Memezela Izindaba Ezinhle Ngesibindi
1 Ngokomlando, amaKristu eqiniso aziwa ngesibindi sawo. Umphostoli uPetru noJohane bayizibonelo ezivelele zalokhu. Naphezu kokuvalelwa ejele nokusongelwa, labaphostoli baqhubeka bekhuluma iqiniso ngokungesabi nangesibindi. (IzE. 4:18-20, 23, 31b) UPawulu naye waqhubeka ngesibindi nenkonzo yakhe ensimini enzima ngisho nakuba abhekana nokushushiswa okukhulu.—IzE. 20:20; 2 Kor. 11:23, 28.
2 Kwenzeka kanjani ukuthi naphezu kobunzima obukhulu, abaphostoli kanye namanye amaKristu kuwo wonke umlando babekwazi ukuqhubeka nokumemezela izindaba ezinhle ngesibindi? Umphostoli uPawulu uyawuphendula lowombuzo kweyoku-1 Thesalonika 2:2, lapho ethi, “Saba-nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.” Ngendlela efanayo, uPetru noJohane kanye nabanye abafundi babekwazi ukumemezela izindaba ezinhle ngesibindi. Ngemva kokuba bekhululiwe ezibophweni zasejele, uPetru noJohane babuyela kubafundi abakanye nabo. Ngomthandazo banxusa uJehova ukuba abanike isibindi namandla ‘sokukhuluma izwi lakhe ngaso sonke isibindi.’ UNkulunkulu wawuphendula ngokushesha lomthandazo lapho “bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.”—IzE. 4:29, 31.
UKUBONAKALISA UKUTHEMBELA KUJEHOVA
3 Abaphostoli babeqiniseka ukuthi uJehova wayebasekela. Zonke izithembiso uJehova ayezenzile ngeZwi lakhe zaziba yiqiniso. Futhi lezo ezazisazogcwaliseka zaqinisekiswa ngoJesu Kristu. Ingabe sinakho lokhu kuqiniseka okufanayo kokumemezela izindaba ezinhle ngesibindi? Nakuba singakhulumi ngezilimi noma siphilise abagulayo, nokho sinobufakazi obuningi bokusekela kukaJehova. Lapho sibona ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli, ingabe sishukunyiselwa ukuba sikhulume izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngesibindi?
4 Nokho, kumelwe kulindelwe ukuthi ukushumayela ngesibindi okunjalo kuyohlangabezana nokuphikiswa. (Joh. 15:20) Kwakunjalo ngoJesu nangamaKristu ekhulu lokuqala leminyaka. Kodwa lokhu akuzange kubaphazamise noma kunciphise intshiseko ababeshumayela ngayo. Eqinisweni, ukuphikiswa okunjalo ngokuvamile kwakubanikeza amathuba engeziwe okusakaza izindaba ezinhle zoMbuso. (IzE. 4:3, 8-13a) Ngenxa yokunamathela kwethu kobuKristu eZwini likaNkulunkulu ezimpikiswaneni ezibalulekile, ngokuvamile siyaye sicelwe ukuba sinikeze isizathu sokuma kwethu. Izikhathi ezinjalo sizibheka njengamathuba okumemezela izindaba ezinhle ngesibindi. Ngokwenza kanjalo, silingisa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe.
5 Ubuphayona obusizayo businikeza amathuba engeziwe okumemezela izindaba ezinhle. Abaningi bazoba amaphayona asizayo phakathi noApril noMay, kuyilapho abanye behlela ukwenza kanjalo phakathi nezinye izinyanga. Ingabe izimo zakho zizokuvumela ukuba ufake isicelo? Ngokwenza umzamo wokuhlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo, sizibonakalisa sinjengoPawulu noBarnaba. IzEnzo 14:3 zithi “bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo.” Uma sikwazi ukuthenga isikhathi kweminye imisebenzi ukuze sisebenzise okungenani amahora angu-60 enkonzweni yasensimini phakathi nenyanga eyodwa, ngokungangabazeki izibusiso zethu ziyokwanda.
6 Ukuba nesibindi enkonzweni kuwusizo ikakhulukazi lapho sihambisa izikhokhelo. Omagazini banesigijimi esisindisa ukuphila esisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Ngakho masingayekethisi kodwa sishumayele ngesibindi silingisa iSibonelo sethu, uJesu, kanye nabaphostoli bakhe.