Hlakulela Isithakazelo EMbusweni KaNkulunkulu Wokuthula
1 Phakathi nenyanga ka-February, sizobe sihambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Umgomo wethu kufanele ube ukusiza abantu abanhliziyo ziqotho babe nokwazisa ngoMbuso kaNkulunkulu nalokho ozokufeza. Imibuzo efuna imibono ingasisiza ukuba sikufeze lokhu.
Ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula” lingasetshenziselwa ukwethula isipho. Ngemva kokubingelela kobungane, singase sisho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Emhlabeni kabanzi kwenzeka izinguquko ezishaqisayo kuhulumeni, futhi ngokuvamile kuyaye kuthiwe umgomo uwukuthula. Ingabe unomuzwa wokuthi ukuthula kweqiniso kuyoke kutholakale? [Lindela impendulo.] Nakuba abaningi bebheka ngethemba kubabusi abangabantu ukuba balethe ukuthula, phawula indlela uNkulunkulu athembisa ukuletha ukuthula ngayo njengoba kushiwo kumaHubo 46:9. [Funda.] Yiziphi izinguquko ocabanga ukuthi ziyolethwa ukuthatha kukaNkulunkulu isinyathelo? [Lalela impendulo yomninikhaya, bese umbonisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.] Ingabe ungakubona ngeso lengqondo lokho okuboniswa lapha?” Cabangela ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu.” Uma isimo sivuma, donsela ukunakekela komninikhaya ekwazisweni okusemakhasini 156-62 encwadini ethi Ungaphila Phakade. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R9,00. Shiyela umninikhaya ipheshana kungakhathaliseki ukuthi uyasamukela isipho noma cha. Singase siphethe ingxoxo ngokubuza: “Ingabe ucabanga ukuthi uhulumeni kaNkulunkulu uyoziletha lezinguquko?” Hlela ukubuya futhi niqhubeke nengxoxo.
3Noma singase sithi:
◼ “Abantu abaningi bezwakalisa ukukhathazeka ngezinkinga eziphazamisayo sonke okufanele sibhekane nazo nsuku zonke. Ingabe unomuzwa wokuthi likhona ithemba lokukhululeka kulezinkinga? [Lindela impendulo.] Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwethu. Nokho, phawula lokho akuthembisayo kusAmbulo 21:3, 4.” Funda lamavesi. Kuleliqophelo donsela ukunakekela komninikhaya encwadini ethi Ungaphila Phakade. Ungase uphakamise umbuzo othi: “Kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka?” Vula isahluko 11 encwadini ethi Ungaphila Phakade. Uma isikhathi sivuma, ungase ufune ukudonsela kafushane ukunakekela komninikhaya ezigabeni 1 no-2 ekhasini 99. Hambisa isipho bese utshela umninikhaya ukuthi uzokujabulela kakhulu ukuqhuba lengxoxo ekuhambeleni okulandelayo.
4Uma umninikhaya kakade esenayo incwadi noma engenaso isithakazelo ekwamukeleni isipho ngenxa yesizathu esithile, khona-ke hambisa omagazini bamuva ngokukhulumela iphuzu elithile elisesihlokweni osikhethile.
Ungase uthande ukwethula umagazini ngokuba uthi:
◼ “Lesihloko siyichaza ngokuningiliziwe lendaba. [Funda umusho owodwa noma emibili oyikhethe kusengaphambili.] Lesihloko sinikeza imiqondo eyengeziwe ezokukhuthaza wena nomkhaya wakho. Njengoba ubonakala unesithakazelo kulendaba, singakujabulela ukukushiyela lomagazini kanye nomngane wawo ngomnikelo ka-R1,60.”
5 Ngokuvamile abantu bayadideka lapho kuziwa ekutheni bangaphendukelaphi ukuze bathole amakhambi ezinkinga isintu esibhekene nazo. Sinelungelo lokuhlanganyela nabo ithemba elicacile lesikhathi esizayo. (IzE. 17:27) Khona-ke, kwangathi ngenkuthalo singaqondisa ukunakekela kwabantu eMbusweni kaNkulunkulu, umthombo weqiniso wokuthula.