Imihlangano Yenkonzo Yasensimini
September 30–October 6: Uhambisa umagazini wePhaphama!
(a) Uyosihlanganisa kanjani iSihloko Sengxoxo nesipho?
(b) Ikuphi ukwaziswa okusekhasini 4 no-5 likamagazini ngamunye okungase kusetshenziswe?
October 7-13: Izethulo
(a) Kungani kubalulekile ukuba nesethulo esivusa isithakazelo? (rsZU k. 9)
(b) Isiphi isethulo osisebenzisayo?
October 14-20: Usebenzisa ISihloko Sengxoxo
(a) Ubungathini uma umninikhaya ethi unenkolo yakhe? (rsZU kk. 18-19)
(b) Ubungathini uma umninikhaya ekutshela ukuthi akanasithakazelo? (rsZU k. 16)
October 21-27: Lapho wenza izimpindelo
(a) Ikuphi ukulungiselela okudingayo?
(b) Uzethula kanjani lapho uphindela okwesibili?
October 28–November 3: Lapho sisebenzisa isipho sikaNovember
(a) Imaphi amaphuzu akhethekile avela encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu angase aqokonyiswe? (b) Imiphi imifanekiso ozoyisebenzisa ukuze uvuse isithakazelo ngencwadi?