Bambisisa Isivumo Sethemba Lakho Ngokungaxegi
1 ISifundo se-Nqabayokulinda siwumzila oyinhloko okunikezwa ngawo “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi sakho” kubantu bakaNkulunkulu namuhla. (Math. 24:45) Siya kulomhlangano obalulekile sinezinhloso ezimbili eziyinhloko—ukwakhiwa ngokomoya nokuzwakalisa kwabanye isivumo sethemba lethu.—Heb. 10:23-25.
2 Ukuzizuzisa Thina: Kulinganiselwa ukuthi emabandleni amaningi ingxenye eyodwa kwezintathu kuphela ezilalelini elungiselela lesifundo kusengaphambili. Cishe inani elifanayo elihlanganyela ekuphenduleni. Ukudla okuqinile okungokomoya okunikezwa eSifundweni se-Nqabayokulinda ngeke ukuzwisise ngokugcwele phakathi nomhlangano ngokwawo. Kudingeka ubekele eceleni isikhathi sokutadisha ukwaziswa kusengaphambili.
3 Lapho ulungiselela isifundo, ungase ukuthole kuwusizo ukuqale ufunde futhi ucabange ngemibuzo esebhokisini elingasekugcineni kwesihloko. Lokhu kungakusiza ukuba ugxilise ingqondo yakho emaphuzwini ayinhloko azocatshangelwa esifundweni.
4 Phakathi nesifundo lalelisisa lokho okushiwoyo. Qaphelisisa isethulo somqhubi; lokhu kukhulumela kwendlalela isifundo. Angase aphakamise imibuzo emithathu noma emine esazophendulwa, noma angase abukeze amaphuzu athile avelele esifundo sangesonto elidlule uma esangalelosonto siqhubekisela phambili isihloko esifanayo. Uma kukhona ukulungisa okumelwe sikwenze ekuqondeni kwethu isiprofetho esithile seBhayibheli noma isimiso esingokomBhalo, uyodonsela ukunakekela kwethu kukho. Yiqiniso, ukukhulumela komqhubi kufanele kube kufushane, njengoba enye injongo yalesifundo iwukunikeza ibandla ithuba lokuzwakalisa ithemba lalo. Lalelisisa lapho abanye bephendula besho lokho abaye bakufunda; lokhu kungasiza ekuqiniseni ukholo lwakho.
5 Yisho Isivumo Sethemba Lakho: Ingabe uyaphendula njalo phakathi nesifundo? Kutuseka izimpendulo ezimfushane, ezishaya emhloleni. (Qhathanisa noLuka 21:1-4.) Impendulo elula esuka enhliziyweni ijatshulelwa yibo bonke. Ngokuvamile impendulo yokuqala yombuzo kufanele ibe mfushane futhi ishaye emhloleni. Lokhu kwenza abanye bakwazi ukukhulumela umbhalo noma badonsele ukunakekela emininingwaneni yesigaba. Ngalendlela abaningi bangazwakalisa isivumo sethemba elikubo. Izimpendulo kufanele njalo zibe eziqondile futhi zakhe.
6 Uma usanda kuqala ukuba khona kulesifundo noma uma wesaba ukuphendula, ungase ucele usizo kumqhubi. Mcele ukuba abheke isandla sakho lapho kucatshangelwa isigaba esithile. Mhlawumbe ungacela ukufunda ngokuzithandela umbhalo okhonjiwe bese ukhulumela kafushane ukusebenza kwencazelo yawo. Ungase ubhale amaphuzu ambalwa eceleni okukusiza ukuba ukhumbule lokho ofuna ukukusho lapho uphendula. Uma usemncane, khumbula ukuthi izimpendulo zakho ziyamukelwa futhi ziyaziswa.—Math. 21:16.
7 Kubalulekile ukuba sibonise ukholo lwethu, futhi iSifundo se-Nqabayokulinda sinikeza ithuba elihle lokwenza kanjalo. Uma umadolonzima ukuphendula, yenza okusemandleni akho ukuze unqobe lenkinga, uzame ukuba okungenani unikeze impendulo eyodwa. Uyobe ube nengxenye emhlanganweni, futhi uyozizwa kangcono ngalokho. Ngakho kungani ungahleli ukunikeza okungenani impendulo eyodwa kuwo kanye umhlangano olandelayo weSifundo se-Nqabayokulinda?—IzAga 15:23.