Hlwanyela Kakhulu Ukuze Uvune Kakhulu
1 Umlimi ngamunye uyazi ukuthi uma ehlwanyela imbewu yakhe kakhulu, ngokunokwenzeka uyovuna isivuno esikhulu, kodwa uma ehlwanyela okuncane, ngokuqinisekile uyovuna kancane. (2 Kor. 9:6) Mhlawumbe akukho ndawo lapho lesihloko sifaneleka khona kahle kunasekunikezeni kwethu ubufakazi. Ngokusobala lapho sichitha isikhathi esengeziwe ekufakazeni, makhulu amathuba okuthi sivune ngokuba nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo, izimpindelo ezithelayo, nezifundo zeBhayibheli zasekhaya ezikhiqizayo.
2 Sifuna nokuhlwanyela kakhulu lapho kuziwa komagazini, izincwajana ezingangomagazini, nezinye izincwadi. Ngezinye izikhathi singazinqwabelanisa emashalofini ekhaya kuyilapho bezingasetshenziselwa ukwenza abafaneleyo abasensimini yethu ukuba bafinyelele ulwazi lweqiniso. (Qhathanisa noMathewu 25:25.) Ake sicabangele indaba yokuhanjiswa komagazini. Kuye kwaba nokwehla okuqhubekayo komagazini esibahambisayo. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1993 abamemezeli eNingizimu Afrika, ngokwesilinganiso bebehambisa omagazini abangu-4,2 inyanga ngayinye. Nakuba kungenzeka ukuthi kunezizathu eziningi ezibangela lokhu, kuhlanganise nezimo ezingezinhle zezomnotho, sikholelwa ukuthi abamemezeli abaningi abasihleli isikhathi sokuhlanganyela emsebenzini kamagazini njalo. Emabandleni amaningi kuye kwahlelwa uSuku Lukamagazini lwamasonto onke lapho ibandla lonke lingahlanganyela khona kulesisici esibalulekile sokuhlwanyela kakhulu imbewu yoMbuso. Esikhundleni sokubekela eceleni uMgqibelo owodwa noma emibili nje inyanga ngayinye, abadala kufanele benze amalungiselelo omsebenzi kamagazini owenziwa ngayo YONKE iMigqibelo.
3 Kwezinye izindawo abazalwane baye bakuthola kunzima ukuhambisa omagazini ngenxa yodlame oluqhubekayo emalokishini. Abadala kufanele baqondise abamemezeli ukuba bagxile ezindaweni ezithé ukuba nokuthula. Uma kungenakwenzeka ukuhlanganyela ekufakazeni emigwaqweni, khona-ke kwenzeni endlini ngendlu. Imizila kamagazini ingenye indlela enhle yokwandisa omagazini esibahambisayo futhi ekugcineni siqalise izifundo zeBhayibheli.
4 Enye indawo esifuna ukuhlwanyela kakhulu kuyo kusemsebenzini wethu wezifundo zeBhayibheli. Ngo-August 1993, eNingizimu Afrika kwabikwa inani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-63887. Lokho kuhle kakhulu futhi sifuna ukuncoma bonke labo abaye bahlanganyela kulomsebenzi obalulekile. Lapho umlimi ehlwanyela imbewu, ulindela ukuvuna isivuno esihle. Ngakho ezifundweni zeBhayibheli ezingaphezu kuka-63 000 eziqhutshwayo, ingabe akufanele yini sivune ukwanda okuqhubekayo ngokuba sibe nabafundi abasha nyanga zonke?
5 Ukuze sivune imiphumela enjalo kufanele sizimisele ukuzikhandla futhi sisebenzise konke ukusikisela okuhle esiye sakuthola ku-Nkonzo Yethu YoMbuso yamuva ngokuphathelene nezifundo zeBhayibheli. Ingabe wena ngokwakho uye wakusebenzisa konke lokhu kusikisela? (Bhekisela ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June kuya ku-December 1993.) Kungani ungenzi amakhophi alezizihloko futhi uwagcine ngemva kwencwadi yakho ethi Ungaphila Phakade nethi Ubunye Ekukhulekeleni ukuze ubhekisele kuzo njalo? Umbonisi wenkonzo kanye nabaqhubi bezifundo zencwadi nabo bayofuna ukusebenzisa lezizihloko ukuze basize bonke ebandleni ukuba baphumelele ngokwengeziwe ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli, ngaleyondlela baqiniseke ukuthi kuba nesivuno esihle sabafundi abasha.—Math. 28:19, 20.
6 Sonke kufanele sizibuze, Ingabe ngingahlwanyela ngokwengeziwe enkonzweni? (1 Thes. 4:1) Kungani ungahlali phansi futhi ucabangele, ngokomuntu siqu noma njengomkhaya, indlela ongahlanganyela ngayo kakhudlwana ekuhanjisweni kukamagazini. Uma ungenaso isifundo seBhayibheli manje, kwenze lokhu kube indaba yomthandazo futhi uzikhandle ensimini ukuze usithole. Uma sikhona isifundo osiqhubayo, sebenzisa ukusikisela okunikezwa ngenhlangano kaJehova ukuze uqiniseke ukuthi uyovuna imiphumela efiselekayo. Ngokwenza lokhu siyovuna kakhulu ngokwengeziwe kube udumo kuJehova.