IBhokisi Lemibuzo
â—¼ Uma umnini-khaya enikeza okungaphezu komnikelo osikiselwayo, ingabe kufanele sizizwe sishukunyiselwa ukuba simnikeze ezinye izincwadi?
Akudingekile ngempela. Ungasebenzisa ukwahlulela kwakho okuhle kulokhu, ucabangela isithakazelo asibonisayo ekufundeni lezincwadi. Ungase usikisele ukulethela umnini-khaya omagazini bethu abalandelayo ngemali esele yomnikelo futhi ngaleyondlela uqalise ukuhambela komzila kamagazini. Ekuhambeleni okulandelayo, izincwadi ezihlangabezana nesidingo esikhethekile somnini-khaya zingashiywa. Uma umnini-khaya ethatha isinyathelo kuqala sokukhipha omunye umnikelo, lowomnikelo ungamukelwa ngomusa. Khumbula ukuthi iminikelo isekela izici ezihlukahlukene zomsebenzi wethu womhlaba wonke, ohlanganisa isimiso sethu sokwakha, izithunywa zevangeli, umsebenzi wamaphayona akhethekile, ngaphandle kokunyathelisa kwethu izincwadi. Ngakho-ke, ungayamukela iminikelo, futhi ngaphandle kokuhambisa ezinye izincwadi noma omagazini, uyifake ebhokisini lomnikelo leNhlangano eHholo lenu loMbuso noma uyithumele ngokuqondile eNhlanganweni.