusa abaseFilipi, ethi: “Gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-nomqondo munye, ninothando lunye.” (Fil. 2:2) Ngokuqinisekile, sinazo zonke izizathu zokujabula, njengoba siphathiswe izindaba ezinhle zoMbuso omisiwe ukuba ‘zishunyayelwe ezweni lonke, kube ubufakazi ezizweni zonke’ ngaphambi kokuba kufike isiphelo. (Math. 24:14) Ukuthatha kwethu ukuma okuqinile ngasohlangothini lwalowoMbuso nokusebenzela ngokwethembeka izithakazelo zawo kwenza inhliziyo kaJehova ithokoze. “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Yeka ilungelo eliphawulekayo esinalo lokusebenza nokuhlanganyela ngenjabulo noJesu Kristu emsebenzini kaJehova!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela