Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngezifundo ZeBhayibheli
1 ENingizimu Afrika kulonyaka odlule wenkonzo, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-43 000 inyanga ngayinye. Mhlawumbe cishe ingxenye yabamemezeli abangu-44 000 abakulelizwe iye yaba nengxenye kulomsebenzi ojabulisayo. Yebo, uma kuwukuthi bacishe babe yingxenye abamemezeli abahlanganyela kulomsebenzi, kuyosho ukuthi bonke abanye abazange bahlanganyele kuwo. Kungenzeka kanjani ukuthi abengeziwe bethu bajabulele ukwaneliseka okukhethekile kokufundisa othile iqiniso?
2 Ngenxa yokuthi sithanda uNkulunkulu nomakhelwane, sifuna ukuhlanganyela iqiniso nabanye. Kodwa sidinga usizo oluvela kuJehova enkonzweni yethu. (1 Kor. 3:6, 7) Nokho, ingabe bekungenakuba kuhle yini ukuya kuJehova ngomthandazo futhi simcele ukuba asisize siqalise isifundo seBhayibheli sasekhaya? (1 Joh. 5:14,15) Khona-ke kumelwe senze ngokuvumelana nesicelo sethu futhi sihlanganyele enkonzweni yasensimini ngokugcwele ngendlela izimo zethu ezisivumela ngayo, sisikisele isifundo seBhayibheli sasekhaya noma nini lapho ithuba livuleka.
AMATHUBA AMANINGI
3 Eminyakeni embalwa edlule, siye sahambisa izigidi zezincwadi, izincwajana, nezincwajana ezingangomagazini kubantu ensimini. Phakathi kwezinye, izincwadi ezinjengethi Ungaphila Phakade, Ukuthula Kweqiniso, nethi iQiniso, zingatholakala emakhaya ezinkulungwane zabantu abangebona oFakazi BakaJehova. Lokhu kunikeza insimu enkulu yethuba lokuqalisa izifundo ezintsha zeBhayibheli.
4 Lapho umninikhaya esitshela ukuthi ujwayelene nomsebenzi wethu noma ukuthi kakade usenazo izincwadi zethu, kufanele simtshele ukuthi siyakujabulela kakhulu lokho. (Bheka Ukubonisana, ikhasi 20.) Uma enencwadi, singasikisela ngomusa ukuba ayilethe futhi simbonise izici ezithile ezithakazelisayo ezingaba yinzuzo kuye nasemkhayeni wakhe. Uma evuma, singase sisikisele isifundo seBhayibheli.
5 Enye indlela yokwenza lokhu okungenhla ingaba ukuthi thina sithathe isinyathelo kuqala futhi sibuze ukuthi umninikhaya unazo yini izincwadi zethu. Lokhu kungaphumelela ikakhulukazi ensimini esihambise kuyo izincwadi eziningi. Ngemva kwesethulo esinobungane, singase sisho ukuthi ngenxa yokuhambela kwethu njalo, abaningi bomakhelwane bethu banazo izincwadi zethu. Sinesithakazelo sokubona abantu bezuza ekwazisweni okunyathelisiwe. Khona-ke singabe sesibuza umninikhaya ukuthi unayo yini noma iyiphi yezincwadi zethu. Uma enayo, singase sicele ngomusa ukuba siyibone bese sisikisela ukumbonisa indlela yokuyifunda. Ukumbonisa kafushane kungase kuphumele esifundweni seBhayibheli sasekhaya. Uma engenazo izincwadi zethu, singase simhambisele isipho esihanjiswayo noma simbuze ngokuqondile ukuthi umkhaya wakhe ubungenakuthanda yini ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
SEBENZISA UKUQAPHA
6 Njengoba abantu bematasa, kuwukuhlakanipha ukuqapha futhi singahlali isikhathi eside ngokweqile lapho samukelwe. Izifundo zokuqala ezimbalwa zingase zithathe nje imizuzu ecishe ibe ngu-15. Uma umninikhaya azi ukuthi ngeke kuthathwe isikhathi sakhe esiningi, angase akuthande ukuba simvakashele njalo. Lapho isifundo sesimisiwe futhi isithakazelo somninikhaya sesithuthukile, kungachithwa isikhathi esithe xaxa esifundweni. Yebo, abanye bangase bathande ukufunda isikhathi eside zisuka nje.
7 Kunabantu abanjengezimvu ensimini abadinga usizo lwethu, futhi abaningi babo banazo izincwadi zethu. Ngokungangabazeki, abanye bayabubula futhi bayakhala ngenxa yezinto ezinyanyekayo ezenziwa emhlabeni namuhla. (Hez. 9:4) Kuyilungelo lethu ukuba singasakazi nje kuphela izincwadi ezimemezela uMbuso kodwa futhi sifinyelele abantu abanhliziyo ziqotho ngeqiniso ngezifundo zeBhayibheli.—Math. 28:19, 20.