Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/96 k. 4
  • Shumayela Ngokuqonda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Shumayela Ngokuqonda
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indlela Yokuhambisa Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Bonke Mabazi Ukuthi Ukulondeka Komhlaba Wonke Kuseduze
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukuzisebenzisa Ngokunenzuzo Izincwadi Zethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 1/96 k. 4

Shumayela Ngokuqonda

1 Ukuqonda kudinga sazi okuthile ngabantu esishumayela kubo. Ngani? Ngoba impumelelo yethu ekufinyeleleni izinhliziyo zabantu ixhomeke ekhonweni lethu lokunikeza isigijimi soMbuso ngendlela ebakhangayo. Ngo-January, sizobe sihambisa ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50. Ngaphezu kokusikisela okwanikezwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December, ungase uthande ukuzama enye yalezi zindlela ezilandelayo.

2 Ngemva kokuzethula, ungase usho okulandelayo ngamazwi akho:

◼“Abaningi baye bazibuza ukuthi engabe uJesu wayenjani ngesikhathi ephila kulomhlaba njengomuntu. Ucabanga ukuthi wayehluke ngaziphi izindlela kwabanye abantu? [Lindela impendulo.] Lencwadi ethakazelisayo, ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ilandisa ngezici ezivelele zokuphila nenkonzo yakhe, futhi inikeza ukuqonda ngohlobo lomuntu ayeyilo. Ngemva kokuyifunda, abanye baba nomuzwa wokuthi baye baba nobudlelwane naye siqu, bahlanganyela ukuhlupheka kwakhe, futhi bazibonela ngawabo inkonzo yakhe.” Mbonise umfanekiso wokuqala encwadini oqokomisa isihloko. Yibe usuvula isethulo, bese ufunda isigaba sesibili ngaphansi kwesihlokwana esithi “Zuza Ngokufunda Ngaye.” Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R10,50.

3 Ungase uthande ukusebenzisa intshumayelo enjengalena:

◼“Sawubona. Besixoxa nabanye bomakhelwane ngokuphathelene nezimfanelo abangathanda ukuzibona kumuntu obusa abanye. Iyiphi imfanelo eyodwa noma ezimbili ocabanga ukuthi zingezibaluleke kakhulu? [Lindela impendulo. Bonga lokho akushilo. Uvumelane naye uma kufaneleka.] Ingabe bewazi ukuthi iBhayibheli lichaza izimfanelo zaLowo oye wamiswa ukuba abe umbusi wesintu? Lokho kulapha ku-Isaya 9:6, 7. [Funda.] Ucabanga ukuthi bekungaba njani ukuphila ngaphansi kombusi onjalo?” Lindela impendulo bese udonsela ukunakekela kumaHubo 146:3, 4. Vula isahluko 133 encwadini ethi Umuntu Omkhulu ukuze uqhubekisele ingxoxo phambili.

4Sebenzisa Ipheshana Ukuze Wethule Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu: Amapheshana awusizo kakhulu ekuqaleni izingxoxo. Ayasiza ekudonseni ukunaka kwabaninikhaya ngoba amapheshana akhuluma ngezindaba eziwusizo ezithinta bona siqu.

Ngokwesibonelo, ungasho okuthile okunjengalokhu:

◼“Lapho sixoxa nabantu, siphawule ukuthi abaningi bakhathazekile ngenxa . . . [khetha isenzakalo samuva esiwundaba mlonyeni]. Kubonakala sengathi izimo zezwe ziya ziba zimbi ngokwengeziwe. Abanye baze ngisho bazibuze ukuthi kazi lelizwe lingasinda yini. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela umninikhaya aphendule. Abantu abaningi banethemba lokuhle.] Ngifunde okuthile okukhuthazayo engingathanda ukukuhlanganyela nawe. Kukuleli pheshana. [Nikeza umninikhaya ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? njengoba nawe uphethe elifanayo.] Phawula indlela uJesu aprofetha ngayo ukuthi . . . ” Funda isigaba esisekhasini 4 noma 5 esihambisana nesenzakalo samuva okhulume ngaso esingenisweni sakho. Bonisa umninikhaya incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Uma kubonakala kufaneleka, vula ukwaziswa okwengeziwe okuphathelene nesiprofetho sikaJesu okuqokonyiswe esahlukweni 111. Hambisa incwadi. Qikelela nokuba uphakamise umbuzo wendaba eniyoxoxa ngayo lapho ubuya.

5 Ukuqonda okuhle kuyosenza sibone izidingo zabantu esihlangana nabo kanye nezinto abanesithakazelo kuzo. IzAga 16:23 ziyasiqinisekisa, lapho zithi: “Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela