Benze Bazizwe Bamukelekile ESikhumbuzweni
1 Eminyakeni embalwa edlule, umuntu oyedwa kuphela kwabathathu kwababekhona eSikhumbuzweni owayengummemezeli wezindaba ezinhle. Cishe kuzokwenzeka okufanayo nakulonyaka. Kungenzeka abanye babekhona ngenxa yesikhuthazo sesihlobo noma umuntu abajwayelene naye ohlala kwelinye idolobha, kuyilapho abanye kungenzeka bamenywe abamemezeli bendawo. Abanye futhi ababakhona, nakuba bebhapathiziwe, abasakhuthele enkonzweni. Sibamukela ngobuqotho bonke ababonisa inhlonipho ngomyalo kaJesu othi: “Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”—1 Kor. 11:24; Roma 15:7.
2 Abalindi ababelwe kufanele bakuphaphamele ukwamukela wonke umuntu lapho efika eHholo LoMbuso, ikakhulukazi oqalayo ukuba khona. Nokho, sonke singaba nengxenye ekwamukeleni izihambi eSikhumbuzweni. (Roma 12:13) Kanjani?
3 Ngalobobusuku abanye abamemezeli bayobe bematasa kakhulu belungiselela abantu abathakazelayo izinto zokuhamba. Abanye bangase bakwazi ukusheshe bafike ukuze babingelele izivakashi ezizifikela zodwa. Lapho umuntu ongamazi efika ehholo, mbingelele ngemfudumalo, bese uqala ingxoxo. Mbuze ukuthi ukhona yini umuntu amaziyo ebandleni. Uma ekhona, mnakekele aze afike lowomuntu. (Qhathanisa noLuka 10:35.) Uma engazi muntu, kungani ungamceli ukuba ahlale nawe phakathi nomhlangano? Mchazele ukuthi iwayini nesinkwa kuzosetshenziswa kanjani phakathi nesimiso. Kungenzeka adinge usizo lwakho ekufuneni imibhalo ecashunwa isikhulumi.
4 Ekupheleni komkhosi weSikhumbuzo, mtshele ukuthi ujabulile ngokuba abe khona. Kungenzeka abe nemibuzo ephathelene nomsebenzi wethu ongase uyiphendule. Isithakazelo somuntu siqu osibonisayo kuye singaholela engxoxweni ephathelene nesihloko esithile seBhayibheli, ingaba seHholo LoMbuso noma kwenye indawo. Abazalwane abaphapheme abaye basukumela phezulu ekuthatheni lesinyathelo esitusekayo baye baqala izifundo ezinhle kakhulu. Ngaphambi kokuba aphume eHholo LoMbuso, methule kwabanye, bese ummema ngokufudumele ukuba abuye.
5 Yeka indlela okujabulisa ngayo ukwamukela abafowethu nodadewethu abathandekayo abebengezi njalo emihlanganweni noma asebenesikhathi esithile bengasakhuthele enkonzweni! Esikhundleni sokubuza imibuzo yokuthi kungani bebengasezi, mane nje ubonise ukuthi ukujabulele ukuba khona kwabo. Mhlawumbe okuthile abakuzwayo phakathi nenkulumo yeSikhumbuzo kuyobashukumisela ukuba babuhlolisise kabusha ubuhlobo babo bokuzinikezela kuJehova. Ukubamukela ngemfudumalo kanye nokukhathalela okuqotho okubonisayo kungase kuzithinte izinhliziyo zabo. Batshele ukuthi ubheke phambili ekubaboneni futhi.—Roma 1:11, 12.
6 Emabandleni amaningi inkulumo yeningi ekhethekile enesihloko esithi “Inkolo Yeqiniso Ihlangabezana Nezidingo Zomphakathi Wesintu” iyonikezwa ngo-April 10. Qikelela ukuthi bonke abakhona emkhosini weSikhumbuzo bayamenywa futhi basizwe ukuba babe khona. Sinethemba lokuthi labo abayoba khona kulemihlangano ekhethekile bayozizwa bamukelekile futhi babone umoya ofudumele wobungane phakathi kwabantu bakaJehova.—IHu. 133:1.