Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusizana Ukuba Siqalise Izifundo ZeBhayibheli
1 Bonke abathanda uJehova bafuna ukukhiqiza enkonzweni yabo. UJesu wasithuma ukuba ‘senze abafundi, sibafundise ukugcina konke asiyale ngakho.’ (Math. 28:19, 20) Uma ufisela ukuqalisa isifundo seBhayibheli, funa isiqondiso sikaJehova futhi usebenzise ngokunenzuzo usizo nokusikisela okusebenzayo okunikezwa ngebandla.—Math. 7:7, 8.
2 Umqhubi wenu weSifundo Sencwadi Sebandla unesithakazelo esikhethekile emsebenzini wokutadisha iBhayibheli eqenjini lenu. Xoxa naye futhi umazise ngesifiso sakho sokuqhuba isifundo seBhayibheli. Angase akwazi ukuhlela ukuba ummemezeli onokuhlangenwe nakho asebenze nawe isikhathi esithile. Injongo kufanele kube (1) ukukwenza ukwazi ukuqalisa bese uqhuba isifundo seBhayibheli esithuthukayo futhi (2) uqalise nezinye izifundo esikhathini esizayo.
FUNDA NGESIBONELO
3 Ezimweni eziningi, ukungabi naso kwethu isifundo seBhayibheli kungase kube ngenxa yokungabuyeli kwethu ngokushesha ngokwanele lapho sihambise khona izincwadi noma lapho kuboniswe khona isithakazelo. Khona-ke, kwenze umgomo ukuphindela ngokushesha ngangokunokwenzeka. Yebo, uyodinga ukugcina umbhalo omuhle wesithakazelo. Mhlawumbe ummemezeli okusizayo angakubonisa indlela okwenziwa ngayo lokhu. Nobabili niyofuna ukulungiselela ukwenza lezimpindelo ngenjongo yokuqalisa izifundo zeBhayibheli. Izikhathi zokulungiselela ziyokunikeza umqondo omuhle wendlela yokuvuselela isithakazelo lapho niphindela.
4 Qaphela lokho lowo ohamba naye enkonzweni akwenzayo lapho kunguyena okhulumayo empindelweni. Phawula indlela amhilela ngayo umninikhaya engxoxweni. Zibuze indlela ongakwenza ngayo okufanayo. Ingabe wenza umninikhaya akhulume ngokusebenzisa imibuzo eholayo noma ngokucela ukukhulumela umbhalo ofanelekile? Ngemva kokuhambela, bukeza lokho okufundile. Khona-ke zimisele ukuzisebenzisa lezizinto ezimpindelweni zesikhathi esizayo.
5 Lapho isifundo seBhayibheli sesiqalisiwe, hlelani izindlela eningahlanganyela ngazo nobabili kuso. Ungase ufunde imiBhalo eyisihluthulelo ekhethiwe futhi usize umninikhaya ayiqonde. Lapho senihamba, cela ukusikisela okuwusizo kulowo ohamba naye, okunjengokuthi ungayibuza nini imibuzo yokusiza, indlela yokuvusa isithakazelo somfundi ngesifundo esilandelayo, nendlela yokuqondisa isithakazelo enhlanganweni.
LAPHO KWENZIWA USHINTSHO LWENSIMU
6 Lapho kwakhiwa amabandla amasha noma kunoshintsho lwensimu, kungase kube nesidingo sokudlulisela isifundo seBhayibheli osusiqalisile komunye ummemezeli. Ungase uhlele ukuba ummemezeli onekhono wakwelinye ibandla aye nawe kulesifundo. Ngemva kokuba sekudlule amasonto ambalwa, lowommemezeli usengaqala ukusiqhuba. Ukuqaphela ukuthi ukudlulisela isifundo kumane nje kungenye ingxenye yomsebenzi wokwenza abafundi kuyokushukumisela ukuba umenzele okungcono kakhulu umfundi.—Fil. 2:4.
7 UJehova ngempela ugcwalisa isithembiso sakhe ‘sokuzamazamisa bonke abezizwe’ futhi ugcwalisa indlu yakhe ngokunxanelekayo. (Hag. 2:7) Yeka ilungelo elimangalisayo esinalo lokusiza abanye ukuba bamazi futhi bamthande uJehova! Ngokusizana ngelungiselelo leSifundo Sencwadi Sebandla, kungenzeka ukuthi abaningi ngokwengeziwe kithi babe nenjabulo yokuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke.