Ababonisi Bayahola—Unobhala
1 Unobhala webandla ufeza indima ebalulekile ekuqikeleleni ukuba ‘zonke izinto zenzeka ngokufaneleyo nangohlelo.’ (1 Kor. 14:40) Njengelungu leKomiti Yenkonzo Yebandla, unakekela izincwadi ezibhalelwa ibandla nelizibhalayo kanye namarekhodi abalulekile. Nakuba imisebenzi yakhe ingase ingabi sobala njengeyabanye abadala, izinkonzo zakhe ziyadingeka kakhulu futhi ziyaziswa.
2 Lapho kunezincwadi ezivela eNhlanganweni noma kwabanye, unobhala uyazinakekela abese eqikelela ukuba ziphendulwe uma kudingeka. Uyaqikelela ukuba izincwadi ezifikayo zijikeleza kubo bonke abadala abese ezigcina emafayilini ukuze kubhekiselwe kuzo. Uhlola amafomu oku-oda omagazini nezincwadi abese ewathumela eNhlanganweni. Wengamela ngokuqondile labo abasingatha izimali nezikhokhelo kanye nazo zonke izindaba eziphathelene nomhlangano.
3 Njengoba unobhala kumelwe athumele eNhlanganweni umbiko webandla wenkonzo yasensimini wazinyanga zonke lungakadluli usuku lwesithupha lwenyanga, kubaluleke kakhulu ukuba sonke sibike inkonzo yethu yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Ube esefaka imibiko yenkonzo emakhadini oMbiko Wommemezeli Webandla. Noma imuphi ummemezeli angacela ukubona ikhadi lakhe lomsebenzi.
4 Lapho kufika ummemezeli ebandleni noma ethuthela kwelinye ibandla, unobhala ucela incwadi emethulayo kanye nekhadi loMbiko Wommemezeli Webandla kubadala balelo bandla noma akuthumele kubadala balelo bandla ummemezeli athuthela kulo.—Ukuhlelelwa, kk. 104-5.
5 Unobhala uhlola umsebenzi wamaphayona, abese azisa abadala, ikakhulukazi umbonisi wenkonzo nganoma iziphi izinkinga okungenzeka amaphayona anazo. Uqaphelisa abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla ngabamemezeli abangaphumi njalo enkonzweni yasensimini. Unobhala kanye nombonisi wenkonzo bayahola ekuhleleni imizamo yokunakekela asebepholile.—INkonzo Yethu YoMbuso, November 1987, k. 1.
6 Njengoba sesiyiqonda kangcono imisebenzi kanobhala, kwangathi singenza okusemandleni ukuze siwenze ube lula umsebenzi awuphathisiwe.—1 Kor. 4:2.