Yiba Nesineke Futhi Ungashwampuluzi Enkonzweni
1 Umphostoli uPawulu walondoloza umuzwa ojulile ngomthwalo wemfanelo ayenawo phambi kukaJehova wokuba abe nesineke futhi angashwampuluzi njengoba ayeshumayela izindaba ezinhle kubo bonke ababeyomuzwa. Ngesibindi watshela ababonisi ababehlangene base-Efesu: “Ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube-yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.” (IzE. 20:24) Ingabe nathi sinawo umuzwa wemfuneko ebekwe kithi yokwenza okufanayo?—1 Kor. 9:16.
ENSIMINI ESETSHENZWA NJALO
2 Isineke siyadingeka ikakhulukazi lapho insimu yethu isetshenzwa njalo. Naphezu kokuba nensimu elinganiselwe, kufanele sishukumiseleke ukuba siye kuyo ngokuphindaphindiwe. Yenza umzamo wokuthintana nabo bonke abantu abahlala endlini ngayinye, futhi ubasize ngokuqhubekayo abantu abaqotho ukuba bazise ithemba loMbuso kaNkulunkulu elisekelwe eBhayibhelini.
3 Lapho insimu yethu isetshenzwa ngokuphindaphindiwe, enye inzuzo yokuba nesineke iwukuthi singajwayelana ngokomuntu siqu nabanini-khaya. Lokhu kungabenza bazizwe bekhululeke kakhudlwana ukuba bavule umnyango wabo. Kunokusikisela okuhle okusencwadini Ukubonisana esingakusebenzisa ukuze sishintshashintshe izethulo zethu ensimini esetshenzwa njalo.—Bheka Ukubonisana, amakhasi 9-15.
4 Kungase kube nezikhathi lapho sihambela abantu, okuthi nakuba bebonisa isithakazelo, bangazamukeli izincwadi zethu. Kufanele sisabele kanjani? Ukuzimisela kwethu ukungashwampuluzi kuyosishukumisela ukuba siphikelele ekuthuthukiseni lesosithakazelo. Ukuhlakulela lokho osekutshaliwe ezinhliziyweni zabo ngokuhamba kwesikhathi kungase kubashukumisele ekubeni bamukele isifundo seBhayibheli. Omunye umzalwane wahambela umninikhaya onesithakazelo amasonto ayisihlanu ngokulandelana kodwa engayithathi incwadi. Ngokuhambela kwesithupha, umnini-khaya wayamukela incwadi, futhi ekugcineni kwaqaliswa isifundo seBhayibheli.
UKUHAMBISA IZINCWAJANA
5 Phakathi kukaJuly noAugust, iSihloko sethu Sengxoxo siyothi “Umhlaba Omusha—Uyolethwa Ubani?” Lesihloko sivumelana nezimo kangangokuba singasetshenziswa lapho uhambisa noma iyiphi yalezincwajana ezilandelayo: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Uma siba nesikhathi sokujwayela lezincwajana, siyothola amaphuzu amaningi okukhulunyelwa afanelekayo angasetshenziswa neSihloko Sengxoxo.
6 Ngokwesibonelo, singazethula bese sithi: “Yini oyicabangayo ngokuthembisa komuntu ukuletha ukuthula komhlaba? [Lindela impendulo.] Qaphela indlela iBhayibheli elikhulumela ngayo amandla omuntu ngokuphathelene nalokhu. [Funda uJeremiya 10:23.] Emakhulwini amaningi eminyaka, umuntu uye wafakazela ukuthi ngempela akakwazi ukuzibusa. Nokho, phawula isithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekile. [Funda eyesi-2 Petru 3:13.] Ngakho isithembiso sikaNkulunkulu esithembekile somhlaba omusha siyogcwaliseka.” Uma sisebenzisa incwajana ethi “Bheka,” singadonsela ukunaka komnini-khaya kulokho okushiwo ekhasini 30, isigaba 58. Lapho sihambisa incwajana ethi UHulumeni, singaqokomisa lokho okushiwo esigabeni sokuqala ekhasini 3. Umfanekiso ongaphandle kwencwajana ethi Jabulela uyakhanga ngempela futhi uyafanelana neSihloko Sengxoxo. Futhi, kungasetshenziswa isigaba sesithathu esisekhasini 31 lencwajana ethi IGama LaPhezulu.
7 Ukuhlanganisa insimu yethu ngesineke nangokungashwampuluzi ngezindaba ezinhle kuyophumela ekusindisweni kwalabo abasilalelayo. (1 Thim. 4:16) Isikhathi siyaphela! Khona-ke, kwangathi singabonisa isineke futhi sifakaze ngokungashwampuluzi njengoba sihlanganyela ngokugcwele ekushumayeleni lesigijimi sensindiso.